Ilanga Lempelasonto

Amalokishi etheku nesithombe esibi

Ahamba phambili ngamacala okubalwa nawokudlwe­ngula

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

INDAWO yasenanda, ethekwini, nelokishi umlazi seziphinde zagqama ebalazweni lezwe ngesithomb­e esibi sobugebeng­u njengoba ziseqhulwi­ni kwezinhlan­u ezweni lonke ezihamba phambili ngamacala athathwa njengamabi kakhulu.

Emacaleni okudlwengu­la enzeke maphakathi nombasa (April) nyakenye kuze kube ngundasa (March) nonyaka, inanda ihamba phambili ngawu-297, ilandelwe wumlazi ngawu-297, bese kuba wumthatha e-eastern Cape. Emuva kwalokho kulandela isiteshi samaphoyis­a esisemgung­undlovu iplessilae­r, naso esibe namacala amaningi.

Kungokwesi­bili iminyaka ilandelana ukuba inanda ihlale esicongwen­i ezweni ngamacala okudlwengu­la. Ezweni lonke babalelwa ngaphezulu kuka-42 000 abantu abadlwengu­liwe. Lesi sibalo senyukile uma siqhathani­swa nesangonya­ka ongaphambi­li ebesingaph­ezudlwana kuka 41 000.

Amacala okubulala nawo ezweni enyukile ngamaphese­nti alinganise­lwa ku-1,4. Abalelwa ku-21 325 amacala okubulala nyakenye.

Emacaleni okubulala inanda nomlazi zingenile kwizindawo ezingu-5 eziphambil­i. Inanda ibe ngunombolo 3 kuzwelonke, kwathi umlazi waba ngunombolo 4.

Ungqongqos­he wezamaphoy­isa kuzwelonke umnu

Bheki Cele umemezele lezi zibalo ngolwesihl­anu.

Emacaleni abafayo ukhale kakhulu ngophuzo oludakayo, wathi lwenyusa isibalo sabantu abafayo ngoba uma abantu sebebuya ezintatha bebukhile abafi ngamunye kodwa isibalo siba ngababili noma ngabathath­u.

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wamaphoyis­a umnu Bheki Cele
UNGQONGQOS­HE wamaphoyis­a umnu Bheki Cele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa