KUJIKIJELWANE NGEZIMPAHLA KOWENTSHA
KUJIKIJELWANE ngezimpahla kwanjeya emcimbini wokuvalwa kwenyanga yentsha, i-abongile Mangala
Youth Celebration.
Ubetusile Mcinga obehambisana nodumi Mkokstad nojumbo Nyangiwe nguyena oqale lo mkhuba wokujikijelana ngezimpahla.
Ubesacule amaculo ambalwa ngesikhathi ekhumula ibhantshi lakhe eliphonsela abalandeli. Abalandeli bavele bakhumula izigqoko nezikhafu baziphonsela laba baculi. Lo mcimbi obusezinkundleni zemidlalo, imphuthumi Mafumbatha, ebizana, e-eastern Cape, bese kungokwesibili wenziwa. Inhloso yawo wukugqugquzela nokufukula intsha yakule ndawo.
Ukholeka utshele izinkumbi zabantu ukuthi kulo nyaka uqeda iminyaka engama-20 esendimeni yomculo. “Ngagcina ukuba kule ndawo (Bizana) eminyakeni eyisi-7 edlule. Namhlanje ngizojabula kanye nani. Okungijabulisa kakhulu wukuthi kulo nyaka ngiqeda iminyaka engama-20 ngisendimeni yomculo wokholo,” kusho ukholeka maqede waqhulula izingoma ezamdumisa eminyakeni eyedlule.
Akagcinanga lapho njengoba ephinde wanikeza u-abongile, ongumhleli womcimbi, isibusiso. “U-abongile ngimaze ngesikhathi esokhozini FM, basukela lapho-ke ubudlelwano bethu. Namhlanje ngize kulo mcimbi wakhe ukuzomeseka nokuzokhuluma naye njengomzali. Ngizomnikeza isibusiso sokuba uthixo ambusise kukhona konke akwenzayo,” kusho ukholeka. Lo mcimbi uvulwe ngusonkondlo, usiyabonga Mpungose kwalandela unomakhisimsi, kwaba ngusimphiwe Shembe kwagcina unganengane ehambisana nobhotsotso.
Emuva kwalokhu kube sekulandela abaculi bokholo abashaye into ecokeme. Phakathi kwabo bekukhona uthinah Zungu, ubutho Vuthela nomkakhe uyolanda Vuthela, um Sya, uthobekile Mkhwanazi nabanye.
Uhlelo beluphethwe ngumsakazi wokhozi FM, u-irvin Sihlophe.