SEBEFAKE UMPHATHI WABO ENKANTOLO BEKHALA NGEMALI YABO
INHLANZI ishelwe ngamanzi ngosolwa ngokuqola amalunga eqembu idance Africa Dance emuva kokuba befake umphathi wabo enkantolo ngoba ehluleka ukubakhokhela imali ngokwesivumelwano.
Kuthiwa usfiso Mthethwa, ongumsunguli wedance Africa Dance ugixabezwe ngamaphepha asenkantolo amphoqa ukuba avele enkantolo mhla lulunye kuNcwaba (August) emuva kokuba edelele imiyalelo yenkantolo ebimphoqa ukuba abakhokhele imali. ILANGA Langesonto lithole ukuthi bangama-40 abantu abangaphansi kwaleli qembu abangakayitholi imali yabo. Leli qembu lithi, selikhathele wukubanjiswa udonga ngumthethwa njengoba elikweleta izizumbulu zemali.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, umthethwa wehlulekile wukukhokhela leli qembu imali ebekuvunyelwene ngayo. Lithi umthethwa ubaqashele ukuba banandise emdlalweni weshashalazi obuseplayhouse ngenyanga eyedlule. Lithi linadisile ziyisi-8 kuya zili11 ngenyanga efile. Bekuthiwe iqembu lizothola u-r1 500 wokuziqeqesha njalo ngesonto njengoba liqale ukusebenza kusukela ziyisi-7 kundasa kuya kweziyisi-7 kunhlolanja nonyaka.
Belethenjiswe u-r6 500 emuva kokunandisa. Elinye ilunga laleli qembu elingathanga ukudalulwa lithe: “Sigcine ngokuthola imali yamasonto amathathu nakhona ibingaphelele. Sibone kungcono ukuba simfake enkantolo yamacala amancane umthethwa ngoba akafuni nemali yethu. Inkantolo imnikeze izinsuku ezili-14 ukuba asikhokhele kodwa kuze kube yimanje akaze akwenze lokho.
"Ngolwesine simnikeze incwadi emphoqa ukuba avele enkantolo ngenyanga ezayo ngoba uyahluleka wukusikhokhela imali yethu,” kusho leli lunga.
Amalunga edance Africa Dance kuthiwa bekumele alibangise erussia kwifiFA Confederations Cup eqale mhla zili-12 kuya zingama-26 kunhlangulana (June) beyokweseka iqembu lesizwe lasecameroon. Ethintwa YILANGA Langesonto umthethwa ngalezi zinsolo, uthe asikho isidingo sokuyisa udaba emaphepheni ngoba ubatshelile ukuthi imali bazoyithola. “Ngicele ukuba bangibekezelele kancane imali yabo baziyothola. Ukuba imali ikhona ngabe bakhokheliwe futhi ngabe siyile erussia. Emuva komdlalo obuseplayhouse bathe bayawuthatha umdlalo wami bawenza owabo," kusho umthethwa.