BAKHUZE UDUNGUNYANE ABACULI
UKHUZE abalandeli bakamasikandi ngodlame umjikijelwa “ichalaha” Ngubane, emngcwabeni womlandeli wakhe obefihlwa Kwanongoma, enyakatho yekwaZulu-natal, izolo ngomgqibelo.
Kulo mngcwabo bekufihlwa umlandeli wakhe okungumnu Mthokozisi “Salabemkhuluma” Xulu oshone emcimbini kamasikandi obusecurries Fountaion ngomgqibelo odlule ngesikhathi kudubulana abalandeli bakamasikandi. Umjikijelwa uthi noma ngabe kunezinsolo ezibhekiswe kwabathile kodwa kungabi khona ukubuyisela ngokubi ngoba lokho ngeke kube yisixazululo. Uthi amaphoyisa yiwona okumele adlale indima yawo.
“Kubi okwenzekile, asifisi kuphinde kwenzeke. Abalandeli bethu mabazithokozise ngomculo bayeke ukulwa,” kusho umjikijelwa.
Uthi ngelanga lomcimbi okusuke kuwo isidumo kuze kwashaya isikhathi sakusihlwa kungavumi baye emcimbini nezinsizwa abasebenzisana nazo.
Uthi belibatshela igazi ngalolu dungunyane. Uveze nokuthi kusukela manje kuya phambili ngeke besayihambela imicimbi engenakho ukuphepha.
“Usalabemkhuluma ubewuthanda umculo kamasikandi kodwa namhlanje ufele ukuthanda thina. Ngiyacela emndenini ukuba ungazise ngazo zonke izinhlelo ezisazoqhubeka ezithinta igama lomfowethu oshonile.
“Bekuyinsizwa lena ebingancengi, ingitshela bukhoma uma inga- thokozile, isho nokuthi qhawe lami kumele ushaye izingoma zobunsizwa,” kuphetha ichalaha.
Ngakolunye uhlangothi, umzovukile “Jaiva zimnike” Khanyeza naye uhambe emazwini afanayo, wanxusa ukuthula emculweni.
“Izinhliziyo zibuhlungu akukhulumeki,” kusho ujaiva.
Ungiga Ndlovu uthi sekujwayelekile ukwenzeka izehlakalo ezifuze lezi kanti no-ali Mgube usho okufanayo wadlulisa amazwi enduduzo.
Ngesikhathi sekumele kukhulume umthandeni “igcokama Elisha” Manqele kube nzima, wafikelwa yizinyembezi wanxusa unkulunkulu ukuba abavikele kungaphinde kwenzeke okufuze lokhu.
Laba baculi bebezifikele mathupha kanti nabalandeli babo basohlangothini lwase-east bebegqoke imifaniswano yabo yamaqembu abaculi abawalandelayo becula izingoma zabaculi babo.