Sebenzisa isikhathi osiniki we ngoba asihlehleli emuva
AKEKHO owaziyo ukuthi ikusasa lisiphatheleni kodwa esikwaziyo wukuthi uma lifika lizosibuza umbuzo othi senzeni izolo.
Yilapho-ke liyobe lifuna khona ukwazi ukuthi namhlanje besicabangani, senzani ngesikhathi ebesinaso.
Amandla amanje adinga siwasebenzise ngokwedlulele ngoba imanje liyedlula kanti uma selidlulile kawukwazi ukulibuyisa. Uma uthula, ucabanga, uyabona ukuthi le nto yesikhathi unkulunkulu wayenza yaba yimpicabadala. Isikhathi asibambeki, asilawuleki, asinazwelo, asilaleli muntu, asiyi ngokuthi ububanjezelwe yini, noma izimo zakho zithini.
Isikhathi sinamandla amakhulu kunayo yonke into ekhona phansi komthunzi welanga. Uthixo usenze saba ngabantu abanamandla ngokwengqondo, okungukuthi ukucabanga kwethu kwehluke kakhulu kunayo yonke indalo asiphe yona.
Kuningi okuyaye kubonakale kunamandla kunomuntu uma ubuka isiqu sakhe.
Okumqoka wukuthi ingqondo yethu yakhiwe ngendlela yokuthi noma kungaba khona into noma isilwane, noma isimo esesabeka kangakanani, nesingabonakala sinamandla kangakanani kodwa ingqondo yethu yakhelwe ukuthi sikwazi ukulawula lezo zimo.
Lokho singakwenza ngokuthi sicabange amasu okuzigwema noma okuzilawula (izimo).
Uma ngingenza nje isibonelo ngesilwane esesabekayo njenge- bhubesi, okungathi uma umuntu ehlangane naso, kuyena kungaba wukuthi ugcinile ukulibona ilanga.
Kodwa ingqondo yomuntu iyona esebenzayo ukukwazi ukulibamba ibhubesi, liyovalelwa lapho lingeke lizithole lichanasa khona lize libeke impilo yabantu engcupheni.
Kuningi esingakubala okunamandla angawedlula awomuntu kodwa akwaziyo umuntu ngokusebenzisa amandla engqondo yakhe ukukulawula.
Kuyamangalisa ukuthi okwesikhathi kuyinto ongeke ukwazi ukuyilawula. Kuyabonakala ukuthi isikhathi singunkulunkulu uqobo. Imihla ngemihla kungathi unkulunkulu usuke ethi ngikhona, wenzani ngami?
Ukusivusa ekuseni, akhiphe ilanga, asiphe amahora ngamahora osukwini, lize libuye lishone ilanga, umbuzo olokhu usele kumuntu nomuntu yilowo othi wena wenzeni ngesikhathi esisinikiwe sonke?
Ubuhlungu obukhulu ngesikhathi yilobu bokuthi ngesikhathi wena ungenzi lutho kodwa abanye abantu basemshikashikeni wokusebenzisa lesi sikhathi abasinikiwe.
Lokho kuyokwenza ukuba kusasa uma isikhathi sesibuza ukuthi sisetshenziswe kanjani, wena ongenzanga lutho, uvele uncele isithupha ngesikhathi abantu bekhombisa umhlaba ngezinto abazenzile zaphumelela ngesikhathi sonke abebesisinikiwe.
Ukunganaki ukuthi njengoba isikhathi sisinikiwe, nawe umelwe wukulima, uhlakule eyakho indima, kungakwenza ukuthi ungajabuli impilo yakho yonke.
Phela akumnandi ukubona ontanga yakho bephumelela, wena ube usilele emuva. Ngiyathanda ukukuqinisekisa ukuthi ukungenzi lutho kwakho namhlanje, kuyizinkomba zokuthi lesi sipho sesikhathi asisho lutho kuwena.
Ngakho-ke uzovuna njengokutshala kwakho, okungukuthi uma ungatshalanga lutho ngesikhathi sokutshala, uzongavuni lutho ngesikhathi sokuvuna.
Lisebenzise imanje ngoba linamandla okulawula indlela ozofika ngayo ekusaseni. Qaphela ukubambisisa imanje, ulisebenzise ngakho konke onakho, nawo wonke amandla omqondo nokucabanga kwakho.
Ukwenza njalo kuyoqinisekisa ukuthi ikusasa uzobe ulilungiselele kahle, nalo ikusasa uma ufika kulo, liyokuvuna ngokusebenzisa kwakho imanje.
Bonke abantu abathanda ukuhlehlisa isikhathi masibakhumbuze ukuthi sona asihlehli, nguwena ohlehlisa lokhu okumele ngabe ukwenza manje kodwa sona asisoze sahlehla. Vuka manje, usukume usebenzise isikhathi samanje, uzilungiselele ukwemukela ikusasa elingcono.
Qikelela ukusebenza ngesikhathi osinikiwe.
Abafisa ukuphawula noma ukuzwakalisa imibono yabo ngale ngosi, bayacelwa bathumele kwiemail ethi:abombuso@gmail.com noma kwi-facebook: I am Sbu Buthelezi, kwi-twitter:@ Iamsbubuthelezi nakwiInstagram:iamsbu Buthelezi