KUNINGI AKUFUNDA OHLELWENI ALWETHULAYO UYISE KA-VALDO
UYISE kavaldo, odume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana nendodana yakhe, uthi abazali mabazihlahlele bona indlela yokukhulisa abantwana.
Ezindleleni zokukhulisa abantwana, uthi kusemqoka nokho ukuba bakubeke emqondweni ukuthi izikhathi zishintshile - okusho ukuthi ezinye zalezo [zindlela] ebezisetshenziswa kudala njengokusebenzisa induku, kungenzeka zingatheli zithelo esikhathini samanje.
“Ekhaya ngikhule ngishaywa uma ngenze iphutha, kodwa lokho kakusho ukuthi kumele ngenze okufanayo kwindodana yami. Ngiyaxoxa novaldo, angimthethisi. Uyazi naye ukuthi uma sengishintshe ubuso kusuke sekubheda. Kwesinye isikhathi uze akhale ngoba uvele asabe,” kuchaza yena.
Uthi indlela osuke ukhuliswe ngayo kakusho ukuthi nawe kumele uyisebenzise kwakho ngoba kuningi osekushintshile uma kuqhathaniswa izikhathi zakudala nezamanje.
Uthi indodana yakhe uyiqeqeshe ngendlela yokuthi iyazi ukuthi uma ivuka kumele yendlule umbhede, ixubhe bese izenzela ama- corn flakes, ibuke opopayi.
“Siyezwana kakhulu, lokhu abantu abakubona ezinkundleni zokuxhumana kuncane. Uma bangase babone ngale, bangabona ukuthi sinobudlelwano obuhle kanjani,” kuqhuba uyise kavaldo.
Ulindo, owaziwa kakhulu emculweni ngelikalin Dough, usanda kuqokwa ukuthi abe ngumethuli wohlelo iraising Babies 101 olutshengiswa KU-SABC 2 njalo ngolwesithathu ngehora lesi-9 ekuseni.
Uthi abantu bamangalile ukuthi angakwazi ukungena khaxa ezicathulweni zokuba ngumethuli wohlelo.
“Phambili bengimandla kakhulu emidlalweni yeshashalazi, ngicula, ngidansa futhi ngilingisa. Ngijabule kakhulu ukuthola leli thuba ngoba bengithandazela ukungena kumabonakude noma emsakazweni,” kuqhuba yena.
Uthi kuningi okukhulunywa ngakho ohlelweni, naye ugcina esefunda lukhulu ngoba kusuke kukhona ongoti abasuke bemenyiwe.
“Abantu bazofunda okuningi ohlelweni, ikakhulu ngoba kalukhethile ukuthi usedolobheni noma emakhaya. Izihloko esizidingidayo zithinta bonke abantwana. Mina ngikhule ngazi ukuthi umuntu ochamile/ophunyukile uyashaywa, kodwa ohlelweni ngikutholile ukuthi kunezizathu ezingale [zalokho].
“Okunye wukuxosha umntwana ekameleni lakho ngenhloso yokuzama ukumfundisa ukulala yedwa. Omunye uyabuya ebusuku athi uyasaba ukulala yedwa.
“Wena njengomzali akumele umxoshe, kodwa kumele umvumele alale nawe ukuze mhla esebhekene nezinkinga azi ukuthi uvumelekile ukuxoxa nawe, angabi novalo, kepha azi ukuthi wena uyindawo lapho engaphephela khona,” kuchaza ulindo.
Ugqugquzela abazali ukuba bakhe ubudlelwano nabantwana babo ngoba isizukulwane samanje sehlukile, sidinga ukunakwa nokwesekwa.