Ilanga Lempelasonto

Usuthu engcupheni yokushiywa wumdlali

Udarpoh uyozama inhlanhla espain

- SENZO SOKHELA

ASENGCUPHE­NI yokulahlek­elwa ngumdlali omqoka amazulu FC njengoba kuvela ukuthi angase alibhekise espain uma kuphela isizini ukuyozama inhlanhla kwenye yamakilabh­u anomlando akhona.

Amazulu FC azobhekana nomkhaya ilamontvil­le Golden Arrows kowe-absa Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-15h00 esugar Ray Xulu Stadium, eclermont ngaphandle kancane kwasePinet­own.

Leli phephandab­a lithole ngemithomb­o yalo engaphakat­hi osuthwini ukuthi usamuel Darpoh (21) ongowokuda­buka eghana angase ayishiye le kilabhu uma kuphela isizini njengoba kuvela ukuthi umenywe yi-espanyol yaseSpain ukuba ayozama inhlanhla kuyona.

Kuthiwa vele le kilabhu seyimbone kaningi lo mdlali selifuna ukumbukela eduze.

Lo mdlali umenywa espain nje, usanda kuvuselela inkontilek­a yakhe nosuthu ngeminyaka emithathu.

Leli phephandab­a lishayela ubrilliant Mkhathini wezokuxhum­ana osuthwini ngalolu daba uthe: “Siyafisa ukuthi naye abe yingxenye yalabo badlali abazoya kwi-espanyol ngenxa yalobu budlelwano esizama ukubakha nayo.

"Kodwa-ke akusiyena yedwa, bakhona nabanye abangase bathole ithuba lokuya espain yikhona nje ukuthi kusaxoxwa akukavunye­lwana,” kusho umkhathini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKKPAGEP­IX ?? USAMUEL Darpoh wosuthu odabuka eghana angase ayishiye le kilabhu njengoba eyozama inhlanhla kwi-espanyol yasespain.
ISITHOMBE NGABE: BACKKPAGEP­IX USAMUEL Darpoh wosuthu odabuka eghana angase ayishiye le kilabhu njengoba eyozama inhlanhla kwi-espanyol yasespain.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa