Usuthu engcupheni yokushiywa wumdlali
Udarpoh uyozama inhlanhla espain
ASENGCUPHENI yokulahlekelwa ngumdlali omqoka amazulu FC njengoba kuvela ukuthi angase alibhekise espain uma kuphela isizini ukuyozama inhlanhla kwenye yamakilabhu anomlando akhona.
Amazulu FC azobhekana nomkhaya ilamontville Golden Arrows kowe-absa Premiership namuhla ngesonto ngo-15h00 esugar Ray Xulu Stadium, eclermont ngaphandle kancane kwasePinetown.
Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo engaphakathi osuthwini ukuthi usamuel Darpoh (21) ongowokudabuka eghana angase ayishiye le kilabhu uma kuphela isizini njengoba kuvela ukuthi umenywe yi-espanyol yaseSpain ukuba ayozama inhlanhla kuyona.
Kuthiwa vele le kilabhu seyimbone kaningi lo mdlali selifuna ukumbukela eduze.
Lo mdlali umenywa espain nje, usanda kuvuselela inkontileka yakhe nosuthu ngeminyaka emithathu.
Leli phephandaba lishayela ubrilliant Mkhathini wezokuxhumana osuthwini ngalolu daba uthe: “Siyafisa ukuthi naye abe yingxenye yalabo badlali abazoya kwi-espanyol ngenxa yalobu budlelwano esizama ukubakha nayo.
"Kodwa-ke akusiyena yedwa, bakhona nabanye abangase bathole ithuba lokuya espain yikhona nje ukuthi kusaxoxwa akukavunyelwana,” kusho umkhathini.