THANDI ZONDI
Lokhu sekudale ukuthi kube nezinkampani ezimbalwa esezakhela izingane zabamnyama onodoli ukuze zikwazi ukuzethemba.
Ukhulile Vilakazi-ofosu (osesithombeni) usungule unodoli obizwa ngonobuhle ofanele ukudlala izingane zabamnyama. Ekhuluma nabedestiny Magazine, uthi into emenze wasungula lo nodoli yingoba indodakazi yakhe encane ibibuya esikoleni ithi: “Mama ngifuna ukuba nezinwele ezi- blonde” noma ithi “mama ngifuna izinwele ezishelelayo.”
“Bekungiphatha kabi ukuthi athi enezinwele ezinhle kodwa angazithandi.
“Bengifuna ukumthengela onodoli abamnyama kodwa ngingatholi ngisho owodwa eningizimu Afrika abanezinwele ezifana nezethu. Ngibe sengikhuluma nophathina wami kwezebhizinisi ucaroline. Ngenxa yokuthi sinebhizinisi lezinwele sibe sesinquma ukusungula lo nodoli,” kusho yena.
Uthi selokhu esungule labo nodoli ngondasa (March) kulo nyaka abantu batshengise ukubathakasela kakhulu.
“Sizimakethe kufacebook, kuthe kusaphele ihora elilodwa sabe sesithandwe ngabantu abangaphezu kwe-1000 emuva kokuba sifake isithombe sikanobuhle. Sigcine sithandwa ngabantu abangaphezu kuka-6000 kuzona zonke izinkundla zethu zokuxhu
mana, nabantu besho ukuthi sekuyisikhathi esifanele sokuthi kube khona unodoli ongumfanekiso womuntu omnyama,” kuchaza yena.
Uthi iningi labantu abathenga labo nodoli kuba ngabamyama emazweni ahlukene bese kuthi u-15% kube ngabazali abamhlophe. Uthi abanye abamhlophe bathenga unobuhle ngoba benamadodakazi anabangani bebala elimnyama. Abanye yingoba bekhulise izingane zebala elimnyama.
“Ngike ngaba nekhasimende elithi indodakazi yalo beyithi ‘mama ngimubi, angifani namuntu lapha endlini’ - yingakho ligcine liyithengele unobuhle.
Uthi unobuhle kakusiwo unodoli ongafaniswa nobarbie, opendwe waba mnyama nje kuphela.
“Sinqume ukwenza unodoli onekhala elifana nelabamnyama nesiphongo esikhulu, umzimba nezinwele okungokwabamnyama,” kuchaza yena.
Uqhuba athi bazamile ukuthola umkhiqizi wasechina ukuze abenzele lo nodoli kodwa kwangalunga. Abanye
abakhiqizi babashaya ngesithende bethi kababenzi onodoli abamnyama ngoba kabathengisi futhi babi.
“Sitshengiswe odoli abamnyama abanezinwele ezishelelayo kwathiwa yibona abangabenza kodwa bekungesiyo into esiyifunayo. Sitshelwe ukuthi sizame e-europe nokuyilapho sithole khona umkhiqizi owenza unodoli osezingeni (ebesilifuna).
Onodoli bethu bagqoka izingubo zamakhosazana ezingama- afro print ezenziwa ngabasiki bengqephu bakuleli. Beza nemiyalelo yokuthi ziwashwa kanjani izinwele zabo njengoba kusuke kwenziwa enganeni.
Lokhu kufundisa ingane ngezinwele zayo nokuthi iziwasha futhi izitayele kanjani. Baphinde babe nephunga le- vanilla hhayi ukuthi banuke njengopulastiki,” kuchaza yena.
Uthi banethemba lokuthola ifemu ezokhiqhiza unobuhle, okwamanje basasezinhlelweni.
“Simatasa nokufuna usizo lwezimali. Sinethemba lokuthi sizoba yinkampani okutholakala kuyo onodoli bebala elimnyama. Sizimisele nokuthi sengeze ngabanye onodoli ababili ngaphezulu njengoba unobuhle kungowokuqala,” kusho yena.
tzondi@ ilanganews.co.za