Ilanga Lempelasonto

I-KZN IHLEKA YODWA NGEZIVAKAS­HI UMA KUYIPHASIK­A

- LUCKY CAIN

zakuleli kuphela, kodwa bemukela nalezo eziqhamuka kwamanye amazwe.

“Ngingasho ukuthi ukuba nendiza esuka ngqo elondon iza ethekwini, kusivulele amathuba amaningi okwamukela izivakashi. Okuhle wukuthi kuzothi nje uma kuphela iphasika, sibe siqala ukwamukela ezinye izinkulung­wane zezivakash­i ezizobe zize kwi-africa Travel Indaba,” kusho yena.

Uthi le Indaba ihlanganis­a amazwe ase-afrika awu-19, kodwa iheha izivakashi eziqhamuka naphesheya kwezilwand­le.

Unkz Galelekile uthi basazoqhub­eka nomkhankas­o wabo WE-#DOKZN kwazise ziningi izindawo izivakashi okusamele zizazi. Unxuse ukuba abantu bazijwayez­e ukuvakashe­la izindawo ezikhona kulesi sifundazwe. Uthi yingakho sebeze basungula ne-app okuyiyona esiza izivakashi ngezindawo ezikhona ezingabath­okozisa kulesi sifundazwe.

Uphinde waveza nokuthi abantu bangacaban­gi ukuthi uma sebefike ethekwini, basuke sebephelel­e, uthi ziningi izindawo ezinolwand­le, ezinezilwa­ne, izintaba nomlando abangaziva­kashela.

Uveze ukuthi ngeke akwazi ukusho ukuthi balindele izivakashi ezingakana­ni njengoba kuza amaholide ephasika. Nokho ugcizelele ukuthi noma ngabe isibalo singakanan­i, bakulungel­e ukusimumat­ha.

Uphethe ngokuveza ukuthi bayanda abatshali bemali kwezokuvak­asha abakhombis­a intshiseke­lo Kwazulu-natal, okwenza umnotho ukhule futhi namathuba emisebenzi aqhubeke nokwanda. lucky.cain@ilanganews.co.za

 ??  ?? ULWANDLE ngenye yezindawo ethandwa kakhulu yizivakash­iu eziza ethekwini.
ULWANDLE ngenye yezindawo ethandwa kakhulu yizivakash­iu eziza ethekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa