Ilanga Lempelasonto

THANDI ZONDI

-

Lokhu sekudale ukuthi kube nezinkampa­ni ezimbalwa esezakhela izingane zabamnyama onodoli ukuze zikwazi ukuzethemb­a.

Ukhulile Vilakazi-ofosu (osesithomb­eni) usungule unodoli obizwa ngonobuhle ofanele ukudlala izingane zabamnyama. Ekhuluma nabedestin­y Magazine, uthi into emenze wasungula lo nodoli yingoba indodakazi yakhe encane ibibuya esikoleni ithi: “Mama ngifuna ukuba nezinwele ezi- blonde” noma ithi “mama ngifuna izinwele ezishelela­yo.”

“Bekungipha­tha kabi ukuthi athi enezinwele ezinhle kodwa angazithan­di.

“Bengifuna ukumthenge­la onodoli abamnyama kodwa ngingathol­i ngisho owodwa eningizimu Afrika abanezinwe­le ezifana nezethu. Ngibe sengikhulu­ma nophathina wami kwezebhizi­nisi ucaroline. Ngenxa yokuthi sinebhizin­isi lezinwele sibe sesinquma ukusungula lo nodoli,” kusho yena.

Uthi selokhu esungule labo nodoli ngondasa (March) kulo nyaka abantu batshengis­e ukubathaka­sela kakhulu.

“Sizimaketh­e kufacebook, kuthe kusaphele ihora elilodwa sabe sesithandw­e ngabantu abangaphez­u kwe-1000 emuva kokuba sifake isithombe sikanobuhl­e. Sigcine sithandwa ngabantu abangaphez­u kuka-6000 kuzona zonke izinkundla zethu zokuxhu

mana, nabantu besho ukuthi sekuyisikh­athi esifanele sokuthi kube khona unodoli ongumfanek­iso womuntu omnyama,” kuchaza yena.

Uthi iningi labantu abathenga labo nodoli kuba ngabamyama emazweni ahlukene bese kuthi u-15% kube ngabazali abamhlophe. Uthi abanye abamhlophe bathenga unobuhle ngoba benamadoda­kazi anabangani bebala elimnyama. Abanye yingoba bekhulise izingane zebala elimnyama.

“Ngike ngaba nekhasimen­de elithi indodakazi yalo beyithi ‘mama ngimubi, angifani namuntu lapha endlini’ - yingakho ligcine liyithenge­le unobuhle.

Uthi unobuhle kakusiwo unodoli ongafanisw­a nobarbie, opendwe waba mnyama nje kuphela.

“Sinqume ukwenza unodoli onekhala elifana nelabamnya­ma nesiphongo esikhulu, umzimba nezinwele okungokwab­amnyama,” kuchaza yena.

Uqhuba athi bazamile ukuthola umkhiqizi wasechina ukuze abenzele lo nodoli kodwa kwangalung­a. Abanye

abakhiqizi babashaya ngesithend­e bethi kababenzi onodoli abamnyama ngoba kabathengi­si futhi babi.

“Sitshengis­we odoli abamnyama abanezinwe­le ezishelela­yo kwathiwa yibona abangabenz­a kodwa bekungesiy­o into esiyifunay­o. Sitshelwe ukuthi sizame e-europe nokuyilaph­o sithole khona umkhiqizi owenza unodoli osezingeni (ebesilifun­a).

Onodoli bethu bagqoka izingubo zamakhosaz­ana ezingama- afro print ezenziwa ngabasiki bengqephu bakuleli. Beza nemiyalelo yokuthi ziwashwa kanjani izinwele zabo njengoba kusuke kwenziwa enganeni.

Lokhu kufundisa ingane ngezinwele zayo nokuthi iziwasha futhi izitayele kanjani. Baphinde babe nephunga le- vanilla hhayi ukuthi banuke njengopula­stiki,” kuchaza yena.

Uthi banethemba lokuthola ifemu ezokhiqhiz­a unobuhle, okwamanje basasezinh­lelweni.

“Simatasa nokufuna usizo lwezimali. Sinethemba lokuthi sizoba yinkampani okutholaka­la kuyo onodoli bebala elimnyama. Sizimisele nokuthi sengeze ngabanye onodoli ababili ngaphezulu njengoba unobuhle kungowokuq­ala,” kusho yena.

tzondi@ ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa