Eyesibongo uzoyichaza encwadini
UZOCACISA konke ngendaba yesibongo sakhe umorgan Gould (34) oyisitobha sesupersport United encwadini ekhuluma ngempilo yakhe kusukela ekhula kuze kube yimanje njengoba esebheke ekuthatheni umhlalaphansi kunobhutshuzwayo. Ugould udabuka esoweto, egauteng. Uqale amabanga aphansi emfundo esaint Theresa wabe esedlulela ejeppe Boys aphothule kuyona umatikuletsheni.
Lo mdlali ukhuliswe ngugogo wakhe uthandi Majozi nakuba bebekhona abazali bakhe. Njengabo bonke abadlali bebhola, uqale wagijimela inoordgesig Sundowns wadlulela kwibedfordview Country angahlalanga isikhathi eside kuyona wahlwithwa yiwits Juniors neriverlea Sporting ngaphambi kokubonwa yinkosi yebhola u-ephraim "Jomo” Sono njengoba egijimele ijomo Cosmos ngowezi-2001 kuya kowezi-2008. Ngenxa yekhono lakhe ube esethola amadlelo aluhlaza kwisuperSport United kusuka ngowezi-2008 kuya kowezi-2012 ngaphambi kokuthathwa yikaizer Chiefs ngowezi-2012.
Ngesikhathi ephelelwa yinkontileka kwichiefs, ubizwe ngustuart Baxter ngesikhathi ejoyina isuperSport ngowezi-2016. Lo mdlali uvuselele inkontileka yakhe nesupersport United ngonyaka owodwa muva nje. Ingxoxo kagould NELANGA Langesonto ngempilo yakhe yangaphandle kwenkundla ihambe kanje:-
ILANGA Langesonto: Awukhulanga nje uyingane etotoswayo njengoba ukhuliswe ngugogo wakho?
Gould: Bengiwumntwana obegangile esakhula kodwa ngingasitholi isibhaxu ngenxa yothando ugogo nomama abebenginika lona.
ILANGA Langesonto: Uphuma ekhaya elinjani?
Gould: Ngikhule ekhaya elifana nawo wonke amakhaya aselokishini bekuzanywa engikudingayo. Impilo ngeke ngiqambe amanga beyinzima yingakho uma ngibona umuntu exakekile ngithinteka kakhulu enhliziyweni.
ILANGA Langesonto: Yikuphi okokuqala okwenzayo uma uvuka ekuseni?
Gould: Ngivuka ngixubhe amazinyo bese ngibheka imiyalezo ocingweni.
ILANGA Langesonto: Ukuba awulidlalanga ibhola ngabe wenzani?
Gould: Ngemuva kokuphothula u- matric benginephupho lokwenza izifundo zobunjiniyela icivil okanye i-mechanical kodwa ibhola layithatha inhliziyo yami.
ILANGA Langesonto: Ngike ngezwa kuthiwa uyazifikela endodeni yingakho nasebholeni ungathi nsi. Ungathini ngalokho?
Gould: Ngeke ukholwe ukuthi abantu ngibakhonzile. Okwasebholeni kwenziwa wukuthi ngilithatha njengomsebenzi hhayi ngoba nginolaka. Uma ngizihlalele nabangani bami bangakutshela ukuthi ngikhonze ukuzihlekela.
ILANGA Langesonto: Ushibilika ngamotoni?
Gould: Ngisebenzisa eyohlobo lwakwabmw.
ILANGA Langesonto: Ukhonza kuliphi ibandla?
Gould: Ngikhonza emaromeni, ngiyikhatholika kusuka sisakhula ekhaya.
ILANGA Langesonto: Uzwakala uzishibilikela ngesizulu kodwa isibongo sakho esakwagould. Awunabe kabanzi ngalokhu.
Gould: Ngicela ukungandi kakhulu ngendaba yesibongo ngenxa yokuthi izokuba sencwadini engizoyibhala ngempilo yami.
ILANGA Langesonto: Awusithi fahla kancane nje ngomndeni wakho?
Gould: Ngizalwa ngugugu Majozi Gumbi (umama wami) bese ubaba kube ngugoodenough Nkomo. Ngicela ukuma lapho.
ILANGA Langesonto: Kuyezwakala, ngabe usushadelwe futhi unazo izingane?
Gould: Yebo ngibusiswe ngezingane ezintathu u-olwethu oneminyaka eli-10 kuze uthando oneyisi-7 kugcine uluyanda onezinyanga eziyisi-9. Sekunesikhathi ngigcagcelwe nokho ngicela ukuligodla igama likankosikazi.
ILANGA Langesonto: Uthanda ukudla okunjani?
Gould: Ufishi nelavette. Ngizifela kakhulu ngalokhu kudla.
ILANGA Langesonto: Yisiphi isilwane osikhonzile?
Gould: Ngizithanda ukufa izinja. Ngizifuyile eziyisi-7. Inhloso enkulu wukuba zigade umndeni wami uma ngingekho. Ngeke ukholwe ukuthi ngibuye ngizihambise kugogo kumbe kumama ukuze zingajwayeli indawo eyodwa.
ILANGA Langesonto: Pho abangani bakho benzenjani uma befuna ukuvakasha ufuye izinja eziningi kangaka?
Gould: Ha ha ha ha, bayazi kahle ukuthi kwami alufakwa lubuya nodaka. Bayasaba, abangivakasheli nje nhlobo kunalokho yimina oya kubona.
ILANGA Langesonto: Yiluphi uhlelo olukhonzile olungakuphuthi emsakazweni noma kuma- bonakude?
Gould: Ngeke ukholwe, ngenxa yokuthi sebefudukele ethekwini abantu engibathandayo. Ngibalandela khona, ikings of the Weekend (DJ Naves and Sphectacula) kwigagasi FM ngo-3 kuya ku-6. Empeleni ngabafowethu abawe bevuka nami. Kumabonakude ngithanda ishift Redemption.
ILANGA Langesonto: Emculweni ukhonze luphi uhlobo?
Gould: Yi-afro-pop, yi-r n B nehip Hop kariky Rick.
ILANGA Langesonto: Ngesikhathi sibonana emoses Mabhida ububalisa ngomakhalekhukhwini kwenzekeni ngawo?
Gould: Ngehlelwa yishwa nje ngesikhathi siyodlala e-afrika sizivocavoca ngakhohlwa ucingo ejimini. Kufana nokuqala phansi yonke into. Ngenhlanhla ezinkundleni zokuxhumana ngisebenzisa ilaptop kangilahlekanga.
ILANGA Langesonto: Yibaphi abangani ojwayele ukuhlala nabo.
Gould: Baningi kakhulu nokho engijwayele ukuba nabo ukgotso Maseko, utsepo Masilela nobernard Parker.
ILANGA Langesonto: Ngike ngalunywa indlebe ukuthi ujwayele ukuvakasha ethekwini. Usuke wenzani?
Gould: Nginomndeni omkhulu, ezinye izihlobo zasekhaya zisethekwini. Nginomndeni wakwamajozi, owakwanxumalo nowakwaharvey. Yonke le mindeni ibambe iqhaza elikhulu empilweni yami ngesikhathi izinto zisabheda yingakho ngingakhohlwa ukuyivakashela uma ngisethekwini.
ILANGA Langesonto: Yimuphi umdlali kwipremier Soccer League (PSL) okuhlaba umxhwele?
Gould: Nguthulani “Tyson” Hlatshwayo. Ungigeza igilo ngempilo yakhe kwazise uzabalaze kanzima efuna ukuphumelela. Ngiyambongela ngempumelelo yakhe selokhu engene ebholeni elikhokhelayo.
ILANGA Langesonto: Ufisa ukuvakashela kuliphi izwe nomndeni wakho?
Gould: Sengizihambile izindawo eziningi nokho e-afrika yikhona engifisa ukugxilisa khona umqondo wami. Ngihalela ukuyopholisa ikhanda emorocco, ezanzibar nasekenya.
ILANGA Langesonto: Ngaphambi kokubeka amakhokho ethala usengaya phesheya kwezilwandle?
Gould: Ngeke ngikwazi ukumelana nokuhola amakinati asemazweni afana ne-india. Ngiyoliyeka ibhola lapha eningizimu Afrika.
ILANGA Langesonto: Uthini umyalezo wakho entsheni?
Gould: Kumele ingakufisi ukuba yimina ngoba nami impilo ngikhule inzima.
Kumele isebenze kanzima futhi izimisele kukhona konke ekwenzayo ukuze iphumelele.