Behlukile Abathandwa
IQEMBU elisha elicula umculo wokholo ngaphandle kwezinsimbi elibizwa ngokuthi Abathandwa, elihlanganiswe ngamalungu ali-13 lasemlazi, eningizimu yetheku, lithi liyazi ukuthi libhekene nenselelo yokuba liqhamuke nokwehlukile kulolu hlobo lomculo.
“Laba bafana basebancane kanti kuningi okusamele bakuvezele umphakathi.
"Okusihlabe umxhwele ehhovisi size sikhethe ukusebenza nabo wukuthi banethalente elehlukile kulabo abanye abenza lolu hlobo lomculu,” kusho u-asanda Mpayiase okhulumela leli qembu.
Kuyaziwa ukuthi leli qembu akulona lodwa elicula umculo wokholo lingasebenzisi izinsimbi. Amanye acula ngaphandle kwezinsimbi ngabanqobi, yithemba nethimba Le Africa.
Leli qembu likhiphe icwecwe lalo lokuqala ngqa ngesonto eledlule, ngaphansi kwenkampani yomculi ongasekho, usfiso Ncwane, ebizwa ngokuthi yincwane Communications. Ngaphambi kokuba ashone uncwane, u-asanda uthi washona ephezu kwezinhlelo zokukhipha i- album yabo.
“Sithe asigxume sihlale emsebenzini wabo njengoba bese sivele sihlelile ukubakhipha kodwa saphazanyiswa wukudlula emhlabeni komphathi wethu,” kuqhuba yena.
Isihloko se- album yabo sithi “Amagatsha” kanti ingoma abafolosa ngayo ithi “Ngibone Ngamehlo.” Ngesonto eledlule bebeqopha i- video yayo le ngoma. Leli qembu liphinde livele nasemdlalweni owuchungechunge Uzalo. Amalunga alo aneminyaka ephakathi kwama-20 kuya kwengama-25. Ngaphandle komculo, amanye awo ayasebenza kanti amanye ayafunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.