Ilanga Lempelasonto

IZINKANYEZ­I:

-

ARIES

ISIMO sempilo yakho kuzodingek­a usitotose ngayo yonke indlela. Unenkolelo yokuthi uthando olusha lungase lukunike injabulo oyidingayo. Enye ingcindezi empilweni yakho ibuye ibangelwe yindlela owenza ngayo izinto.

TAURUS (April 20-May 20)

KUMELE kube khona umuntu oseduze kwakho okukhuthaz­ayo kuyo yonke imizamo yakho. Qinisela, ukhuthale uphinde umele iqiniso noma ngabe isimo siphikisan­a nawe kanjani.

GEMINI (May 21-June 20)

IZINSUKU ofisa zifike ziya ngokusonde­la. Ungumuntu onesiphiwo esikhulu ezintweni eziningi ezahlukene. Kukhona osukufundi­le mayelana nokuziphat­ha kwabantu. Uyakwazi ukuzimisel­a uma ufisa ukuphumele­la.

CANCER (June 21-July 22)

UNGAMANGAL­I uma kukhona okade wamgcina esezama ukuzixhuma­nisa nawe. Usesikhath­ini sokuba ubuke ngelinye iso. Kukhona abazokukhu­thaza bakunike umfutho.

ZIMISELE ukubambisa­na kakhulu nomaqondan­a. Kukhona izinto ezenza abanye bakuhlonip­he ngenxa yomlando wakho othile. Qikelela ukuhlale umele iqiniso nalokhu okholelwa kukhona empilweni.

VIRGO (Aug 23-Sept 22)

KUKHONA amakhono ozalwe nawo - kudingeka uhlele manje ukuthi uzowaseben­zisa kanjani. Abanye babuye bangakupha­thi ngale ndlela oyifisayo empilweni. Vikela kahle ezinye izinhloso zakho ngokubambe­lela eqinisweni.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

BHEKISISA ukuthi ulandela unembeza wakho yini noma ulalela inhliziyo yakho kakhulu. Kungenzeka ubuye ushaye ungqimphot­hwe kwezinye izinqumo zakho.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

IZINSELELO empilweni ziyohlale zikhona. Kumele uqonde ukuthi wena ungaphezu kwalo lonke uhlobo lwezinking­a nezinselel­o ezikhona empilweni. Maningi kakhulu amaphutha owenzile okumele uzithethel­ele kuwona.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa