I-wits nesicelo esimqoka kwisundowns
Ukunqoba iligi lbadinga ngokugcwele abadlali abayisize
IBIDVEST Wits eyizingqwele ezintsha zepremier Soccer League (PSL) izoshaya indesheni kwimamelodi Sundowns eyihlwithe isicoco ngabadlali ababili efuna ukubagcina.
Izitshudeni zithweswe umqhele wokuba yizingqwele zeligi emuva kokuba ziguqise ipolokwane City ngo-2-0 kowe-absa Premiership ngolwesithathu ebusuku ebidvest Stadium, egoli. Izowunikwa ngokusemthethweni umqhele emdlalweni wayo wokugcina lapho izobhekana khona nekaizer Chiefs ngomgqibelo ngo-15h00 EFNB Stadium, esoweto.
Iwits inqoba lesi sicoco nje, ibiboleke abadlali ababili kwiDowns. Iboleke umogakolodi “Tsotso” Ngele odlala esiswini nocuthbert Malajila ongumgadli. Laba badlali babe nesandla ekutheni iwits inqobe isicoco seligi njengoba befike benza umehluko.
Nokho idowns isithe uma kuvulwa isizini ezayo icela laba badlali babuyele kuyona. Leli phephandaba lithole ukuthi iwits izoshaya indesheni kwidowns ukuze ibanike laba badlali ngokugcwele. Kuthiwa iwits isikhiphe itshe lemali efuna ukuthenga ngalo laba badlali kodwa konke kulele kwiDowns.
Leli phephandaba lishayela ujose Ferreira oyisikhulu esiphezulu kwiwits ngalolu daba, ukuqinisekisile ukuthi bazoshaya indesheni kwidowns ngalaba badlali.
“Sisazohlala phansi nabadlali sizwe ukuthi bona basazimisele yini ngokuqhubeka nokudlala eki- labhini. Uma bevuma ukuqhubeka nathi sizokube sesiyoshaya indesheni kwisundowns ngoba ngabadlali bayo thina ngeke senze lutho ngaphandle kwayo.
“Kodwa-ke ngeke ngikufihle ukuthi bangabadlali esibadingayo futhi abenze umehluko omkhulu ekilabhini ngesikhathi sibabolekile. Okwamanje sisajabulela impumelelo yethu esiyisebenzele kanzima. Ngibonga kubona bonke abebesiseka kunzima,” kusho uferreira.
Uthulani “TT” Thuswa wezokuxhumana kwidowns, uthi akukho abazokusho ngalaba badlali kuze kube iwits iza kubona.
Uthi okwamanje kuzofanele babuyele ekilabhini uma kuphela isivumelwano sokubabolekisa abasenze newits ebiqala ukunqoba iligi selokhu isungulwe ngokuqala kwe-1920.