Ilanga Lempelasonto

I-DA ifuna incazelo ngezigidi

Ezisetshen­ziswe kwi-essence

- PAMELA ZUNGU, SANDILE MAKHOBA NOTHANDI ZONDI

UMHOLI wedemocrat­ic Alliance kumasipala wetheku, umnu Zwakele Mncwango, usola oyinhloko yophiko lwezokuvak­asha kulo masipala ngenkohlak­alo mayelana nezinhlelo zomcimbi i-essence Festival.

Lo mholi uthi kuzomele umnu Phillip Sithole akuqonde ukuthi imali yomkhandlu akusiyo eyakhe nobhululu bakhe kodwa ngeyomphak­athi.

Umnu Mncwango uthi umasipala ugcine sewengeza ngo-r68 million emalini ewu-r35 million obekufanel­e isetshenzi­swe emcimbini wangonyaka odlule, i-essence. Ufuna kuhlale obala ukuthi yenzeni yonke le mali echithiwe.

Uthi umcimbi wakulo nyaka bekungamel­e uqhubeke kungazange kuhlale obala ukuthi kwenzekeni ngemali yangonyaka owedlule. Uthi lo mcimbi uqhubeka ngoba umnu Sithole engumuntu ozithwele.

“Kuyilungel­o lomphakath­i ukwazi ukuthi imali yawo yenzeni. Akahlangen­e neze umnu Sithole nalo mcimbi, wumnyango wezobuciko namasiko - oholwa ngumnu Thembinkos­i Ngcobo - ohlangene ne-essence. Umnu Sithole uphethwe wukuphapha,” kuchaza umnu Mncwango obezwakala ukuthi udinwe uyaqhuma.

Uthi umnu Sithole kumele acacise ngezinkamp­ani eziqashwe ngonyaka owedlule ukuthi ngezobani futhi zathola malini.

Eziphendul­ela kulezi zinsolo, umnu Sithole uthe kayikho le nto eshiwo ngumnu Mncwango. Uthi umnyango wezobuciko namasiko nowezokuVa­kasha iyasebenzi­sana emcimbini we-essence.

“Kawukho umgomo okhishwe wumaspala othi kumele kuchazwe kabanzi ngezimali ezisetshen­zisiwe uma kwenziwa imicimbi. Sike saba nedurban July, icomrades Marathon neminye exhaswa wumasipala - kungani engakhonon­di ngale micimbi? Umnu Mncwango akazazi ukuthi ufuna ukuthini, akavele athule,” kusho usithole.

Uthi lo mcimbi wahlelwa ngowezi-2014, umnu ncwango bekumele ashaye ngonyawo phansi ngaleso sikhathi, acacise ukuthi akahambisa­ni nawo.

“Ubekhona ngozibandl­ela (December) emhlanganw­eni wokuhlela i-essence yakulo nyaka kodwa akashongo lutho. Kungani esekhuluma manje? Ngibona sengathi usethatha izinto ngenhliziy­o,” kusho umnu Sithole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa