Ilanga Lempelasonto

Idowns ijabulise umgadli ongaconsi phansi

- SENZO SOKHELA

UJABULISE okwengane iphiwa amaswidi umdlali weMamelodi Sundowns egixatshez­wa ngenkontil­eka ende.

Idowns izobhekana nebidvest Wits kwi- semi final yeNedbank Cup ngomgqibel­o ngo-19h00 e-orlando Stadium, esoweto.

Idowns izovula imidlalo yakuleli ngalo mdlalo nje, imemezele ukuthi usibusiso “Villa” Vilakazi ongumgadli usesayine inkontilek­a yeminyaka emine nale kilabhu.

Uvilakazi ujoyine idowns ngo-2016 esuka kuyona iwits abazobheka­na nayo. Selokhu efike kwidowns isikimu ngesakhe kanti futhi uyishayela namagoli amqoka.

Lo mdlali uthi uyaphuphum­a yinjabulo yokuzwa ukuthi usazohlala iminyaka kuleli qembu eliholwa yimpunyela upatrice Motsepe.

“Ngijabule ngendlela eyisimanga futhi ngizizwa ngithobeki­le njengoba ngiphinde nganikwa elinye ithuba lokudlalel­a le kilabhu.

“Ngithanda ukubonga umengameli wekilabhu upatrice Motsepe nebhodi yekilabhu ngokungeth­emba.

“Ngibonga nomqeqeshi wekilabhu upitso Mosimane, yithimba lakhe kanye nozakwethu engidlala nabo engikholwa wukuthi babe nesandla ekutheni ngiphinde nginikwe leli thuba lokudlalel­a le kilabhu.

“Ngizimisel­e ngokuqhube­ka nokuyisiza inqobe izicoco,’’ kusho uvilakazi.

Uvilakazi thembisa ukuyisiza le kilabhu inqobe izicoco nje, isasethube­ni lokudla ezimbili okuyisicoc­o seligi ye-absa Premiershi­p kanye nasenedban­k.

Nokho lo mdlalo wangoMgqib­elo ubhekwe ngabomvu ngabathand­i bebhola kwazise ikilabhu ezonqoba iyona engase ikhale yemuke nalesi sicoco.

Nokho kuzobe kubhekwe ngabomvu ukuthi azodlala kanjani la makilabhu njengoba sekuphele izinyanga ezine egcine ukudlala njengoba ibhola belimisiwe ngenxa yokugadla kwecovid-19.

Komunye umdlalo we- semi final yenedbank

Cup, ibaroka izodudulan­a nebloemfon­tein Celtic ngomgqibel­o ngo14h00 e-orlando Stadium.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa