EKHISHINI:
Ukwenza i-cheese sauce uzodinga: Indlela yokwenza i-sauce Ukwenza amaveji: Inyama: * Izingcezu zenyama yenkukhu eziwu-8/10 (chicken thighs) * Uhhafu wenkomishi ye-olive oil
* Uhhafu wenkomishi ye-lemon juice
* Amakhasi kalamula owu-3 agreyithiwe (lemon zest) * Amaqhuzu egarlic awu-4-5, agayiwe
* Isipuni esisodwa se-rosemary (iqotshwe ibe ncane) * Amathisipuni awu-2 e-thyme (iqotshwe ibe ncane) * Ithisipuni eyodwa nohhafu kasawoti omahhadla (coarse salt) * Ithisipuni eyodwa nohhafu ye-ground black pepper
INDLELA YOKWENZA:
Beka inyama esitsheni esivulekile esishone phansi, unandise ngosawoti no-pepper.
Hlanganisa zonke izithako bese uzithela phezu kwenyama, ulokhu uyiphendula ukuze igcobeke kahle yonke.
Cindezela inyama endishini, ukuze icwile kahle. Yemboza indishi nge-plastic wrap, bese ufaka efrijini isikhathi esingaba ngamahora awu-4 kuya kwawu-8, ulokhu uyiphendula inyama.
Uma isicwile kahle inyama, lungisa i-grill yakho. I-gas grill kumele ishise kancane, kanti uma kungeyamalahle kumele isayidi elilodwa libe namalahle ambalwa kunelinye.
Beka inyama esayidini elipholile le-grill, isayidi elinesikhumba libe ngaphezulu, upheke kube yimizuzu ewu-10-12, kuze kuba ingaphansi liba golden brown.
Phendula inyama kanye, uyipheke kube yimizuzu eshiwo ngenhla noma kuze kube iyavuthwa.
Susa inyama kwi-grill uyiyeke iphole, uyemboze nge-foil kube yimizuzu ewu-5 ngaphambi kokuba idliwe. Okwangaphakathi (stuffing): Ukwenza i-sauce: