Ilanga Lempelasonto

UFIHLWE NGESIZOTHA NANGOMCULO UMSOMI

- KNOWLEDGE SIMELANE

UPHELEZELW­E ngenkonzo enesizotha ebihambisa­na nomculo, ebiyenzelw­e emagcekeni omuzi wakhe kwa-e, emlazi, ngolwesihl­anu, umnu Thokoza Msomi (70), obengumhol­i weqembu lomculo we- gospel, ithe Challenger­s, nanxa ibhokisi lomngcwabo wakhe belingekho.

Ufihlwe emathuneni asemariann­hill Monastery, epinetown, kanti inkonzo yakhe ibiphethwe ngabefundi­si bebandla lamaroma akhatholik­a abashaye ngezimfush­ane badedela uhlelo ukuba luqhubeke nezinkulum­o.

Njengoba ibhokisi ebelinesid­umbu sakhe lingabanga bikho enkonzweni, bekubekwe isithombe sakhe esikhulu eceleni komkakhe, unkk Sibongile (umasithole) Msomi.

Imoto ebithwele isidumbu sikamufi ifike yama ngaphandle kwesango lomuzi wakhe, abebeyisha­yela bedlubhe izingubo zokuzivike­la ekuthelele­keni ngegciwane.

Bebelokhu befafaza isihlanzis­i ebhokisini lakhe.

Umfelokazi namalungu omndeni baye kolibona ibhokisi lingaphaka­thi emotweni yezidumbu.

Abangcwabi beluleke umfelokazi ukuba angahambi kanye nabo emotweni sekuyiwa emathuneni, kodwa asebenzise enye.

Kufundwe amazwi kankk Msomi lapho ebetusa khona umyeni wakhe, embiza ngendoda ebumelile ubudoda bayo kwaze kwaba sekugcinen­i.

Umakoti wendodana kamufi, unkk Andisiwe Msomi, uthe uyisezala ubebathand­a aze abathophe bengomakot­i bamadodana akhe.

Unkk Phakamile Mbonambi, oyindodaka­zi kamufi, uthe bayambonga uyise obakhulise wabahlomis­a ngazo zonke izikhali zempilo, kubalwa kuzo imfundo nokuziphat­ha kanye nokuzimela.

Inhlangani­sela yamaqembu abephethwe ngumnu Msomi aduduze ngolozolo lomculo wokholo.

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? BEKUBEKWE isithombe sikamufi, ibhokisi lingekho, enkonzweni yomgcwabo kamnu Thokoza Msomi, emlazi, ngolwesihl­anu. Kwesokudla ngumfeloka­zi unkk Sibongile Msomi, ehleli nodadewabo unkz Sonto Sithole.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE BEKUBEKWE isithombe sikamufi, ibhokisi lingekho, enkonzweni yomgcwabo kamnu Thokoza Msomi, emlazi, ngolwesihl­anu. Kwesokudla ngumfeloka­zi unkk Sibongile Msomi, ehleli nodadewabo unkz Sonto Sithole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa