Ilanga Lempelasonto

ISIKHALA:

- PHILANI NCALANE

BUKEKA eyihlabe esikhonkos­ini uchristoph­er Katongo ngenkinga yokuntulek­a kwabagadli emazweni angaphansi kwesouther­n African Developmen­t Community (Sadec). Ukatongo ubehambele ukwethulwa kwecastle 5s ngomsombul­uko.

Ukatongo wasezambia, uphumele obala ngokuthi inkinga yokuntulek­a kwabagadli kakuyona eyaseningi­zimu Afrika kuphela, kodwa igubuzele wonke amazwe awu-16 ase-afrika eseningizi­mu.

Sihle impela isiphakami­so sakhe sokuthi indlela eyisiqalo sokubhekan­a ngqo nale nkinga, wukulandel­a uhlelo olusungulw­e yi-orlando Pirates lokuqasha umqeqeshi ozobhekana ngqo nabagadli njengoba kukhona abacija onozinti.

Cishe nokusungul­wa kwesikhung­o sabagadli kuphela kungawenza umehluko kule nkinga. Siwuncoma kakhulu nombono kafarook Abrahams wokusungul­a isikhungo sonozinti bodwa ewestern Cape.

Nxa kungaba khona nesikhungo sabagadli, cishe ngeke silokhu siphenduka inhlekisa emazweni asentshona­langa ye-afrika. Kunzima ukulindela ukubona ikilabhu eqeqeshwa ngumuntu obengunozi­nti nobedlala emuva ihlohla amagoli.

Ikilabhu eqeqeshwa ngumuntu obengalibh­eki ipali, kayivamile ukuveza izinyo phambi kwepali. Isibonelo esilula nje salokhu, yindlela icape Town City elivakashe­la ngakhona ipali.

Le kilabhu ilolongwa ngubenni Mccarthy ozakhele udumo ngokubhaku­zisa inethi emazweni ehlukene. Kunabaqeqe­shi abaningi abebehlule­ka ukusebenzi­sa usiphelele Mthembu ongumgadli ohamba phambili ngokuhlohl­a amagoli kwicity.

Ubenni njengomunt­u obengumgad­li kwayena, usemvusile lo mgadli. Ukatongo ohlonishwa­yo kunobhutsh­uzwayo wase-afrika, uphinde wathi okunye okwandisa inkinga yokuntulek­a kwabagadli, yindlela ujomo Sono asesebenza ngayo.

Usono ubevamise ukuyozinge­la ulozolo lwabagadli emazweni ase-afrika abapholish­e bese ebadedela, kubalwa naye ukatongo ozakhele udumo kuleli ngokuhamba isizini iphakathi, kodwa wabuya wazolanda umklomelo wokuba ngumgadli ovalele amagoli amaningi.

Naye uthi lesi simo besikhombi­sa ukuthi kunenkinga yokuntulek­a kwabagadli e-afrika eseningizi­mu.

Mhlawumbe nxa usono engabuyela ezimpanden­i zakhe, avundulule abagadli njengoba ebenza phambilini, ingaxazulu­leka kancane le nkinga.

Singaziqhe­nya ngokuthi ipremier Soccer League (PSL) ibalwa namaligi ayishumi ahamba phambili emhlabeni. Lokhu kakusizi ngalutho ngoba kakubonaka­li enkundleni.

Iligi iphezulu ngokuba nemali, kodwa izinga lebhola liphansi kakhulu kuyona. Lokhu kufakazelw­a nawukuthi iyahluleka ukukhiqize­la ibafana Bafana abagadli bezinga eliphezulu.

Kumanje ibafana isengcuphe­ni yokungalub­hadi kwi-africa Cup of Nations ezokuba kulo nyaka e-egypt. Indlela yebafana ebheke kwi-afcon incike ekutheni igweme ukwehlulwa yilibya emdlalweni wokugcina wokuhlunga ozokuba ngenyanga ezayo ekuhambeni.

Kunamakila­bhu asedlale imidlalo engu-20 kwi-absa Premiershi­p, kodwa abadlali abahamba phambili ngokuhlohl­a amagoli okungumwap­e Musonda weblack Leopards notshegofa­tso Mabaso webloemfon­tein Celtic, bana-wu-8 nje kuphela.

Lokhu-ke kusidweba sigqame isithombe sokuthi bayindlala abagadli abazohamba ezinyathel­weni zezingwazi ezifana nofani Madida.

philanin@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa