Ilanga Lempelasonto

LUCKY CAIN

-

“Ngithole nje ixhokovana engizolakh­a bese ngifuya imfuyo,” kusho lo mlingisi eveza nokuthi uyazi ukuthi inkaba kayise ikwazulu-natal. Uveze ukuthi uma ezihlalele, engasebenz­i, ukhonze ukuzihlale­la kwakhe, aqhube umsebenzi webhizinis­i lakhe nomkakhe, angafunang­a ukumdalula.

Uthi ibhizinisi labo lihlangani­sa ezokuxhuma­na nokukhiqiz­a imidlalo kamabonaku­de. Uthi okwamanje kawukho umdlalo abaphezu kwawo, kodwa maduze kukhona abazoseben­za phezu kwakho.

Uphethe ngokuthemb­isa ukuthi usazobonak­ala kulo mdlalo, kanti ababukeli mabalindel­e izimanga ezizobashi­ya benkemile njengoba izinxushun­xushu zisaqhubek­a emndenini wakwakhoza nowakwamab­uza eyizimbang­i ezinkulu kwithe Queen. Uvale ngokuthi nakuba engakufihl­i ukuthi unamadodan­a amabili, kodwa akathandi ukuqhakamb­isa umndeni wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa