Ukhulele kwagogo ethanda ubunjiniyela
UZOTHENGELA unina umuzi ngemali yamabhonasi azowathola kwibidvest Wits eyizingqwele ezintsha ze-absa Premiership uthabang Amod Monare obambe elikhulu iqhaza empumelelweni yale kilabhu ebiqala ukunqoba inkomishi yeligi.
Umonare uzalwa ngujuana Mthombeni ongunina no-andris Monare. Nokho uhlale kakhulu nonina asemthembise ukumbonga ngokumkhulisa kahle ngokumthengela umuzi kanokusho.
Lo mdlali udabuka esecunda, empumalanga. Ufunde osizweni Primary School nasosizweni Secondary, esecunda. Umatikuletsheni uwuphothule efutura High ngaseDurban University of Technology (DUT), ethekwini. Ukugcizelele ukuthi akakhulumi ngosizweni olusenewcastle Kwazulu-natal.
Ungenwe wuthando lwebhola ngemuva kokulandela ikilabhu yakwamakhelwane wakhe. Ube esejoyina iremember FC asuke kuyona waya kwisibaya Bootlaces ebiphethwe ngumike Makaab oyimenenja edumile yabadlali bakuleli. Usuke kuyona waya kwi-university of Pretoria isagijima kwinational First Division (NFD). Ngemuva kwalokhu ujoyine IFC AK ebidlala kusona lesi sigaba, kanti usuke kuyona wayogijima kwijomo Cosmos.
Yisizini yakhe yokuqala egijima kwiwits njengoba eseyingxenye yomlando wayo omuhle. Uthi ujomo Sono ongumnikazi wecosmos umfundise okuningi ngempilo. Uthi nakuba ekwazi ukusebenzisa kahle imali kungenxa yeziyalo zikasono. Ingxoxo kamonare neLANGA Langesonto ngempilo yakhe yangaphandle kwenkundla ihambe kanje:
ILANGA Langesonto: Ngabe wenzani ukuba kawuyena umdlali webhola?
Monare: Ngabe ngiwunjiniyela. Bengimatasa ngibhalisa EDUT kulo mkhakha kwase kuqhamuka ituks nentshontsho elingcono ngayijoyina. Ngaleso sikhathi bengiqeda ugrade 12 efutura.
ILANGA Langesonto: Kawuzichaze ukuthi ungumuntu onjani.
Monare: Ngingumuntu othanda amancoko nokuthandayo ukuhlala nabantu. Ngingumuntu ongeneka kalula.
ILANGA Langesonto: Usichitha kanjani isikhathi sakho uma ungekho enkundleni?
Monare: Ngizihlalela nabangani bami u-aubrey Ngoma wecape Town City, uthokozani Sekothlong wefree State Stars, udaniel Thobejani nothato Moletle abangekho kunobhutshuzwayo. ILANGA
Langesonto: Usabakhu- mbula nje abangani okhule nabo esecunda?
Monare: Ngeke ngibalahle abangani bami. Ngizwana nothabo Hlatshwayo nosimesihle Ngwenya. Selokhu sazwana sisebancane kuze kube yimanje.
ILANGA Langesonto: Uhamba ngaluphi uhlobo lwemoto?
Monare: Ngisebenzisa igolf GTI yohlobo lwesimanje.
ILANGA Langesonto: Usumthathile unkosikazi?
Monare: : Kangikagcagcelwa kodwa ngisohlelweni lwakho. Nginengane eyodwa uthabo Mabake. Ubiza isibongo sikanina engingakathandi ukumdalula emphakathini.
ILANGA Langesonto: Nibangaki kwenu?
Monare: Sibathathu. Kukhona ulebohang ongudadewethu omdaba bese kuba yimina nothabo oyiwele lami. Sizwana kakhulu naye ngathi uyimina uqobo.
ILANGA Langesonto: Usebenzisa luphi uhlobo lukamakhalekhukhwini?
Monare: Ngine-iphone 6S. Ngikhona nasezinkundleni zokuxhumana. Kwifacebook abalandeli bebhola bangangithola ku:thabangmonare kanti kwi-instagram ngingumonare 4. Iwhatsapp ngiyisebenzisela ukuxhumana nabangani nomndeni wami.
ILANGA
Langesonto: Yiluphi uhlelo lukabonakude olukho- nzile? Monare: Ngithanda ispecial Assignment (esisakazwa kwiSABC3) necheck Point) yakwaENCA. Lezi zinhlelo ngizithanda ngoba ziphenya izindaba ezisematheni zobugebengu nezijulile. ILANGA Langesonto: Ukhona umsakazo owuthandayo? Monare: Mina kangiyena umuntu we- radio. Ngilalela umculo wehip hop.
Ngithanda umculo ka-okmalumkoolkat (ogama lakhe langempela ngusmiso Zwane wasemlazi wodumo lwenoni elithi: Gqi! okuyingoma ayihlanganise no-amadando. ILANGA Langesonto:
Sewake wasivakashela isiqiwi?
Monare: Kangiyena umuntu okhonze izilwane. Isikhathi engisitholayo sokuphumula ngisichitha nabangani bami.
ILANGA Langesonto: Abadlali bebhola badume ngokuba nezimpahla zohlobo oluthile abazigqokayo, wena ufa naziphi?
Monare: Kangiyena umuntu okhethayo, ngigqoka noma yini engisuke ngiyifuna ngaleso sikhathi.
ILANGA Langesonto: Iyiphi ikilabhu okhule uzifela ngayo kuleli naphesheya kwezilwandle?
Monare: Ngikhule ngithanda ikaizer Chiefs kuleli kanti phesheya ngithanda imanchester United yase-england.
Ngikujabulela kakhulu ukuhlula ichiefs ngoba bengifisa ukuyidlalela kodwa yangangithatha. Ngiyadabuka njengoba sibhekene nayo emdlalweni wokusonga isizini ye-absa Premiership.
ILANGA Langesonto: Uhlele ukwenzani njengoba kuzokuba nekhefu kwipremier Soccer League (PSL).
Monare: Ngihlela ukuyozihlalela nomama wami esecunda ngimjabulise ngemali engizoyithola njengoba sinqobe iligi.
Ngihlela nokumgixabeza ngomuzi njengoba sinqobe i-absa Premiership. Ngikhulele kwagogo manje ngifuna umama wami abe nomuzi wakhe ngqo azoziqhenya ngawo.
ILANGA
Langesonto:
Yimaphi amazwe osuke waya kuwona?
Monare:
Ngike ngaya emauritius nase-egypt.
Ngisafisa ukuya efrance, espain nase
Italy.
Ngiyakuhalela ukuyodlala kula mazwe.
ILANGA
Langesonto: Ubani ojwayele ukuhlala naye uma nisekhempini?
Monare: Ngihlala nabantu abaningi kodwa ngi- jwayele ukuhlala noxola Mlambo. Sizwana kakhulu naye.
ILANGA Langesonto: Uthini umbono wakho ngempumelelo kadaine Klate kunobhutshuzwayo wakuleli?
Monare: Ungumdlali okhethekile. Ungumholi wethu ngoba uyakwazi ukusikhuthaza nxa sehlelwe yimimoya. Usezuze lukhulu ebholeni futhi simbongela kakhulu ngempulelo yakhe. Nguyena osenze sakholwa ukuthi iwits ingayinqoba i-absa Premiership. Usitshele ukuthi unqobe iligi kathathu nogavin Hunt nesupersport futhi ufuna