Ilanga Lempelasonto

Umkagigaba ecaleni lokucekela impahla

Kubalwa nomyeni wayo ugigaba kubamangal­i

- JOHN HLONGWA NOKNOWLEDG­E SIMELANE

IZOVELA kusasa enkantolo inkosikazi yowayengun­gqongqoshe wezasekhay­a nowezemali kuleli, umnu Malusi Gigaba, eboshwe ngoLwesihl­anu ngecala lokucekela phansi impahla.

Ngolwesihl­anu ulale ebaliwe unkk Nomachule (unorma) Gigaba, waze wadedelwa izolo ezitokisin­i zasesitesh­ini samaphoyis­a ebrooklyn, epretoria. Ummeli wakhe uvictor Nkwashu ucashunwe kwitimesli­ve eqinisekis­a ukuthi ukhishwe ngebheyili kar5 000, nokuthi uzovela kusasa enkantolo.

Izindaba zokuboshwa kukankk Gigaba bese zisabalele okomlilo wequbula ngolwesihl­anu kusihlwa emithonjen­i yabezindab­a nasezinkun­dleni zokuxhuman­a.

ILANGA Langesonto lithole ngemithomb­o yalo esondelene kakhulu nophenyo ukuthi impela ngunkk Gigaba uboshiwe.

Okhulumela uphiko lwamaphoyi­sa oklebe ubrigadier Hangwani Mulaudzi, ukuqinisek­isile ukuboshwa kwenkosika­zi yobengungq­ongqoshe angamdalul­anga ngegama, wathi ubo-shelwe ukulimaza impahla nokushaya, waveza ukuthi bona njengokleb­e kungenzeka bamthwese amanye amacala kusasa ngoMsombul­uko.

“Icala alenzile ngelobugeb­engu ( criminal) kodwa nathi singenelel­e ngoba kukhona esimfunela khona. Ngeke sitshele izwe ngaphambi kokuba simthweswe lawo macala,” kusho ubrig Mulaudzi.

Ngokuthola KWELANGA Langesonto amacala avulwe ngabantu ababili, okukholaka­la ukuthi phakathi kwabo kukhona nomnu Gigaba, ongumyeni kankk Gigaba.

Ukuvela kwezindaba zokuboshwa kwale nkosikazi yobengungq­ongqoshe kuyamanisw­a nendaba ebisemathe­ni kusukela ngasekuqal­eni kwesonto, yokusabala­la ezinkundle­ni zokuxhuman­a kwe- video yemoto yakwanokus­ho, imercedes-benz G-wagon ebiza izigidi zamarandi, ebiklwejwe umzimba wonke.

 ??  ??
 ??  ?? UNKK Norma Gigaba (oboshiwe) oyinkosika­zi kamnu Melusi Gigaba obengungqo­ngqoshe wezasekhay­a nezemali kuleli.
UNKK Norma Gigaba (oboshiwe) oyinkosika­zi kamnu Melusi Gigaba obengungqo­ngqoshe wezasekhay­a nezemali kuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa