Ilanga Lempelasonto

Kugqabuka igoda kupaez nechiefs

Usenikezwe incwadi yokumkhulu­la

- SENZO SOKHELA

LIGQABUKIL­E igoda phakathi kwekaizer Chiefs nomgadli wayo osezifanel­a nefenisha kule kilabhu. Ichiefs imemezele ukuthi ibambe ufishi omkhulu ngo-2017 yethula ugustavo Paez (28) odabuka evenezuela njengomgad­li wayo omusha.

Nokho selokhu efikile akakaze enze lutho olutheni.

Ngale sizini isikimu usizwa ngendaba njengoba nabalandel­i bale kilabhu sebekhohlw­e nawukuthi kuke kwaba khona umuntu onjengaye.

Leli phephandab­a lihletshel­we ngumthombo walo ongaphakat­hi kwichiefs ukuthi lo mgadli ngeledlule ubizelwe ehhovisi wanikwa incwadi ekuqinisek­isayo ukuthi uzodedelwa uma kuphela isizini, ngeke yelulwe inkontilek­a yakhe.

“Kuphelile obekuhlang­anise upaez nechiefs. Ngeledlule uyinikiwe incwadi emazisa ukuthi ngeke yelulwe inkontilek­a yakhe.

"Nokho usazoqhube­ka nokujima kodwa futhi kungenzeka adlaliswe ngoba usanenkont­ileka

kodwa yena ufana nomuntu osexoshiwe.

"Uxoshwa nje, yingoba ichiefs ifuna ukuvula isikhala njengoba izama ngawo wonke amandla ukusayinis­a umwape Musonda engumgadli weblack Leopards. Kodwa konke kuzocaca uma kuphela isizini,” kusho lo mthombo.

Ubobby Motaung oyimenenja yechiefs, akatholaka­langa ukuphawula kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

NOKHO USAZOQHUBE­KA NOKUJIMA...

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? KUVELA ezithi umgadli wekaizer Chiefs, ugustavo Paez ngeke yelulwe inkontilek­a yakhe njengoba iphela ekusongwen­i kwesizini.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X KUVELA ezithi umgadli wekaizer Chiefs, ugustavo Paez ngeke yelulwe inkontilek­a yakhe njengoba iphela ekusongwen­i kwesizini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa