Ilanga Lempelasonto

UZALO

-

UGABISILE uzama ukududuza unokwanda. Umangcobo nguye ohola phambili ukudunwa kwezimoto kanti upolite uba senhlanhle­ni enkulu nokwenza ufikile abe nomona. Isazela kuqhabanga simenza ahluleke wukuziphat­ha ngendlela okuyiyo. Unjeza uyaxakeka ukuthi kungani unonka ekhala. Usbu ubuza ufikile ukuthi uzizwa kanjani ngaye. Abafana bakankunzi kabawenzi kahle umsebenzi bagcine besizwe ngomunye umuntu. Umondli akazimisel­e ngokuhlehl­a nyovane, ukuqinisa ikhanda lakhe kugcina kuvune izithelo, kanti ufikile usolwa ngokuba nomona. Unjeza uvuleka amehlo ukuthi kanti umndeni wakhe umthanda kangakanan­i. Ugabisile kumele anyakaze ngokushesh­a njengoba umondli kukhona akusolayo, umangcobo wethusa unjeza. ISIFISO sikampho sokuba nomntwana sigcina simenze angacabang­i kahle. Umona udlala ngomoliehi. Umpfaren ucabanga ukuthi kukhona okungahamb­i kahle. Uvho-masindi kukhona akuphathel­e ulindelani. Umoliehi utshela uskhu izindaba abengazili­ndele. Umpfareni ubecabanga okuyikho useani usebuyile. Uvho-masindi usebenzisa umlingo wakhe kulindelan­i. Uskhu utshela umoliehi ukuthi makayeke ukuzenzisa. Uvhangani uthola incwadi eyenza kube nzima ukwenza isinqumo. Ulindelani ubuzwa ngokuqamba amanga kwakhe. Kanti noseani naye ukhokhela izenzo zokuba ngumkhaphe­li.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa