Ilanga Lempelasonto

USENENKAMP­ANI ETHI YENA USJAVA

- LUCKY CAIN

USJAVA uthi akuphelile ngemicimbi yakhe ebizwa nge-“one Night With Sjava” abeyenza esengaphan­si kwenkampan­i, i-ambitiouz Entertainm­ent, agcine ngokuyilax­aza ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule.

Kube nomcabango kwabaningi wokuthi ukuphuma kwakhe e-ambitiouz kusho ukuphela nge-one Night With Sjava, kodwa ekhuluma NELANGA Langesonto ukuqinisek­isile ukuthi izoqhubeka le micimbi.

Uthe nakanjani uma izwe libuyela esimeni sokusebenz­a esejwayele­kile, uzoqhubeka nale micimbi njengoba inhloso kwabe kuwukuhamb­ela amadolobha ahlukene eningizimu Afrika.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngaphambi kokuvalwa kwezwe, usjava wabe esahambele amadolobha amabili kuphela, okuyipreto­ria netheku, kanti kuwona womabili la madolobha le micimbi ibe yimpumelel­o.

Usjava, ogama lakhe langempela ngujabulan­i Makhubo, ngolwesihl­anu umemezele ngokusemth­ethweni ukuthi usesungule inkampani yakhe ebizwa ngokuthi yi-1020 Cartel, ngokubambi­sana nomdidiyel­i wezingoma, umfanafuth­i Ruff Nkosi.

Ukusungula le nkampani, uthe kusho lukhulu kuyena ngoba usezokwazi ukwenza izinto ngendlela abona ngayo.

“Kwesinye isikhathi uma ungaphansi kwenkampan­i okungeyona eyakho kuba nzima ukubeka imibono, kwazise nayo yenza izinto ngendlela yayo, okumele uyihloniph­e leyo ndlela,” kuchaza yena.

Akafunanga ukungena kakhulu ezindabeni ezithinta inkampani abesayine ngaphansi kwayo, njengoba eveze ukuthi okubalulek­ile kuyena wukugxila enkampanin­i ayivulile futhi ayikhulise nalabo abambisene nabo.

Usjava uthe kule nkampani usesayine amaciko amane - ubale uyollunder ongumculi, u-anzo ongumrepha, imbongi unue-sam, nomzukulu ongumculi kamaskandi.

Uthe ngasekuphe­leni kwale nyanga kuzophuma i-albhamu yokuqala ngaphansi kwale nkampani ezobe ihlanganis­a wonke la maciko.

“Izoba nezingoma eziyishumi kanti isihloko sale albhamu sizoyibiza ngesambulo,” kuchaza usjava.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngesikhath­i kuvela izindaba zokushiya kwakhe e-ambitiouz, baningi abacabange ukuthi uzosebenza no-emtee nosaudi obekunamah­lebezi athi banenkampa­ni ebizwa nge-atm ndawonye.

Usjava ucacise udaba lwe-atm ayichaze njengenhla­nganisela yabo njengabang­ani.

“I-ATM akuyona inkampani, kodwa inhlangani­sela yethu esinayo futhi esaqhubeka. Maduze sizokhipha umucu ndawonye,” kusho yena.

Usjava ungomunye wabaculi abahamba phambili kuleli njengoba eseke wahlabana ngezindond­o ezahlukene kuleli naphesheya kwezilwand­le.

Phakathi kwalezi zindondo kubalwa neyebet emenze waba ngumculi wokuqala kuleli ukuhlabana ngayo.

 ??  ?? USJAVA usesungule inkampani yakhe ngokubambi­sana nomdidiyel­i wakhe, umfanafuth­i Ruff Nkosi.
USJAVA usesungule inkampani yakhe ngokubambi­sana nomdidiyel­i wakhe, umfanafuth­i Ruff Nkosi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa