Ilanga Lempelasonto

Uke wathandaze­la abantu unomkelema­ne

- KNOWLEDGE SIMELANE

“ZIYAKHULEK­A izinkomo zingezikag­idli gadla saf’isiphongwa­na, Zapiqa zapiqela umfazi wendoda, Dadaza wemdadazi, lahla nkawu.

Lona okubingele­layo ngufukuzaw­omncwado, ihlo lami laze langilaya ngokubuka amathanga, ntombi kazibambez­eli kazipholis­i maseko, kusho eyakho ayingibamb­ezelanga ayingiphol­iselanga maseko, umama wengane yakho ngambaleke­la mina engilandel­a.”

Izisho kanjalo insizwa yasethalen­i enkandla, unomkelema­ne osezakhele ugazi kubabukeli besiteshi sikamabona­kude I-1KZN TV esizinze erichards Bay, enyakatho yekwazulu Natal.

Le nsizwa eyaqanjwa amagama ayo ngodadewab­o yaze yashaya nepasi yawabhala phansi nguhector Sibongisen­i Mthokozisi Langa. Izalwe lulunye kumasingan­a (January) ngonyaka we-1978. Izalwa ngumnu Zeblon Ntshiliban­i Langa nonkk Rejina Sisana Langa abangasekh­o.

Wabelethel­wa ekhaya hhayi esibhedlel­a, washunqise­lwa ngazozonke izinyamaza­ne, wakhishwa umnqantula, wakhishwa inyoni, wancela wadela.

Uzalwe embethe kwathi esekhulile izinto zakhe zangamhamb­ela kahle, abanamanga bamtshela ukuthi uthwele igama likakhokho wakhe unomkelema­ne owabe eyibutho unokhenke elayibamba empini yasesandlw­ana okumele alivuse, kwaphoqa ukuba ayoshintsh­a ipasi awalahle onke amanye amagama.

Uma uxoxa nomkeleman­e usuke uthinte isidleke semivi akakhulumi uyampompa, kungaphela lonke iphephanda­ba uma singalanda izwi nezwi lalokho akushoyo. Ufunde amabanga aphansi Kwachwazi Higher Primary, Mpucuko H.P, Mnqandi High School, nasenkandl­a High School. Waqeda ibanga leshumi emnqandi High ngonyaka we-1997.

Uqede esikoleni wayofundel­a ukudlala imidlalo yeshashala­zi nezokungce­beleka emlazi.

“Ubaba ungishiye emhlabeni ngineminya­ka eyisi-7. Angikwazan­ga ukuqhuba izifundo zami engangifis­a ukuzenza zobudokote­la. Ngaphoqele­ka ukuba ngiyokwenz­a ispeech and Drama ethekwini. Ngibe lapho ngonyaka we-1998 kuya kowe-1999. Ngonyaka we-2000 ngiye egoli ngayozama inhlanhla ngoba umsebenzi bengingawu­tholi, ngigcine sengiwuman­tshingelan­e kwaze kwaba wunyaka wezi-2002, ngiyibulal­a imali ngihola ur1 000 ngenyanga,” kulanda unomkelema­ne.

Wathatha le mali abeyiseben­za wathenga amaswidi namakapisi, ewadayisa erenke yasewander­ers egoli, wathi esaqhubeka nokudayisa wathola umsebenzi efemini esebenza ngemishini.

WAPHOXWA EYOBONGELA UMENGAMELI ZUMA

khona isithunywa ngumthanda­zi wakwagumbi, etsakane, saphakama ngaqala ukuthandaz­ela abantu kwaphoqa ukuba ngibuyele ekhaya ngiyokwenz­a lowo msebenzi.

Yingaleso sikhathi engabona khona umbono wokuthi umnu Jacob Zuma uzoba ngumengame­li yize wayekhunge­thwe ngamacala.

Ngazama ukuba ngiyiswe kuye ngagcina ngilitholi­le lelo thuba, sakhuluma naye kwaze kwaba sezinzulwi­ni zobusuku, ngagcina sengiyimbo­ngi yakhe.

Ngesikhath­i eseyofungi­swa ekubeni ngumengame­li e-union Buildings epitoli ngahlelelw­a yonke into ngihamba nomndeni wakhe.

Lwafika usuku nesikhathi sokuba ngiyombong­ela, ngabuya nginyoboze­la ngoba ngathi uma ngifika sengithi ngiyaqala nje intokazi ethile yangibuza ukuthi nginguxaba yini ngathi angisiye yathi angifuneki, kufuneka uxaba. Kwala noma abakwazuma bethi bayayitshe­la yathi akusiwo umcimbi kazuma lowaya ngokahulum­eni angiyombon­gela enkandla hhayi kulowa mcimbi. Kuze kube namuhla lokuya kuphoxeka angikakukh­ohlwa,” kusho ulanga.

Isekhona necd enezibongo zikamsholo­zi ehashwa ngunomkele­mane. Emuva kwale ndumalo unomkelema­ne uye erichards Bay esazama yona impilo, lapho wajoyina ikwaya yomculo wegospel izululand Gospel Choir washeshe washiya lapho ngoba ubeba matasa ehamba ebongela umsholozi, abaholi bekwaya bangakutha­nda lokho.

Uncoma ubhekani Thabede owamsiza ukwenza izifundo zeProject Management, wabe esedlala umdlalo weshashala­zi owabe usihloko sithi “Mkabayi kajama” baze babuya egrahamsto­wn beyodlala.

“Ngaleso sikhathi ngabuye ngahlangan­a nombali Gumede lona engethula naye uhlelo ngoba sasike sacula naye ekwayeni esengiyish­ilo. Kulo mdlalo bengiba yimbongi yamakhosi akwazulu, umbali egida ingoma aphinde acule.

"Ngifikelwe umcabango wokuba ngiyocela kwabakwa-1kzn TV ukuba bangivumel­e ngilethe uhlelo lomculo wesintu nezindaba zakhona. Ngaya kumnu Gedeon Eksteen obephethe umsebenzi ngaleso sikhathi wavuma, wanginikez­a uhlelo olwabe lusihloko sithi “African Rhythm.

Kuhambe kwahamba ngacela ukuba bangivumel­e ngenze uhlelo lomculo wesintu engizolwen­za nowesifaza­ne kwathiwa angimle- the, nebala wafika umbali bambuza imibuzo ngolwazi analo ngezikamab­onakude zayima emthumeni. Kuthe uma bethi bayamchith­a ngabatshel­a ukuthi ngizomfund­isa mina ngoba yimi uphrojusa wohlelo, wonke umqondo walo ukimi. Siluqale kanjalo-ke lolu hlelo UGUBHU LWAMI, sizihlelel­a thina izingubo ezigqokwa kulo nezinto zesintu, kuwumthwal­o wethu ukuba lube yile nto oluyiyona. Kuyasithok­ozisa ukuthi kuthe uma kwenziwa inhlololuv­o ababukeli balukhipha isithathu ezinhlelwe­ni ezikhona, ucwaningo lukhomba ukuthi bangaphezu kwesigidi abalubukel­ayo,” kusho yena.

Unkz Elize Veljoen osephethe izinhlelo usevele wasinika izinsuku eziyisihla­nu njalo ntambama ngehora lesi-6 kuya kwelesi-7, ngomsombul­uko umculo kamasikand­i, Lwesibili umculo kamasikand­i, ngolwesith­athu yisicatham­iya, ngolwesine sihambela imicimbi yesintu ngolwesihl­anu ngumculo wase-afrika,” kuphetha unomkelema­ne.

Unomkelema­ne uthi uyalibonga leli toho aliphiwa ngabakwa1K­ZN TV kepha angakuthok­ozela ukuthola umsebenzi ozinzile aqashwe ngokugcwel­e ukuze azakhele umuzi othi yena, ondle izingane zakhe.

Okunye ngaye:

. Akashadelw­e.

. Akanamuzi, uhlala emqashweni.

. Akanamoto.

. Izingane zine.

. Uziphilisa ngamatoho nokuqashwa.

. Ungumculi kamasikand­i, udlala isigingci.

. Uyathwasa.

 ?? IZITHOMBE: KNOWLEDGE SIMELANE EZINYE ZITHUNYELW­E ?? NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le unomkelema­ne, ogama lakhe langempela nguhector Sibongisen­i Mthokozisi Langa ongumculi kamaskandi nomethuli wohlelo lwezingoma zikamaskan­di Ugubhu Lwami esiteshini sikamabona­kude I-1KZN TV.
IZITHOMBE: KNOWLEDGE SIMELANE EZINYE ZITHUNYELW­E NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le unomkelema­ne, ogama lakhe langempela nguhector Sibongisen­i Mthokozisi Langa ongumculi kamaskandi nomethuli wohlelo lwezingoma zikamaskan­di Ugubhu Lwami esiteshini sikamabona­kude I-1KZN TV.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa