SEKWANELE NGOKUHLUNYEZWA NOKUBULAWA KWABESIFAZANE
IYASHAQISA isenzo samaphoyisa asehibberdene, sokubopha ilungu lomphakathi wasemthwalume, eningizimu netheku, ngecala lokususa uthuthuva emphakathini emuva kokuba libe yingxenye yabantu abahlela umbhikisho wokulwa nokubulawa kwabesifazane okuqhubekayo kuleya ndawo.
Kubikwa ukuthi unkz Hlengiwe Gambushe, obesekhaleni lombhikisho womphakathi ngomgqibelo odlule, uthintwe ngamaphoyisa ngomsombuluko, amcela ukuba afike esiteshini samaphoyisa asehibberdene ekuseni ngakusasa ngaphambi kokuqala komhlangano wamaphoyisa namalungu omphakathi wasemthwalume.
Lo mhlangano ubuzodingida izikhalo zomphakathi ngokuhluleka kwamaphoyisa ukubopha izinswelaboya esezibulele abesifazane abayisikhombisa ezigamekweni ezahlukene, nokuthi yiziphi izinyathelo amaphoyisa azozithatha ukubopha ababulali.
Kusobala ukuthi ukubizwa kukankz Gambushe ukuba eze yedwa esiteshini ngaphandle kozakwabo bekuyitulo lamaphoyisa ukumbopha ngoba uthe nxa efika, watshelwa ukuthi uyaboshwa ngecala lokususa udweshu emphakathini. Amaphoyisa abe esethinta amanye amalungu omphakathi, ewatshela ukuthi umhlangano obuhleliwe, lapho obekufanele anekele umphakathi ngezinyathelo azozithatha ukulwa nobugebengu ngeke usabakhona.
Kuyashaqisa ukuthi esikhundleni sokuba amaphoyisa enze umsebenzi wawo, abophe ababulali abagcweleza umphakathi, anqume ukuhlukumeza ilungu lomphakathi elilwa nobugebebgu.
Emehlweni ezakhamizi, isenzo samaphoyisa singabukeka njengokuthi acheme udede nezigebengu, akanandaba nokuhlukunyezwa komphakathi yizelelesi okubukeka zizenzela umathanda kuleya ndawo.
Ukuboshwa kukankz Gambushe kubukeka kuwumzamo wokumsabisa ukuze angaqhubeki nokuwambula izinqe ngokuba yizehluleki ukwenza umsebenzi wawo.
Abantu okufanele bafakwe imibuzo ngokuhluleka kwabo ukwenza umsebenzi abaqashelwe wona yiwona amaphoyisa, hhayi amalungu omphakathi alwisana nobugebengu.
Kuyishwa lethu siyizakhamizi zaseningizimu Afrika ukuthi kuyinjwayelo ukuba nxa sibika izikhalo zokuhlukunyezwa kwethu ezikhulwini zikahulumeni, sishaywe indiva. Kwesinye isikhathi, labo abakhonondayo bayasatshiswa ukuze bavalwe imilomo, njengoba kwenzekile kunkz Gambushe.
Sinxusa izinhlangano ezizimele, kubalwa lapha nezilwela amalungelo abantu besifazane, ukuba zingenelele kulolu daba lokubulawa kwebesifazane emthwalume nokuzithela ngabandayo kwamaphoyisa, nokuthi zeseke unkz Gambushe nomphakathi ukufaka ingcindezi emaphoyiseni ukuba enze umsebenzi wawo.
Singathokoza nokuzwa ilaka likangqongqoshe wamaPhoyisa umnu Bheki Cele, ngalolu daba.
MHLELI, kwelakho esilifunda ngentokozo, ake ungiphe isikhala ungivumele ukuba ngike ngicebise othisha.
Okokuqala ngithanda ukudlulisa amazwi endududuzo kuzo zonke izisebenzi ezizithole ziyizisulu zecovid-19 zisemsebenzini. Ngibona sengathi othisha kumele bashintshe ukwenza manje.
Ngibona sekufanele bacindezele uhulumeni ukuthi wonke uthisha oshonayo manje ngokugula kumele angene ohlelweni lwabantu abashona ngengozi.
Lokho ngikusho ngoba kuvulwe izikole umphathiswa wezemfundo wathi basezwa amanzi ngobhoko - nantu lungena lushona ubhoko, bayagula bayashona.
Mina ngibona kumele kwenziwe uhlelo olusha - uma uthisha eshona makafakwe ohlwini lomuntu oshone ngengozi.
Kuzomele umholo wakhe unganqamuki kuze kufike isikhathi sokuba uhlanganisa iminyaka engama
MHLELI, kwelakho ngicela ukuqala ngibongele insizwa yasemachunwini Cevuzile Mchunu, Ofasimba. Kunale ngoma akayenze nozee Gee uma ethi Sekwenele.
Uyabona uma inganikezwa ithuba (idlalwe) emisakazweni yonke ingawenza umehluko esizweni sakithi esibukeka singasazi sibhekephi.
Kuliwa necoronavirus, ngapha kunabesilisa ababulala nabahlukumeza abesifazane - yingakho ngithi isizwe sakithi asisazazi naso sibhekephi.
Mhlawumbe le ngoma ingabathinta abanye onembeza. Ngempela umbulala kanjani owesifazane ongakwazi shumi ayisithupha, futhi zonke izindleko zomndeni wakhe zithwalwe uhulumeni. Siyazi ukuthi ngeke imali ivale isikhala sakhe kodwa kuyowududuza umndeni wakhe futhi kuwenze usale ukwazi ukuqhubeka nezinhloso abenazo ngomndeni wakhe.
Uthisha ngumuntu ohlala esengozini njalo, uma sekuthiwa makaye kuyo ebuka lokho kukhomba khona ukuthi leli zwe liphethwe ngabantu abengenalo iqiniso.
Kusaqala ukuvela lesi sifo babesho bengananazi bethi bami ngomumo nangayiphi indlela ukubhekana naso, namuhla indlovu isendlini, lutho ukuyikhipha futhi ngeke bayilokothe.
Sekuyisikhathi sokuba nezinyunyana zibuyele etafuleni ziyobukeza imigomo nanezinkampani zemishwalense, bese zimcindezela uhulumeni ongumqashi ukuba makenze okwehlukile ngabo manje.
Okwenzeka kothisha kuyadabukisa. Ngabe uhulumeni akaluboni yini ukuzivikela? Umhlukumezelani umuntu ongenawo amandla okuzilwela. Bantu besilisa, kanti konakalephi manje? Thina sakhula sazi ukuthi umuntu wesifazane uyigugu futhi uyiqhawe.
Ngisho ngabe kwakuthiwa abesilisa babhekene nempi engakanani kodwa uma kuke kwaqhamuka owesifazane waphakamisa izandla, yayiphela leyo mpi, izinsizwa zihloniphe abesifazane.
Ngabe konakelephi manje ngempela ngempela! Badlwengulwa baze babulawe. Kungani singafundi ngamaphutha enziwe ngabanye abantu ngempela? Sihlala sizwa emaphelolu bhoko owayezwa ngalo amanzi ukuthi luyashona?
Uma kukhishwa izibalo zababulawa yilolu bhubhane, kukhishwe nezothisha bodwa eceleni abashona usuku nosuku, mhlawumbe kungamenza uhulumeni ashintshe ukucabanga.
Omunye uzothi kungani ngaba nemihelo ngothisha?
Cha lena eminye imisebenzi kangiyibukeli phansi kodwa sengathi bona sebesekhaleni sempi ngokwedlulele.
Ngiyacela nabaholi bezinyunyana bayicubungule le ndaba yokuthi kwenziwe umhlatshelo ngothisha.
Khaya Ndwandwe Kwangenetsheni, Esihlengeni pheni nasemisakazweni kuthiwa odlwengule owesifazane wambulala naye usebanjiwe waboshwa.
Ngabe abenzi bobubi basuke bezitshela ukuthi ngeke babanjwe yini? Zinsizwa zakithi, akesifunde ukwamukela ukuthi into uma kungeyona eyethi, singaphoqi sifune ukuyithatha ngenkani.
Ukuphoqa ngenkani kusiphendula izilwane. Sekwanele ngokubulawa kwabesifazane Sekwanele ngokudlwengula nokuhlukuyenzwa kwabesifazane nezingane.
Thanda Mnikaziwempuphu Chonco Kwesakwamthethwa