4.INGANE IHLAWULWE NGENYE INDODA
Ibubuhlungu kakhulu into obhekene nayo dadewethu ikakhulukazi ngezimo osudlule kuzo. Ngicabanga ukuthi kulesi simo obhekene naso ukuze uphole kuyofuneka kuqondwe noma kukhulunywe iqiniso ikakhulukazi iqiniso litshelwe wena.
Ngicabanga ukuthi iqiniso okufanele ulazi ileli lokuthi ubuhlungu obuningi obuzwa manje nezinto eziningi ezenzeka kuwe manje njengokuzonda abantu besilisa nje nokuzivalela ekameleni wedwa, konke lokho kuyimiphumela yento eyodwa wena ongayenzanga okungikuthi wathula wabafihla wangabaceba abantu abakuhlukumeza ngokocansi.
Ngisazibuza namanje njengoba ngikubhalela nje ukuthi engabe losisi wayethuleleni engasho ukuthi uyadlwengulwa noma yini le eyayidala ukuthi asabe ukubaceba. Sengathi nofundayo kule ngosi angafunda kuwe sisi ukuthi ukuthula ube uhlukunyezwa kugcina kukwenze waphila kabuhlungu.
Ngenxa yokuthi isimo sakho sibucayi ngiyafisa ungithinte kulenombolo engezansi noma ushiye umyalezo ngikuthinte mina.ngiyakuqinisekisa mhla wakhuluma ngalesi simo uyophola ngoba kuyabulala ukophela ngaphakathi. PASTOR: Ngingowesilisa, ngathandana nowesifazane wase ekhulelwa emva kwalokho sahlukana. Kuthe esebelethile wathi ingane ngeyami, ngemukela lokho kodwa manje ngizwa ngomfowabo ukuthi ingane isihlawulwe ngenye indoda.
Sengididekile-ke kangazi noma ngimbuze yini noma ngizithulele. Ngisize pastor.
IMPENDULO: Mfowethu kule nkinga obekene nayo kawudingi nje ukuthi siloku silanda izinto ezingathi shu kodwa ngingathi kuwe uma kungathiwa thula ungambuzi losisi ngiyaqinisekisa ungagcina uphenduke isiphukuphuku esilokhu sizibuza sona futhi siziphendule sona.