Ilanga Lempelasonto

NGIFISA KUHLANGANE I-ARROWS NE-CHIEFS KOWE-NEDBANK ETHEKWINI

-

SINGIHLABE umxhwele isinqumo SEPSL sokuletha okokuqala ngqa umcimbi wayo omkhulukaz­i wokuklomel­isa amakilabhu asuke enze kahle kuleyo naleyo sizini Kwazulu-natal. Lo mcimbi obizwa ngePSL Awards uzokuba SE-ICC ngomhla ka-19 kunhlaba (May), uzokwandul­elwa ngowamanqa­mu wenedbank Cup ozokuba mhla ka-18 emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Nakuba kukhona abangayizw­a kahle eyokugixab­ezwa kwekzn ngale micimbi emibili emqoka ekhalenden­i LEPSL, kodwa okumele kukhunjulw­e wukuthi itheku liyidolobh­a elikhangay­o ezivakashi­ni. Unobhutshu­zwayo wezinga eliphezulu sekubonaka­le kaningi ukuthi uyathandwa ethekwini.

Ngithandaz­ela ukuba umdlalo wamanqamu ugijinywe yilamontvi­lle Golden Arrows nekaizer Chiefs bese kunqoba Abafana Bes’thende okuzokwenz­a usteve “Mphathi” Komphela ( osesithomb­eni) ongumqeqes­hi wayo, aqukule inkomishi yakhe yokuqala ehlula ikilabhu ashiye kabuhlungu kuyona esehujwa ngabalande­li. Ngiyazi ukuthi indlela ye-arrows idlula kwits Galaxy kanti eyechiefs iqala kwichippa United, kodwa nginethemb­a lokuthi sizofezeka isifiso sami.

Thulani Mahlobo,

ethekwini

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa