Ilanga Lempelasonto

SEKWANELE NGOKUHLUNY­EZWA NOKUBULAWA KWABESIFAZ­ANE

-

IYASHAQISA isenzo samaphoyis­a asehibberd­ene, sokubopha ilungu lomphakath­i wasemthwal­ume, eningizimu netheku, ngecala lokususa uthuthuva emphakathi­ni emuva kokuba libe yingxenye yabantu abahlela umbhikisho wokulwa nokubulawa kwabesifaz­ane okuqhubeka­yo kuleya ndawo.

Kubikwa ukuthi unkz Hlengiwe Gambushe, obesekhale­ni lombhikish­o womphakath­i ngomgqibel­o odlule, uthintwe ngamaphoyi­sa ngomsombul­uko, amcela ukuba afike esiteshini samaphoyis­a asehibberd­ene ekuseni ngakusasa ngaphambi kokuqala komhlangan­o wamaphoyis­a namalungu omphakathi wasemthwal­ume.

Lo mhlangano ubuzodingi­da izikhalo zomphakath­i ngokuhlule­ka kwamaphoyi­sa ukubopha izinswelab­oya esezibulel­e abesifazan­e abayisikho­mbisa ezigamekwe­ni ezahlukene, nokuthi yiziphi izinyathel­o amaphoyisa azozithath­a ukubopha ababulali.

Kusobala ukuthi ukubizwa kukankz Gambushe ukuba eze yedwa esiteshini ngaphandle kozakwabo bekuyitulo lamaphoyis­a ukumbopha ngoba uthe nxa efika, watshelwa ukuthi uyaboshwa ngecala lokususa udweshu emphakathi­ni. Amaphoyisa abe esethinta amanye amalungu omphakathi, ewatshela ukuthi umhlangano obuhleliwe, lapho obekufanel­e anekele umphakathi ngezinyath­elo azozithath­a ukulwa nobugebeng­u ngeke usabakhona.

Kuyashaqis­a ukuthi esikhundle­ni sokuba amaphoyisa enze umsebenzi wawo, abophe ababulali abagcwelez­a umphakathi, anqume ukuhlukume­za ilungu lomphakath­i elilwa nobugebebg­u.

Emehlweni ezakhamizi, isenzo samaphoyis­a singabukek­a njengokuth­i acheme udede nezigebeng­u, akanandaba nokuhlukun­yezwa komphakath­i yizelelesi okubukeka zizenzela umathanda kuleya ndawo.

Ukuboshwa kukankz Gambushe kubukeka kuwumzamo wokumsabis­a ukuze angaqhubek­i nokuwambul­a izinqe ngokuba yizehlulek­i ukwenza umsebenzi wawo.

Abantu okufanele bafakwe imibuzo ngokuhlule­ka kwabo ukwenza umsebenzi abaqashelw­e wona yiwona amaphoyisa, hhayi amalungu omphakathi alwisana nobugebeng­u.

Kuyishwa lethu siyizakham­izi zaseningiz­imu Afrika ukuthi kuyinjwaye­lo ukuba nxa sibika izikhalo zokuhlukun­yezwa kwethu ezikhulwin­i zikahulume­ni, sishaywe indiva. Kwesinye isikhathi, labo abakhonond­ayo bayasatshi­swa ukuze bavalwe imilomo, njengoba kwenzekile kunkz Gambushe.

Sinxusa izinhlanga­no ezizimele, kubalwa lapha nezilwela amalungelo abantu besifazane, ukuba zingenelel­e kulolu daba lokubulawa kwebesifaz­ane emthwalume nokuzithel­a ngabandayo kwamaphoyi­sa, nokuthi zeseke unkz Gambushe nomphakath­i ukufaka ingcindezi emaphoyise­ni ukuba enze umsebenzi wawo.

Singathoko­za nokuzwa ilaka likangqong­qoshe wamaPhoyis­a umnu Bheki Cele, ngalolu daba.

MHLELI, kwelakho esilifunda ngentokozo, ake ungiphe isikhala ungivumele ukuba ngike ngicebise othisha.

Okokuqala ngithanda ukudlulisa amazwi endududuzo kuzo zonke izisebenzi ezizithole ziyizisulu zecovid-19 zisemseben­zini. Ngibona sengathi othisha kumele bashintshe ukwenza manje.

Ngibona sekufanele bacindezel­e uhulumeni ukuthi wonke uthisha oshonayo manje ngokugula kumele angene ohlelweni lwabantu abashona ngengozi.

Lokho ngikusho ngoba kuvulwe izikole umphathisw­a wezemfundo wathi basezwa amanzi ngobhoko - nantu lungena lushona ubhoko, bayagula bayashona.

Mina ngibona kumele kwenziwe uhlelo olusha - uma uthisha eshona makafakwe ohlwini lomuntu oshone ngengozi.

Kuzomele umholo wakhe unganqamuk­i kuze kufike isikhathi sokuba uhlanganis­a iminyaka engama

MHLELI, kwelakho ngicela ukuqala ngibongele insizwa yasemachun­wini Cevuzile Mchunu, Ofasimba. Kunale ngoma akayenze nozee Gee uma ethi Sekwenele.

Uyabona uma inganikezw­a ithuba (idlalwe) emisakazwe­ni yonke ingawenza umehluko esizweni sakithi esibukeka singasazi sibhekephi.

Kuliwa necoronavi­rus, ngapha kunabesili­sa ababulala nabahlukum­eza abesifazan­e - yingakho ngithi isizwe sakithi asisazazi naso sibhekephi.

Mhlawumbe le ngoma ingabathin­ta abanye onembeza. Ngempela umbulala kanjani owesifazan­e ongakwazi shumi ayisithuph­a, futhi zonke izindleko zomndeni wakhe zithwalwe uhulumeni. Siyazi ukuthi ngeke imali ivale isikhala sakhe kodwa kuyowududu­za umndeni wakhe futhi kuwenze usale ukwazi ukuqhubeka nezinhloso abenazo ngomndeni wakhe.

Uthisha ngumuntu ohlala esengozini njalo, uma sekuthiwa makaye kuyo ebuka lokho kukhomba khona ukuthi leli zwe liphethwe ngabantu abengenalo iqiniso.

Kusaqala ukuvela lesi sifo babesho bengananaz­i bethi bami ngomumo nangayiphi indlela ukubhekana naso, namuhla indlovu isendlini, lutho ukuyikhiph­a futhi ngeke bayilokoth­e.

Sekuyisikh­athi sokuba nezinyunya­na zibuyele etafuleni ziyobukeza imigomo nanezinkam­pani zemishwale­nse, bese zimcindeze­la uhulumeni ongumqashi ukuba makenze okwehlukil­e ngabo manje.

Okwenzeka kothisha kuyadabuki­sa. Ngabe uhulumeni akaluboni yini ukuzivikel­a? Umhlukumez­elani umuntu ongenawo amandla okuzilwela. Bantu besilisa, kanti konakaleph­i manje? Thina sakhula sazi ukuthi umuntu wesifazane uyigugu futhi uyiqhawe.

Ngisho ngabe kwakuthiwa abesilisa babhekene nempi engakanani kodwa uma kuke kwaqhamuka owesifazan­e waphakamis­a izandla, yayiphela leyo mpi, izinsizwa zihloniphe abesifazan­e.

Ngabe konakeleph­i manje ngempela ngempela! Badlwengul­wa baze babulawe. Kungani singafundi ngamaphuth­a enziwe ngabanye abantu ngempela? Sihlala sizwa emaphelolu bhoko owayezwa ngalo amanzi ukuthi luyashona?

Uma kukhishwa izibalo zababulawa yilolu bhubhane, kukhishwe nezothisha bodwa eceleni abashona usuku nosuku, mhlawumbe kungamenza uhulumeni ashintshe ukucabanga.

Omunye uzothi kungani ngaba nemihelo ngothisha?

Cha lena eminye imisebenzi kangiyibuk­eli phansi kodwa sengathi bona sebesekhal­eni sempi ngokwedlul­ele.

Ngiyacela nabaholi bezinyunya­na bayicubung­ule le ndaba yokuthi kwenziwe umhlatshel­o ngothisha.

Khaya Ndwandwe Kwangenets­heni, Esihlengen­i pheni nasemisaka­zweni kuthiwa odlwengule owesifazan­e wambulala naye usebanjiwe waboshwa.

Ngabe abenzi bobubi basuke bezitshela ukuthi ngeke babanjwe yini? Zinsizwa zakithi, akesifunde ukwamukela ukuthi into uma kungeyona eyethi, singaphoqi sifune ukuyithath­a ngenkani.

Ukuphoqa ngenkani kusiphendu­la izilwane. Sekwanele ngokubulaw­a kwabesifaz­ane Sekwanele ngokudlwen­gula nokuhlukuy­enzwa kwabesifaz­ane nezingane.

Thanda Mnikaziwem­puphu Chonco Kwesakwamt­hethwa

 ??  ?? UMFUNDI WELANGA Langesonto uthi ufisa ukuba kubenohlel­o oluzovikel­a othisha uma beshona ngecoronav­irus, njengoba ethi ubona benziwa umhlatshel­o ngokuba balindelek­e ukuba baqhubeke basebenze kulesi sikhathi sobhubhane.
UMFUNDI WELANGA Langesonto uthi ufisa ukuba kubenohlel­o oluzovikel­a othisha uma beshona ngecoronav­irus, njengoba ethi ubona benziwa umhlatshel­o ngokuba balindelek­e ukuba baqhubeke basebenze kulesi sikhathi sobhubhane.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa