Kuyasuka lokho nge-idols SA
NAMHLANJE ntambama luyaqala uhlelo lukamabonakude lomncintiswano womculo, i-idols SA, olusakazwa esiteshini esikhokhelwayo, imzansi Magic, kuchannel 161.
Luzoqhutshwa ngokulandela imithetho ehambisana nezigaba zokuvalwa kwezwe.
Kuzoqala kuvezwe iziqephu ezaqoshwa ngaphambi kokuvalwa kwezwe, emadolobheni ahlukene lapho kwakuqhutshwa khona inhlolokhono.
Kuzothi ngomandulo (September) bese kuqala ukunandisa bukhoma kwalabo abadlulele esigabeni setop 16.
Umdidiyeli omkhulu futhi ongumqondisi walolu hlelo, ugavin Wratten, uthe njengoba luqala lolu hlelo kuzovezwa bonke abenze inhlolokhono emadolobheni ahlukene ngasekuqaleni konyaka.
Uthe okwamanje abakasithathi isinqumo ngokuthi bazokwenza kanjani uma sekufike isikhathi sokuba abancintisanayo [Top 16] banandise bukhoma.
Ngokujwayelekile, labo abadlulele kwitop 16 banandisa bukhoma phambi kwezibukeli ezisuke zigcwele phama ehholo okusuke kuqoshelwa kulona.
U-wratten uthe bazolandela imigomo ezobe ibekiwe ngaleso sikhathi okuzoqala ngaso itop 16.
Kulo nyaka i-idols SA ikwisizini ka-16, kanti minyaka yonke ikwaZulu-natal ivamise ukwenza kahle ngokwesibalo sabadlulela esigabeni lapho kuvota khona umphakathi.
ILANGA Langesonto lihabule ukuthi nakuba kuzoqala kuvezwe iziqephu eziqoshwe ngasekuqaleni konyaka, kodwa isimenyezelwe itop 16 njengoba ababukeli bazoze bayazi maphakathi nomandulo.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, nakulo nyaka ikwazulu-natal isameleleke kahle - kuthiwa baningi abadabuka kuyona abadlulele kwitop 16. Kuzokhumbuleka ukuthi nangonyaka owedlule abaqhamuka kulesi sifundazwe benze kahle nakuba kunqobe uluyolo Yiba odabuka e-eastern Cape, ohlule usneziey Msomi wasemlazi.
Isizini edlule yalo mncintiswano ibe nezigigaba ezingajwayelekile njengoba amaqwabe Twins, uviggy novirginia, beshiye ngendlela esuse ukukhuluma.
U-viggy wahoxa kulo mncintiswano ngemuva kokuba kuphume iwele lakhe, uvirginia. Lokhu kuholele ekutheni kube namahlebezi okungagculiseki ngokwezibalo, kwaphinde kwavela namahlebezi okuthi la mawele abehlukumezeka endaweni lapho bekuhlala khona abangene lo mncintiswano.
Kulindeleke ukuba usomizi, ongelinye lamajaji, aqhubeke nokudonsa amehlo ababukeli ngengqephu yakhe, aphinde abakitaze nangamatemu akhe athandwayo uma echazekile ngendlela asuke ecule ngayo ongenele umncintiswano.
Amanye amajaji alo mncintiswano ngurandall Abrahams noUnathi Nkayi kanti umethuli wohlelo nguproverb.