THANDI ZONDI
SAWUBONA wesbusiso Mbona odume ngodj Sjerere. Bengisacela ukwazi ukuthi wagcina kwabani esikoleni uma kuwukuthi wafunda? Ngibuza lokhu nje, ngixakwa yisingisi osibhala ezinkundleni zokuxhumana. Kusukela ngonyaka odlule ulokhu uthi “My single isi coming soon”. Manje sengiyadideka noma uyawazi yini ukuthi usho ukuthini usoon lowo. Phela lokho kusuke kusho ukuthi into isisemome, manje sekuyophela unyaka wesibili usibelesele ngala manga. Ngiyakucela mina ngiwumzala ukuthi awuyihoxise manje le mibhalo yakho kuze kube wukuthi sekusemome ngempela ukuthi iphume. Uma kuwukuthi ubungaqondi ukuthi lisho ukuthini leli gama ngiyakuxolela. NGIPHOXEKE ngaswela umgodi wokucasha abantu bekhala ngokungahleleki kwemabala
Noise emcimbini abebewuhlelile ngesonto eledlule owandulela IVDJ.
Phela imabala siyithatha njengenkampani engomacaphuna kusale.
Lokho kuyenza ikwazi ukuqasha noma ngabe ngubani ozokwenza umsebenzi ophelele.
Reggie mfanakithi ngathi kuzomele ubize umhlangano ophuthumayo ezisebenzini zakho ozethembile. Ngeke sisole wena ngoba ubumatasa nenkomfa kaKhongolose, kodwa sisola labo abasondelene nawe obathembile ukuthi bakwenzele umsebenzi ngendlela. Uma kumele uxoshe umuntu ungesabi, kunokuthi kwenzeke umsebenzi ongahlelekile bese kwehla isithunzi senkampani yakho. ABANYE abaculi sengathi ungagcina ngokubalalela emsakazweni nje, ungazixaki ngokubabona ngamehlo. Lo mculi waseswazini, usands, ocula itigi, kade ngangilangazelele ukumbona ecula bukhoma. Ngenhlanhla ngimbone kwelinye lamatende kwivdj, angizange ngiphoxeke kanje. Bengilindele unqambothi lomculo, sengilungise ngisho indwangu yokusula izinyembezi uma sengikhaliswa wubumnandi bomculo wakhe. Kodwa hhawu! Angikwazi ukuphoxeka okunjeyana, ubuzibandela nje. Ngicela uhambe uyozilolongela ukucula bukhoma ukuze abantu bangabhoreki uwena. Ngikuthanda kabi nephimbo lakho limnandi kodwa umsebenzi usemkhulu. Kumele uxhumane noringo izinkakha zikudodise. DJ Bongz sizwile ukuthi usushiyile enkampanini yakho owayisungula wena, imabala Noise. Ngeke sikwazi-ke ukuqala sikubongele ngoba asisakwethembi. Phela wena uyindoda enesibindi kabi edayisa ngegama layo.
Okumele sikwazi-ke manje ukuthi siqhubeke yini sikubize ngomabala noma usungugwaragwara? Uma kwenzeka kuqhamuka esinye isiqumama sithenga leyo
Gwaragwara thina sekuyomele sifunde igama elisha futhi? Ayi ngeke ndoda awuzame ukubekezela entweni yakho noma kunzima. Syazi ugovner wakusiza wabuyisa isithunzi sakho njengoba wawusubuyele Kwandengezi nje, kodwa angicabangi ukuthi kwaba umqondo omuhle ukuthi umdayisele onke amashezi akho. Kulungile-ke sekwenzekile usunegwaragwara manje, besicela uzinze-ke kuyona ungadidiswa yizimpunyela. NGITHI angithathe leli thuba ngibongele iqembu lamazulu ngokukwazi ukuthenga isitifiketi sethanda Royal Zulu. Ngiselapho nje, make ngibuze kumdu Ncalane okhulumela umasipala wasemhlathuze, ukuthi, aphi amanga
ELANGA? Phela wena Mdu Ncalane igama lethu walidicilela phansi wasenza abantu abasenga ezimithiyo. Kuyokusiza ukuthi uxolise ngoba imithombo YELANGA ayishayi eceleni. Ubuze umsakazo igagasi 99.5 nabo bazivumela bukhoma ukuthi imithombo
YELANGA ayishayi eceleni.
Njengesifundiswa kuyokusiza ukuthi wenze uphenyo lwakho ngaphambi kokuba uthuke abantu njengoba wenza nje kuleli phephandaba.