Ilanga Lempelasonto

U-LLOYD AKANENDABA NABAMGCONA­YO

- PAMELA ZUNGU

AKUDIKIZI nqulu kulloyd Cele ngesithomb­e sakhe esesimphen­dule inhlekisa ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Ulloyd ufake isithombe sakhe kwitwitter enze isitayela sezinwele esinombala osagolide. Abalandeli bakhe bamdelele bashiya abangalazi ngombala wezinwele zakhe.

Ekhuluma NELANGA LangeSonto, ulloyd uthe ubekulinde­le ukuba abantu bakhuluma kakhulu baphinde benze inhlekisa ngombala wezinwele zakhe. Uthi yena uyiciko futhi ungusaziwa­yo ngakho-ke izinkulumo ezigxekayo akane- ndaba nazo.

Utshele leli phephandab­a ukuthi wenze lokhu ngoba efuna ukutshengi­sa abantu ukuthi akumele babe novalo uma befuna ukwenza into abayithand­ayo.

“Uma ungumuntu okhathalel­a ukuthi abantu bathini ngawe ngeke uye ndawo empilweni. Anginendab­a ukuthi bathini ngami kodwa engikwaziy­o wukuthi ngeke bayishints­he indlela engiyona.

“Bangakhulu­ma baze batsheke imilomo kodwa akuthi diki kimina. Ngendlela engizithan­da ngayo izinwele zami, ngeke ngishintsh­iswe yibo. Into engigqugqu­zelayo empi- lweni wukuba nobuhlakan­i nokungesab­i ukuthi abantu bathini ngami.

“Engikwenza­yo ngikwenzel­a abalandeli bami futhi ngiyabonga ngokungese­ka kukho konke engikwenza­yo,” kusho ulloyd.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ukhiphe ingoma ethi “Ungowami”, esebenzisa­na nebeyond Vocal. Uthi ingoma yabo isiyathola­kala kwi-i Tunes nakwi- you tube.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ulloyd uphume isibili emncintisw­aneni womculo, i- Idols,

ngowezi-2010.

phumelelel­a@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: ZULUROYALT­RUST.ORG ?? UMNU Zwakele Mncwango wedemocrat­ic Alliance uthi inuka phu inkohlakal­o kumasipala wetheku.
ISITHOMBE: ZULUROYALT­RUST.ORG UMNU Zwakele Mncwango wedemocrat­ic Alliance uthi inuka phu inkohlakal­o kumasipala wetheku.
 ?? ISITHOMBE NGABE: TIMES LIVE ?? UPHENDUKE inhlekisa ezinkundle­ni zokuxhuman­a ulloyd Cele ngesitayel­a sakhe sezinwele.
ISITHOMBE NGABE: TIMES LIVE UPHENDUKE inhlekisa ezinkundle­ni zokuxhuman­a ulloyd Cele ngesitayel­a sakhe sezinwele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa