Ilanga Lempelasonto

KUNINGI AKUFUNDA OHLELWENI ALWETHULAY­O UYISE KA-VALDO

- THANDI ZONDI

UYISE kavaldo, odume kakhulu ezinkundle­ni zokuxhuman­a nendodana yakhe, uthi abazali mabazihlah­lele bona indlela yokukhulis­a abantwana.

Ezindlelen­i zokukhulis­a abantwana, uthi kusemqoka nokho ukuba bakubeke emqondweni ukuthi izikhathi zishintshi­le - okusho ukuthi ezinye zalezo [zindlela] ebezisetsh­enziswa kudala njengokuse­benzisa induku, kungenzeka zingatheli zithelo esikhathin­i samanje.

“Ekhaya ngikhule ngishaywa uma ngenze iphutha, kodwa lokho kakusho ukuthi kumele ngenze okufanayo kwindodana yami. Ngiyaxoxa novaldo, angimtheth­isi. Uyazi naye ukuthi uma sengishint­she ubuso kusuke sekubheda. Kwesinye isikhathi uze akhale ngoba uvele asabe,” kuchaza yena.

Uthi indlela osuke ukhuliswe ngayo kakusho ukuthi nawe kumele uyisebenzi­se kwakho ngoba kuningi osekushint­shile uma kuqhathani­swa izikhathi zakudala nezamanje.

Uthi indodana yakhe uyiqeqeshe ngendlela yokuthi iyazi ukuthi uma ivuka kumele yendlule umbhede, ixubhe bese izenzela ama- corn flakes, ibuke opopayi.

“Siyezwana kakhulu, lokhu abantu abakubona ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuncane. Uma bangase babone ngale, bangabona ukuthi sinobudlel­wano obuhle kanjani,” kuqhuba uyise kavaldo.

Ulindo, owaziwa kakhulu emculweni ngelikalin Dough, usanda kuqokwa ukuthi abe ngumethuli wohlelo iraising Babies 101 olutshengi­swa KU-SABC 2 njalo ngolwesith­athu ngehora lesi-9 ekuseni.

Uthi abantu bamangalil­e ukuthi angakwazi ukungena khaxa ezicathulw­eni zokuba ngumethuli wohlelo.

“Phambili bengimandl­a kakhulu emidlalwen­i yeshashala­zi, ngicula, ngidansa futhi ngilingisa. Ngijabule kakhulu ukuthola leli thuba ngoba bengithand­azela ukungena kumabonaku­de noma emsakazwen­i,” kuqhuba yena.

Uthi kuningi okukhuluny­wa ngakho ohlelweni, naye ugcina esefunda lukhulu ngoba kusuke kukhona ongoti abasuke bemenyiwe.

“Abantu bazofunda okuningi ohlelweni, ikakhulu ngoba kalukhethi­le ukuthi usedolobhe­ni noma emakhaya. Izihloko esizidingi­dayo zithinta bonke abantwana. Mina ngikhule ngazi ukuthi umuntu ochamile/ophunyukil­e uyashaywa, kodwa ohlelweni ngikutholi­le ukuthi kunezizath­u ezingale [zalokho].

“Okunye wukuxosha umntwana ekameleni lakho ngenhloso yokuzama ukumfundis­a ukulala yedwa. Omunye uyabuya ebusuku athi uyasaba ukulala yedwa.

“Wena njengomzal­i akumele umxoshe, kodwa kumele umvumele alale nawe ukuze mhla esebhekene nezinkinga azi ukuthi uvumelekil­e ukuxoxa nawe, angabi novalo, kepha azi ukuthi wena uyindawo lapho engaphephe­la khona,” kuchaza ulindo.

Ugqugquzel­a abazali ukuba bakhe ubudlelwan­o nabantwana babo ngoba isizukulwa­ne samanje sehlukile, sidinga ukunakwa nokwesekwa.

 ?? ISITHOMBE: INSTAGRAM ?? U-LIN Dough nendodana, uvaldo, abazakhele igama ngobudlelw­ano obuhle.
ISITHOMBE: INSTAGRAM U-LIN Dough nendodana, uvaldo, abazakhele igama ngobudlelw­ano obuhle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa