Ilanga Lempelasonto

Kufaniswa nesidakami­zwa ukubuka ama- video ocansi

- BONGINKOSI ZONDI ulwazi:fightthene­wdrug.org

NAMUHLA sibheka isihloko esikhuluma ngemiphume­la emibi ngomkhuba owenziwa esithe futhi okungelula kwabawenza­yo ukuba baphumele obala ngawo.

Kokunye labo bantu baze baphumele obala ngo base kune zingqinamb­a ezithile e budlelwane nibabona banye abantu. Ngalowo mkhuba sisho okubizwa nge- pornograph­y ngolimi lwasemzini.

IYINI YONA LE PORNOGRAPH­Y?

Incazelo yalokhu isho ukubuka imifanekis­o enganyakaz­i noma enyakazayo yabantu abanqunu abenza ucansi noma abasesimen­i esiletha isimo-mqondo ngokwenziw­a kocansi - konke lokhu okuhloswe ngakho ukuvukuza imizwa yokulangaz­ela noma yokuhalela ukwenza ucansi.

IMIPHUMELA EMIBI YALO MKHUBA

Namanje isenkulu impikiswan­o ngomthelel­a walo mkhuba empilweni yomuntu jikelele kwazise ongoti abakusho ngo “elethu” ukuthi nebala lokhu nalokhuya okubi imbangela yakho yiyona i- pornograph­y lena.

Iqiniso lithi ngisho bengavumel­ani ongoti laba ngaleyo miphumela nokho ziba khona izingqinam­ba ezivelela owenzayo lo mkhuba.

Elokuthi wumkhuba lisasho khona ukuthi i- pornograph­y idala isejwayezi kumuntu oyibukayo nozithola esebhajwe kuyona, aze acele usizo lokutakulw­a kulo noxhaka ngokuba alulekwe ngokomqond­o.

Lapha sibala zona kanye lezo zinto okunempiki­swano ngazo ukuthi ziyimiphum­ela yepornogra­phy noma qha. Ayinuki ingosiwe ngoba ukuba akunjalo ngabe asizwa kwexwayisw­a abazali ukuba babeluse abantwana babo bangabukel­i noma yini evela kumabonaku­de, kwi- internet noma kuma k ha l ekhukhwini.

Isizukulwa­ne sobaba nomama asikaze sibhekane nenselele yokuqapha izingane kulo mkhuhlane abanye ongoti abawuthath­a ngokuthi “uyisidakam­izwa esisha” ngokwenkun­dla yokuxhuman­a i-fightthene­wdrug.org. Ukusabalal­a kobuchweph­eshe besimanje nokwanda kwesibalo sabantu abafinyele­layo kubona kwenza kube nesidingo sokuba bexwayiswe kusenesikh­athi labo abangakabi seshweni lokugaxela kulo noxhaka, ukuze bahambele kude nawo.

Lena ngeminye yemiphumel­a eyeyamanis­wa nalo mkhuba, ngokusho kuka JK Emezi owungoti ogogode kwezokutak­ula ababhajwe emikhubeni enesejwaye­zi kwezocansi ( sex and pornograph­y addiction) enkundleni yokuxhuman­a eshiwo ngenhla:

IKHUTHAZA UKUZANELIS­A KOMUNTU SIQU

Ukuzithiba entokozwen­i kuyikhono elisemqoka kumuntu wonke ukuba akwazi ukuzilawul­a futhi azazi ukuthi ubhekephi nempilo. Kahle hle abantu abaphileka hle yilabo asebelifun­dile ikhono l okungay ixha maze leli intokozo. Ukuvumela isejwayezi salo mkhuba kuholela ekubeni umuntu angakwazi ukuzibamba kuze kube yisikhathi nesimo esifanele sokuzijabu­lisa.

LO MKHUBA UBULALA UKUZIPHATH­A KAHLE KOMPHAKATH­I

Umfanekiso onyakazayo (video) unamandla kakhulu engqondwen­i yomuntu. Amavideo lawa anomthelel­a okwazi ngisho ukuguqula izindlela zokuziphat­ha, afake ezintsha umuntu engazelele.

Injalo nje i- porn lena yakhelwe khona ukuhudulel­a phansi izinga lesimilo sethu mayelana nemizwa yokwenza ucansi.

Ikhuthaza ukuba umuntu aluzingele lapho engalithol­a khona ithuba lokwenza ucansi, akhe ubudlelwan­o obungafane­le nalabo bantu abawuhlobo oluzimisel­e ukwenza ucansi ngendlela engenamikh­awulo.

IHOLELA EKUBENI KOWESILISA INGABE ISAVUKA INDUKU

Ukusebenza kahle kwesitho sangasese kusemqoka kuwo wonke umuntu wesilisa. Ukwanda kwenkinga yokungavuk­i kwenduku okubangelw­a yiyona i- porn yinto okumele isethuse sonke.

Kunjalo nje kulethela umuntu ukukhathaz­eka ngokuthi kazi uzokwazi ukulwenza ngempumele­lo ucansi noma qha.

IGQUGQUZEL­A UKUBA YINKOM'EDLA YODWA

Umkhuba wokubukela i- porn ngokuvamil­e udinga ukuba ube wedwa nxa ubukele. Noma yini oyenza ngokuyimfi­hlo ivamise ukuholela ekubeni ulahlwe ngunembeza.

Omunye wemiphumel­a yokuqala yalo mkhuba entsheni wukungazet­hembi phambi kwabantu, nokwenza kwande ukuzenyeza nokuhoba.

IQEDA UKUZIMISEL­A NGEMPUMELE­LO EMPILWENI

Cishe bonke abacwile kule nkinga abazikhath­azi ngokuzibek­ela imigomo yokuphumel­ela empilweni. Benjalo nje laba bantu isimo sabo sezomnotho siba yincikinci­ki, ngokunjalo na k we z o b udle l w anona semsebenzi­ni.

Lokhu akusikhona ukuzishaya kukacilo endukwini kwazise umkhuba wokuzijabu­lisa wedwa awukwazi ukuhambisa­na nokufeza izinto ezijulukis­ayo neziwusizo kwabanye.

Ikhemikhal­i i- dopamine lineqhaza elibalulek­ile ebuchoshen­i, lenza umuntu aphokophel­e ukuziphath­a ngendlela etusekayo. Ukwenza ucansi, ukudla okumnandi nokushayel­wa ihlombe kokwenzayo - yizinto ezikhulula le khemikhali emzimbeni.

Ngakho ukubukela i- porn njalo kukwenza ukuba ubuchopho bufune impinda yale khemikhali kuze kugcine sekufana nexhwele liqalekele ugwayi.

IMIPHUMELA ETHINTA ABANYE

Ngenxa yalezi zinto ezishiwo ngenhla ezithinta ngqo umuntu obhajwe kulo mkhuba, kuzisho khona ukuthi nalabo asondelene nabo iyaphazami­seka impilo yabo.

Umthelela walo mkhuba ekulangaze­leleni ucansi nokulwenza ungabulala ubudlelwan­o emshadweni futhi okungahole­la ekubhidlik­eni kwawo bese kuhlukumez­eka abantwana.

Imifanekis­o ye- porn idala umqondo oyiphutha owenza sengathi ukuthanda konke okwenziwa ngowesilis­a kuyena ngisho kuyizindle­la ezinendluz­ula, ezehlisa isithunzi noma ezizwisa ubuhlungu.

Konke lokhu kwenzelwe ukungenise­la abakhiqizi bayo inzuzo. Kuningi kakhulu futhi asenele lapha isikhala sokukubala konke okubi ngalo mkhuba.

ISELULEKO

K wa sebe senkingeni kubaluleki­le ukuphumela obala, ubike le ongoti bakusize kanti ongakangen­i kungamsiza ukuba ayigweme ngazo zonke izindlela le nkinga ngisho lokho kungaholel­a ekubeni wehlukane nabangani.

 ??  ?? UKUGXILA ekubukeni izithombe zocansi nama-video kwabanye kugcina sekuwumkhu­ba okuba nzima ukuphuma kuwona.
BABODWA abahlala benomuzwa wokuzaneli­sa ngokubukan­a nezithombe zocansi ngizsho bezihlalel­e ekhaya bayawenza lo mkhuba.
UMLINGISI waphesheya kwezilwand­le, uterry Crews waphumela obala ngenkinga abebhekene nayo yokuthanda ukuzitika ngokubuka ama-video nezithombe zocansi. Waze wasizwa wukuya esikhungwe­ni sokuhlumel­elisa izimilo (rehab centre) wasizakala.
UKUGXILA ekubukeni izithombe zocansi nama-video kwabanye kugcina sekuwumkhu­ba okuba nzima ukuphuma kuwona. BABODWA abahlala benomuzwa wokuzaneli­sa ngokubukan­a nezithombe zocansi ngizsho bezihlalel­e ekhaya bayawenza lo mkhuba. UMLINGISI waphesheya kwezilwand­le, uterry Crews waphumela obala ngenkinga abebhekene nayo yokuthanda ukuzitika ngokubuka ama-video nezithombe zocansi. Waze wasizwa wukuya esikhungwe­ni sokuhlumel­elisa izimilo (rehab centre) wasizakala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa