Indida ngetende lezimpunyela kwi-vdj
Abahleli BE-VDJ bathi kalikho ohlwini
SEKUQUBUKE enkulu indida ngamahlebezi etende lezimpunyela zemabala Noise Entertainment kwivodacom Durban July (VDJ) yanonyaka.
Kubikwa ukuthi itende lemabala ngeke libe khona lapho belikhona nyakenye kwivdj. Imabala iqophe umlando ngonyaka odlule igxumeka eyayo inguzunga yetende endaweni ethathwa njengesemehlweni abantu nokubiza enhle imali ukuyiqasha.
Kuleli tende labo bekungenwa mahhala kodwa kungena izimenywa kuphela, kutholakala yonke into ongase uyicabange esezingeni eliphezulu, kusukela kwiziphuzo kuya ekudleni.
Ngokwejwayelekile kulawa amanye amatende kuyaye kudayiswe amathikithi ngaphambi komcimbi. Bebeqala ngonyaka odlule ukuba yingxenye yalo mcimbi, itende ligcwale phama izitatanyiswa kwaze kwatheleka nomengameli wezwe ujacob Zuma obehamba ebingelela ematendeni ahlonishwayo.
Kuleli labo bekubuthene yonke inhlobo kanontandakubukwa, saziwayo, sopolitiki, njalo njalo.
Abasondelene nemabala bathi itende lemabala Noise ngeke libe khona nonyaka lapho belikhona nyakenye.
Kuthiwa kungenzeka libe yingxenye yetende elikhulukazi elibizwa ngeboom Town, nokuyitende eselibekhona iminyaka eyisishiyagalolunye.
Umthombo uqhuba uthi iboom Town inenkinga yezimali no-kuyikho okuholele ekutheni bashendezane neMabala. Okunye okudidayo wukuthi abaphathi bemabala kuthiwa bake bazwakala bexoxisana nabanye abantu abanamatende kwivdj bece- la ukusebenzisana nabo.
U-edwina Brown oyi-vdj Marquee Village Co-ordinator utshele ILANGA Langesonto ukuthi akazi lutho ngemabala.
“Angikaze ngiyibone ohlwini lwethu imabala Noise, angazi-ke noma ibhalise ngelinye igama yini,” usho kanje kafushane kodwa waqinisekisa ukuthi sekuvaliwe ukwamukelwa kwezicelo. Uyalele intatheli ukuba ibheke naseboom Town, ukuthi ayikho yini khona.
Umhlo Gumede okhulumela imabala uthi bazobe bekhona nakulo nyaka.
“Abantu bahlushwa yini ngetende lemabala? Sikhona thina futhi kade sayibekisa indawo. Sizoba netende elinezitezi ezintathu nonyaka. Uyazi thina asijahile ngoba kasenzeli imali, kasidayisi amathikithi kodwa kunephupho okumele silifeze.
“Mabalinde nje abantu, izinhlelo zethu sizozimemezela ngesonto elizayo futhi bakhona nabaculi baphesheya esigabe ngabo nabakithi,” usho kanje ugumede.
Umikazi wemabala Noise yena ethintwa yileli phephandaba ukuqinisekisile ukuthi itende labo lithuthile lapho belikhona nyakenye, wathi liya kwenye indawo
Sizoba netende elinezitezi ezintathu nonyaka. Uyazi thina asijahile ngoba ka...