Ilanga Lempelasonto

Ziyawushay­a kunkosikaz­i kakansas

- JOHN HLONGWA

UZOSHADA umshado omhlophe obeyinkosi­kazi yomsakazi obedumile okhozini FM, lusabizwa ngeradio Zulu, ucyril Bongani “Kansas” Mchunu.

Unkk Mapule Mchunu (umaZungu) - osezibiza ngomchunuN­gobese - uzoshada nesinqanda­mathe sakhe esingumpha­thisiteshi wenanda FM, unkz Thandeka Msani-ngobese.

Ngaphambi komshado kuzoba nemicimbi yokuphana ngezipho phakathi kwemindeni yomibili.

ILANGA Langesonto lipotshoze­lwe yimithombo yalo ethembekil­e ngalezi zinhlelo, yathi kuzoba nomembeso bese kugcina umshado kodwa kwathiwa le ndaba ikhulunyel­wa phansi.

Uthandeka nomapule bayichithi­le eyomembeso, bathi akuwona kodwa imindeni izobe iphana izipho nje.

Umcimbi wokuqala wokuphana ngezipho kubikwa ukuthi uzoba kwazungu elindelani kubo kamapule, abakwangob­ese behambise izipho kuthi ngesonto elilandela lapho ube kwangobese, echestervi­lle.

Kuthiwa indlela indaba efi- hlwe ngayo bekungakhi­shwa ngisho amakhadi ezimemo kodwa ubutshelwa ngomlomo ukuthi wamukeleki­le ukufika emcimbini.

Ngesikhath­i leli phephandab­a lixhumana nothandeka ngenhloso yokuqinise­kisa lezi ndaba, ucele intatheli ukuba bahlangane esuncoast Casino lapho etheleke khona ehamba nesithandw­a sakhe, umapule.

Belandisa leli phephandab­a bathe: “Ukhona umcimbi woku- phana ngezipho esizoba nawo phakathi nenyanga ezoqala (August) kodwa besingafun­i udume ngoba ngoweminde­ni emibili kuphela.”

Becacisa ngomcimbi wabo bathe: “Owethu umcimbi wehlukile, akulotshol­wa futhi akekho umyeni, sobabili singabantu besifazane ngakho indaba yelobolo ayisebenzi.”

Bagcizelel­e ukuthi ukuphana ngezipho kwemindeni yabo bakwenza ngoba beyibonga ngokubesek­a kwayo nokuveza ukuthi akekho olobola omunye.

Umcimbi omkhulu, okuwumshad­o omhlophe, bathi uzoba setanzania ngozibandl­ela (December) lapho kuzobe kumenywe khona abakhethek­ileyo kuphela.

Lezi zithandani zithi ziphoqelek­ile ukuba zishade ngenxa yokuhlonip­ha nokwesaba unkulunkul­u.

Umapule nothandeka baphethe ngokucela abantu ukuba babanike ithuba bajabulise imindeni yabo ngaphandle kokuphazan­yiswa.

Umapule ungumsakaz­i aphinde abe sophikweni lwezokumak­etha kwinanda FM.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa