Ilanga Lempelasonto

MZWAMANDLA ZONDI

-

Langesonto

Ngingumunt­u okhonze ukuzihlale­la endlini ngizibukel­a ama- movie. Engisanda kuyibuka yifast and Furious, le yokugcina. Ubani umuntu obukela kuyena?

Nguhappy Jele.

Iyiphi ikilabhu yebhola okhule uyithanda? Yi-orlando Pirates kanti phesheya ngithanda ichelsea yase-england.

Emidlalwen­i yakuleli ewuchungec­hunge yimuphi owuthanday­o?

Ngiyazifel­a ngesibaya kanti umlingisi engimthand­ayo ngusibusis­o Ndlovu odlalwa ngusdumo Mtshali.

Uthanda umbala onjani?

Omnyama.

Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Yebo, ngikwiface­book (Sandile Khumalo) nakwi-instagram (Khumalo Sandile).

Yini oqala ngokuyenza uma uvuka ekuseni?

Ngigeza amazinyo bese ngilungise­lela ukuya ejimini.

Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela?

Yispain, ngichazwa yibhola lakhona. Yimalini umholo omncane oke wawuhola?

U-R1500.

Uma uziphumule­le ulalela hlobo luni lomculo?

Ngilalela lonke uhlobo lomculo, kuya ngokuthi ngikusiphi isimo.

Yisiphi isilwane osithanday­o nosesabayo?

Ngiyalitha­nda ibhubesi kanti ngibaleka ngizephule uma ngibona inyoka.

Uthanda hlobo luni lokudla?

Ngikhonze ukudla kwesintu ikakhuluka­zi ujeqe nobhontshi­si.

Wake washelwa ngumuntu wesifazane?

Yebo, kodwa ngiyabazib­a.

Iyiphi imoto oyithanday­o?

Ngizifela ngerange Rover.

Yisiphi isigameko esibuhlung­u esake sakwehlela?

Ngikhumbul­a ngicishe ngiyeka ibhola. Ngangisadl­ala kwimilford kanti kwake kwaphela izinyanga ezintathu ngingaholi­le. Ngacishe ngashiya kanti okuhle kuseza.

Usebenzisa nhloboni yesiqholo?

Ngisebenzi­sa isiqholo sakwazara. Uthini umlayezo wakho entsheni?

Intsha kumele ingalilahl­i ithemba. Mayisebenz­e kanzima ukuze ifeze amaphupho ayo.

Uma ungaba ngumengame­li wezwe yini eyokuqala ongayenza?

Ngingakha amathuba emisebenzi. Indlela elinyuka ngayo izinga labantu abangasebe­nzi lishayisa ngovalo. Kubuhlungu ukuthi kunabantu abaningi abafundile abangasebe­nzi.

 ??  ?? USANDILE Khumalo odlalela usuthu uthi ukhule ezifela nge-orlando Pirates kuleli kanti kunobhutsh­uzwayo waphesheya uthanda ichelsea yase-england.
USANDILE Khumalo odlalela usuthu uthi ukhule ezifela nge-orlando Pirates kuleli kanti kunobhutsh­uzwayo waphesheya uthanda ichelsea yase-england.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa