KUGQUGQUZELWA ABAHOLI BANGASONGI IZANDLA
IBISEZINGENI eliphezulu ngakho konke inkonzo yesidlo sakusihlwa yerestoration of God’s Glory Centre, okuyibandla eliholwa ngumfu Sanele Hadebe, nowakwakhe unkk Nonhlanhla Hadebe (umakhumalo) ngomgibelo odlule.
Umfu Hadebe ubezihlele kahle zonke izinto zakhe njengoba intshumayelo yale nkonzo yethulwe ngumbhishobhi Sibusiso Zikhali, ongumsunguli nomholi webandla ilife Abundant Bible Church International, erichard’s Bay, kwathi uhlelo lwayo lwaphathwa ngumphostoli Thandanani Goodman Nala, ohola ibandla ilife Changing Ministries, enquthu.
Kwabezindaba bekukhona ILANGA, I-1KZN TV nabesiteshi somsakazo ikhwezi FM. Imeya ebimelwe ngumnu Mncedisi Makuyi, ibonge umfu Hadebe ngokukhetha ilokishi iwembezi ukuba kwenzelwe khona lo mcimbi nakuba indawo aqhuba kuyona umsebenzi wenkosi isedolobheni emtshezi.
Unxuse ibandla ukuba likhulekele ukuphela kwenhlese esasele yodlame oluke lwaba kule ndawo phambilini.
Emuva kokwamukelwa nokwethulwa kwezihambeli eziqavile, kube nengxoxo ebithwetshulwa YI-1KZN TV lapho umphathi wohlelo, umphostoli Nala ebuze umfu Hadebe ngenhloso yalo mcimbi.
Lokhu bekuyiqhinga elihle kakhulu okuzovezwa ngalo umbono umfu Mkhize anawo ngaleli bandla.
Umfu Hadebe ongowokuzalwa lapha emtshezi, umsebenzi weNkosi uwuqale eminyakeni emine (4) eyedlule emuva kokusebenza phansi ko-kholo lwabefundisi abamandulele ebandleni, i-apostolic Faith Mission.
Esechaza-ke ngombono wakhe ngebandla aliholayo, uthe njengo- ba kulesi sikhathi esiphila kusona sebulahlekile ubuntu, kanjalo nasebandleni kukhona okulahle- kile futhi okudinga ukubuyiselwa endaweni yakho. Ngaphezu kwalokho wathi ubona kusemqoka ukupheleliswa komzalwane kuzona zonke izinhlangothi zempilo: emzimbeni, ngokomoya, yinhlalo emphakathini, nakwezezimali.
Maqondana nenkonzo yesidlo sakusihlwa, uthe ngaso wethula ebandleni nasemphakathini ngokubanzi umkhankaso wesikhwama sokuthenga indawo ibandla lakhe isakhiwo salo endaweni okungeyalo esikhundleni sokuqasha njengoba kwenzeka njengamanje.
Emuva kokweneka izinselelo ezikhona neziholele ekubeni kuzaleke lo mbono, kube sekulandela intshumayelo ehlabahlosile eyethulwe ngumbhishobhi Zikhali esihloko sithi “Ukubaluleka Kwendlu kankulunkulu” ebisekelwe ngencwadi ye-zikronike 7.
Phakathi kwezinye izinto aziphawulile kule ntshumayelo umbhishobhi Zikhali uthe nakuba inkosi udavide ingalakhanga ithempeli nokho yayinikelile kakhulu.
Usolomon indodana yakhe yona yalakha yalethula kunkulunkulu nokho naye wanikela kakhulu lapho isilivula. Kuleli phuzu uthe abantu banikela ngoba bebonela kubaholi babo kepha kule mihla sekuvame abaholi abasonga izandla ngoba belindele ukuba kunikele abantu.
Wafakaza ngokuthi yena kwelinye lamagatsha aphansi kwebandla aliholayo unikelele ukwakhiwa kwendlu yalo ngemali engaphezu kwengxenye yesamba semali ebidingekile.
Ucacise nokuthi udavide wanikela kakhulu ngoba ujehova wayembusisile ngoba unkulunkulu ngeke athi menzele utho uma kungekho akuphathele khona.
Abaculi be- gospel, udumi nothobekile babashiye bekhathele abazalwane ngezingoma zabo ezishukumise indlu yonke balibala ngisho nangamakhaza abeshubisa umnkantsha. Ngendlela ebekumnandi ngayo kulo mcimbi wangomgqibelo, kuze kwangenelelwa osukwini lwangeSonto. bonginkosi@ilanganews.co.za