LUCKY CAIN
“Ngithole nje ixhokovana engizolakha bese ngifuya imfuyo,” kusho lo mlingisi eveza nokuthi uyazi ukuthi inkaba kayise ikwazulu-natal. Uveze ukuthi uma ezihlalele, engasebenzi, ukhonze ukuzihlalela kwakhe, aqhube umsebenzi webhizinisi lakhe nomkakhe, angafunanga ukumdalula.
Uthi ibhizinisi labo lihlanganisa ezokuxhumana nokukhiqiza imidlalo kamabonakude. Uthi okwamanje kawukho umdlalo abaphezu kwawo, kodwa maduze kukhona abazosebenza phezu kwakho.
Uphethe ngokuthembisa ukuthi usazobonakala kulo mdlalo, kanti ababukeli mabalindele izimanga ezizobashiya benkemile njengoba izinxushunxushu zisaqhubeka emndenini wakwakhoza nowakwamabuza eyizimbangi ezinkulu kwithe Queen. Uvale ngokuthi nakuba engakufihli ukuthi unamadodana amabili, kodwa akathandi ukuqhakambisa umndeni wakhe.