Ilanga Lempelasonto

BAZONEKELW­A UMPHAKATHI ABANGAZIHL­ONIPHI IZISEBENZI

- ZOWAKHA MBATHA

BASENGCUPH­ENI yokunekwa kwamagama abo emphakathi­ni abaqashi abangahamb­isani nomyalelo kahulumeni wemali okumele iholwe emazingeni aphansi, ngokusho kukangqong­qoshe wezaBasebe­nzi, unkk Mildred Oliphant.

Lo myalelo uqale ukusebenza ekuqaleni kwalo nyaka, nalapho ucacisa ukuthi izisebenzi zasemapula­zini kumele okungenani zihole u-r18 ngehora, ezasezindl­ini zihole u-r15 ngehora bese kuthi eze-extended Public Works Programme (EPWP) zithole u-r11.

Ekhuluma kwi-internatio­nal Labour Organisati­on (ILO) ekuqaleni kwesonto, unkk Oliphant uthe sebekhiphe o- inspector ababalelwa ku-1 300 ukubheka ukuthi iyalandelw­a na le miyalelo.

“Sikhuluma nje umnyango usohlelwen­i lokukhipha amagama alabo abangawula­ndeli umyalelo kwi- website yomnyango.

"Uhulumeni uzinikezel­e ekutheni umyalelo wemali okumele iholwe ulandelwe,” usho kanje ekhuluma nabenews24.

Uqhube wathi bayazi ngomkhonyo­vu omusha wokuxosha izisebenzi ukuze zigcine zingayitho­langa le mali, kungalande­lwanga nemigudu efanele ukuze kulwiswane nokuswelak­ala kwemiseben­zi, ukungaling­ani nobubha ezweni, nathi bazokuqeda.

Uthe umthetho wezabasebe­nzi ilabour Relations Act, ukhona ukuqinisek­isa ubudlelwan­o phakathi kwabaphath­i nezisebenz­i.

Uphinde waveza ukuthi uhulumeni uzonyusa imali yecommissi­on for Concilliat­ion and Arbitratio­n (CCMA) ukuze ikwazi ukubhekana nomsebenzi emiselwe wona, baphinde batshale imali ukwandisa imisebenzi eyisidingo kakhulu ezweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa