Kufaniswa nesidakamizwa ukubuka ama- video ocansi
NAMUHLA sibheka isihloko esikhuluma ngemiphumela emibi ngomkhuba owenziwa esithe futhi okungelula kwabawenzayo ukuba baphumele obala ngawo.
Kokunye labo bantu baze baphumele obala ngo base kune zingqinamba ezithile e budlelwane nibabona banye abantu. Ngalowo mkhuba sisho okubizwa nge- pornography ngolimi lwasemzini.
IYINI YONA LE PORNOGRAPHY?
Incazelo yalokhu isho ukubuka imifanekiso enganyakazi noma enyakazayo yabantu abanqunu abenza ucansi noma abasesimeni esiletha isimo-mqondo ngokwenziwa kocansi - konke lokhu okuhloswe ngakho ukuvukuza imizwa yokulangazela noma yokuhalela ukwenza ucansi.
IMIPHUMELA EMIBI YALO MKHUBA
Namanje isenkulu impikiswano ngomthelela walo mkhuba empilweni yomuntu jikelele kwazise ongoti abakusho ngo “elethu” ukuthi nebala lokhu nalokhuya okubi imbangela yakho yiyona i- pornography lena.
Iqiniso lithi ngisho bengavumelani ongoti laba ngaleyo miphumela nokho ziba khona izingqinamba ezivelela owenzayo lo mkhuba.
Elokuthi wumkhuba lisasho khona ukuthi i- pornography idala isejwayezi kumuntu oyibukayo nozithola esebhajwe kuyona, aze acele usizo lokutakulwa kulo noxhaka ngokuba alulekwe ngokomqondo.
Lapha sibala zona kanye lezo zinto okunempikiswano ngazo ukuthi ziyimiphumela yepornography noma qha. Ayinuki ingosiwe ngoba ukuba akunjalo ngabe asizwa kwexwayiswa abazali ukuba babeluse abantwana babo bangabukeli noma yini evela kumabonakude, kwi- internet noma kuma k ha l ekhukhwini.
Isizukulwane sobaba nomama asikaze sibhekane nenselele yokuqapha izingane kulo mkhuhlane abanye ongoti abawuthatha ngokuthi “uyisidakamizwa esisha” ngokwenkundla yokuxhumana i-fightthenewdrug.org. Ukusabalala kobuchwepheshe besimanje nokwanda kwesibalo sabantu abafinyelelayo kubona kwenza kube nesidingo sokuba bexwayiswe kusenesikhathi labo abangakabi seshweni lokugaxela kulo noxhaka, ukuze bahambele kude nawo.
Lena ngeminye yemiphumela eyeyamaniswa nalo mkhuba, ngokusho kuka JK Emezi owungoti ogogode kwezokutakula ababhajwe emikhubeni enesejwayezi kwezocansi ( sex and pornography addiction) enkundleni yokuxhumana eshiwo ngenhla:
IKHUTHAZA UKUZANELISA KOMUNTU SIQU
Ukuzithiba entokozweni kuyikhono elisemqoka kumuntu wonke ukuba akwazi ukuzilawula futhi azazi ukuthi ubhekephi nempilo. Kahle hle abantu abaphileka hle yilabo asebelifundile ikhono l okungay ixha maze leli intokozo. Ukuvumela isejwayezi salo mkhuba kuholela ekubeni umuntu angakwazi ukuzibamba kuze kube yisikhathi nesimo esifanele sokuzijabulisa.
LO MKHUBA UBULALA UKUZIPHATHA KAHLE KOMPHAKATHI
Umfanekiso onyakazayo (video) unamandla kakhulu engqondweni yomuntu. Amavideo lawa anomthelela okwazi ngisho ukuguqula izindlela zokuziphatha, afake ezintsha umuntu engazelele.
Injalo nje i- porn lena yakhelwe khona ukuhudulela phansi izinga lesimilo sethu mayelana nemizwa yokwenza ucansi.
Ikhuthaza ukuba umuntu aluzingele lapho engalithola khona ithuba lokwenza ucansi, akhe ubudlelwano obungafanele nalabo bantu abawuhlobo oluzimisele ukwenza ucansi ngendlela engenamikhawulo.
IHOLELA EKUBENI KOWESILISA INGABE ISAVUKA INDUKU
Ukusebenza kahle kwesitho sangasese kusemqoka kuwo wonke umuntu wesilisa. Ukwanda kwenkinga yokungavuki kwenduku okubangelwa yiyona i- porn yinto okumele isethuse sonke.
Kunjalo nje kulethela umuntu ukukhathazeka ngokuthi kazi uzokwazi ukulwenza ngempumelelo ucansi noma qha.
IGQUGQUZELA UKUBA YINKOM'EDLA YODWA
Umkhuba wokubukela i- porn ngokuvamile udinga ukuba ube wedwa nxa ubukele. Noma yini oyenza ngokuyimfihlo ivamise ukuholela ekubeni ulahlwe ngunembeza.
Omunye wemiphumela yokuqala yalo mkhuba entsheni wukungazethembi phambi kwabantu, nokwenza kwande ukuzenyeza nokuhoba.
IQEDA UKUZIMISELA NGEMPUMELELO EMPILWENI
Cishe bonke abacwile kule nkinga abazikhathazi ngokuzibekela imigomo yokuphumelela empilweni. Benjalo nje laba bantu isimo sabo sezomnotho siba yincikinciki, ngokunjalo na k we z o b udle l w anona semsebenzini.
Lokhu akusikhona ukuzishaya kukacilo endukwini kwazise umkhuba wokuzijabulisa wedwa awukwazi ukuhambisana nokufeza izinto ezijulukisayo neziwusizo kwabanye.
Ikhemikhali i- dopamine lineqhaza elibalulekile ebuchosheni, lenza umuntu aphokophele ukuziphatha ngendlela etusekayo. Ukwenza ucansi, ukudla okumnandi nokushayelwa ihlombe kokwenzayo - yizinto ezikhulula le khemikhali emzimbeni.
Ngakho ukubukela i- porn njalo kukwenza ukuba ubuchopho bufune impinda yale khemikhali kuze kugcine sekufana nexhwele liqalekele ugwayi.
IMIPHUMELA ETHINTA ABANYE
Ngenxa yalezi zinto ezishiwo ngenhla ezithinta ngqo umuntu obhajwe kulo mkhuba, kuzisho khona ukuthi nalabo asondelene nabo iyaphazamiseka impilo yabo.
Umthelela walo mkhuba ekulangazeleleni ucansi nokulwenza ungabulala ubudlelwano emshadweni futhi okungaholela ekubhidlikeni kwawo bese kuhlukumezeka abantwana.
Imifanekiso ye- porn idala umqondo oyiphutha owenza sengathi ukuthanda konke okwenziwa ngowesilisa kuyena ngisho kuyizindlela ezinendluzula, ezehlisa isithunzi noma ezizwisa ubuhlungu.
Konke lokhu kwenzelwe ukungenisela abakhiqizi bayo inzuzo. Kuningi kakhulu futhi asenele lapha isikhala sokukubala konke okubi ngalo mkhuba.
ISELULEKO
K wa sebe senkingeni kubalulekile ukuphumela obala, ubike le ongoti bakusize kanti ongakangeni kungamsiza ukuba ayigweme ngazo zonke izindlela le nkinga ngisho lokho kungaholela ekubeni wehlukane nabangani.