Ngubani othi ningcono kunabanye?
MHLELI: Lapha emhlabeni uma uqomisa intombi uyaye ubeke amazwi okuyiwona ayenga intombi, igcine ikugaxe ucu. Kakuwona umqondo omuhle ukuqomisa entombini kodwa ube ulokhu ugxekana nesoka layo, ulokhu ulibeka izici.
Kunalokho udala ukuba intombi ilithande kakhulu kunakuqala. Ngikusho lokhu ngoba nendodana Yomuntu, ujesu Krestu, wathi esezonyukela kuyise ezulwini wathi: "Hambani nenze izizwe zonke abafundi bami." Nokho akazange asho ukuthi hambani nigxeke abanye abazalwane ngendlela abakhonza ngayo.
Kunento edumazayo lapha emhlabeni uzwe uma kushunyayelwa kugigiyelwa uma kukhonzwa emabandleni, kuzwakale ngisho emingcwabeni, emisakazweni nakuthelevishini.
Uzwe kuthiwa abanye bakholelwa ezithixweni zamadimoni, ekubeni-ke bona bakholelwa kunkulunkulu ophilayo. Izithixo njalo okukhulunywa ngazo kushiwo obabamkhulu amadlozi futhi baphinde babi- zwe ngamadimoni, okuyinhlamba enkulu njalo leyo. Kungenzeka kanjani ukuba umzali wami uma esengasekho bese eba idimoni? Bona njalo labo abakholwe kakhulu futhi ubuye ubezwe bethi: “Kunabantu abaya ezinyangeni nesazangomeni ekubeni unkulunkulu nguyena ongabasiza, hhayi izinyanga nezangoma. Ngakho-ke mawushe umkhukhu wezangoma!”
Bakhohlwa wukuthi kukhona izifo ezelashwa zinyanga nezangoma uma sekwehluleke yonke into. Okufike kumangalise wukuthi abanye babo bacathamela izinyanga nezangoma kusihlwa sebexakwe yizinkinga.
Uyadlala udlala ngezinkinga zidalwa wumsamo. Abanye banamabandla aphuphumayo nje yikho ukugudla kusihlwa, befuna iphukeshe lokukhulisa ibandla ingani phela ukuphuphuma kwebandla kusho omuhle umnikelo. Abanye bafuna ukuchitha ibandla likamfundisi bani noma ukuthatha isikhundla sikabani ukuze babe ngcono bese kuthi phambi kwabantu bazenze ngcono. Nokho kakubona bonke abefundisi abenza njalo, bayazazi abakwenzayo. Owangakithi umfundisi weqa umngcele wakwamhlabuyalingana, kumanje ebandleni lakhe kuyazizela kuthi bhu!
Abagxekayo bayakhohlwa wukuthi nezangoma nezinyanga zondla imindeni kufundiswa nezingane ngayo njalo le mali yamadimoni. Zona futhi lezo zangoma nezinyanga zadalwa ngunkulunkulu.
Imithi yokwelapha - okuyizihlahla - yadalwa ngunkulunkulu ukuba kulashwe ngayo kepha kunabangazi ukuthi uma umuntu ekholelwa ekwelashweni ngabelaphi bendabuko, kuyilingelo lakhe lokho.
Indlela omunye umuntu akhonza ngayo ikuhlupha kuphi? Konje uma sizobuzana kanti ngubani wena owathi nina ibandla enikhonza kulo lenza kahle? Ngubani owanigunyaza ukuba nahlulele abanye abahlobo benkosi? Ngubani othi ningcono kakhulu kunabanye abantu na?