BADONSWE NGENDLEBE ABE-DOWNS
BADONSWE ngendlebe ukugwema amakhadi angenasidingo abadlali bemamelodi Sundowns ezodudulana ne-as Vita Club yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) kowokugcina wamaqoqo kwiconfederation of African Football (Caf) Champions League namuhla ngesonto ngo-19h00 elucas Moripe Stadium, e-atteridgeville.
Uhlompho Kekana ongukaputeni wesundowns utshele
ILANGA Langesonto ukuthi nakuba bewafuna ephelele amaphuzu kulo mdlalo, kodwa ngeke nangengozi bangene ngomkhono nangesiphanga kwazise sebephakathi vele esigabeni sama- quarter final alo mqhudelwano abayizingqwele zawo.
“Sidonswe ngendlebe ukugwema ukuthola amakhadi kungenasidingo. Phela sesingenile esigabeni esimqoka somkhumulajezi, ngakho abaqeqeshi badinga isikwati esiqinile emidlalweni ezayo.
"Nokho lokho kakusho ukuthi sizothela imizimba phansi kulo mdlalo, sizowalwela ngokucophelela amaphuzu agcwele,” kusho uhlompho.
Le kilabhu iya kulo mdlalo ikhululeke ngaphakathi njengoba ufike ilele endaweni yesibili kwigroup C ngamaphuzu ayisi-8 kuthi i-esperance yasetunisia iqhwakele ngayisi-9.
Nakuba isaint George yase-ethiopia inamaphuzu ayisi-5 kodwa ngeke isakwazi ukugudluza idowns endaweni yesibili njengoba idliwelwe ekhaya ngamasandawana ngeledlule kuba ngu-1-0.
Emlenzeni wokuqala wala makilabhu ashayane aze abukana kuleli kuba ngu-0-0 okwenze idowns yaqoqa amaphuzu amane ibhekene nayo okuyiwona awelisele kuma- quarter final ezikapatrice Motsepe (ongu-mnikazi wedowns) yize ingakagijinywa imidlalo yokugcina.
I-esperance izodlala owokugcina nest George namuhla ngo-19h00 etunisia. I-esperance nesundowns sebelwela ukuthola amaphuzu azobenza baqede endaweni yokuqala kulesi sigaba.
Kulo mdlalo kulindeleke ukuba kubonakale uwayne Arendse oseqatha ngokugcwele emuva kwesikhathi eside engabonakali ngenxa yokulimala.
Emidlalweni edlule yedowns emuva bekuvale ubangaly Soumahoro ongowokudabuka e-ivory Coast ebambisene nomotjeka Madisha okhombise ukuvuthwa okukhulu selokhu eqalile ukubonakala emidlalweni yale kilabhu ngesizini ephelile.
Idowns izogijima lo mdlalo ngaphandle kukatiyani Mabunda odonseke umsipha nosiyanda Zwane osazile ukudla ngokwenkolo yakhe.