USENENKAMPANI ETHI YENA USJAVA
USJAVA uthi akuphelile ngemicimbi yakhe ebizwa nge-“one Night With Sjava” abeyenza esengaphansi kwenkampani, i-ambitiouz Entertainment, agcine ngokuyilaxaza ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Kube nomcabango kwabaningi wokuthi ukuphuma kwakhe e-ambitiouz kusho ukuphela nge-one Night With Sjava, kodwa ekhuluma NELANGA Langesonto ukuqinisekisile ukuthi izoqhubeka le micimbi.
Uthe nakanjani uma izwe libuyela esimeni sokusebenza esejwayelekile, uzoqhubeka nale micimbi njengoba inhloso kwabe kuwukuhambela amadolobha ahlukene eningizimu Afrika.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kokuvalwa kwezwe, usjava wabe esahambele amadolobha amabili kuphela, okuyipretoria netheku, kanti kuwona womabili la madolobha le micimbi ibe yimpumelelo.
Usjava, ogama lakhe langempela ngujabulani Makhubo, ngolwesihlanu umemezele ngokusemthethweni ukuthi usesungule inkampani yakhe ebizwa ngokuthi yi-1020 Cartel, ngokubambisana nomdidiyeli wezingoma, umfanafuthi Ruff Nkosi.
Ukusungula le nkampani, uthe kusho lukhulu kuyena ngoba usezokwazi ukwenza izinto ngendlela abona ngayo.
“Kwesinye isikhathi uma ungaphansi kwenkampani okungeyona eyakho kuba nzima ukubeka imibono, kwazise nayo yenza izinto ngendlela yayo, okumele uyihloniphe leyo ndlela,” kuchaza yena.
Akafunanga ukungena kakhulu ezindabeni ezithinta inkampani abesayine ngaphansi kwayo, njengoba eveze ukuthi okubalulekile kuyena wukugxila enkampanini ayivulile futhi ayikhulise nalabo abambisene nabo.
Usjava uthe kule nkampani usesayine amaciko amane - ubale uyollunder ongumculi, u-anzo ongumrepha, imbongi unue-sam, nomzukulu ongumculi kamaskandi.
Uthe ngasekupheleni kwale nyanga kuzophuma i-albhamu yokuqala ngaphansi kwale nkampani ezobe ihlanganisa wonke la maciko.
“Izoba nezingoma eziyishumi kanti isihloko sale albhamu sizoyibiza ngesambulo,” kuchaza usjava.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi kuvela izindaba zokushiya kwakhe e-ambitiouz, baningi abacabange ukuthi uzosebenza no-emtee nosaudi obekunamahlebezi athi banenkampani ebizwa nge-atm ndawonye.
Usjava ucacise udaba lwe-atm ayichaze njengenhlanganisela yabo njengabangani.
“I-ATM akuyona inkampani, kodwa inhlanganisela yethu esinayo futhi esaqhubeka. Maduze sizokhipha umucu ndawonye,” kusho yena.
Usjava ungomunye wabaculi abahamba phambili kuleli njengoba eseke wahlabana ngezindondo ezahlukene kuleli naphesheya kwezilwandle.
Phakathi kwalezi zindondo kubalwa neyebet emenze waba ngumculi wokuqala kuleli ukuhlabana ngayo.