UFUZILE ETHUBENI LOKULWELA ESE-IBF
UZIBEKE ethubeni lokulwela ibhande elikhulu le-international Boxing Federation (IBF) u-azinga "Golden Boy" Fuzile ( osesithombeni) ngokuvikela elincane lale nhlangano ebalwa nezihamba phambili.
Ufuzile uhlule ngamaphuzu uromulo Koasicha ngesikhathi evikela ibhande LE-IBF InterContinental junior lightweight ngeledlule kwanongeza Jebe Hall, ebhayi.
Ubelivikela okokuqala selokhu elithathe lingaphethwe muntu edlula ku-ibrahim Mgender waseTanzania ngozibandlela (December) nyakenye e-orient Theatre e-east London.
Umqeqeshi kafuzile ucollin "Nomakanjani" Nathan udalule ukuthi I-IBF ibabhalele incwadi ebanxusa ukuba bakhiphane ukwazi nokenichi Ogawa wasejapan empini yokuhlungela ozobhekana nompetha utevin Farmer wase-united State of America.
Unathan uchaze u-ogawa njengomshayisibhakela oyingozi kwazise ukleliswe endaweni yesihlanu ezilinganisweni ZE-IBF kanti ibhokisa lakhe lihlezi kweyesithupha. U-ogawa unerekhodi lokunqoba izimpi ezingu-23 kanti usahlulwe kanye. Ufuzile yena akayazi induku ezimpini ezingu-14.
"Izindaba ezimnandi lezi ekhempini yethu ihotbox Gym. Ngesikhathi ngimsusa e-eastern Cape ufuzile yingoba bengibona ikhono analo.
"Uzojabulisa abantu bakuleli ngokuphatha ibhande lenye yezinhlangano ezihlonishwayo emhlabeni.
"Okusisalele manje ukuthi sizikhandle kanzima ejimini ngoba lo muntu esizobhekana naye akayona insangu," kusho unathan.