Amalokishi etheku nesithombe esibi
Ahamba phambili ngamacala okubalwa nawokudlwengula
INDAWO yasenanda, ethekwini, nelokishi umlazi seziphinde zagqama ebalazweni lezwe ngesithombe esibi sobugebengu njengoba ziseqhulwini kwezinhlanu ezweni lonke ezihamba phambili ngamacala athathwa njengamabi kakhulu.
Emacaleni okudlwengula enzeke maphakathi nombasa (April) nyakenye kuze kube ngundasa (March) nonyaka, inanda ihamba phambili ngawu-297, ilandelwe wumlazi ngawu-297, bese kuba wumthatha e-eastern Cape. Emuva kwalokho kulandela isiteshi samaphoyisa esisemgungundlovu iplessilaer, naso esibe namacala amaningi.
Kungokwesibili iminyaka ilandelana ukuba inanda ihlale esicongweni ezweni ngamacala okudlwengula. Ezweni lonke babalelwa ngaphezulu kuka-42 000 abantu abadlwenguliwe. Lesi sibalo senyukile uma siqhathaniswa nesangonyaka ongaphambili ebesingaphezudlwana kuka 41 000.
Amacala okubulala nawo ezweni enyukile ngamaphesenti alinganiselwa ku-1,4. Abalelwa ku-21 325 amacala okubulala nyakenye.
Emacaleni okubulala inanda nomlazi zingenile kwizindawo ezingu-5 eziphambili. Inanda ibe ngunombolo 3 kuzwelonke, kwathi umlazi waba ngunombolo 4.
Ungqongqoshe wezamaphoyisa kuzwelonke umnu
Bheki Cele umemezele lezi zibalo ngolwesihlanu.
Emacaleni abafayo ukhale kakhulu ngophuzo oludakayo, wathi lwenyusa isibalo sabantu abafayo ngoba uma abantu sebebuya ezintatha bebukhile abafi ngamunye kodwa isibalo siba ngababili noma ngabathathu.