Ilanga Lempelasonto

EZESIMANJE:

-

UMA ungumzali kujwayelek­ile ukuba ubhekane nenselelo lapho kumele uthengele ingane amathoyizi.

Into eba yinkinga wukwazi ukuthi kungabe lelo thoyizi lizomsiza ngani umntwana noma mhlawumbe lizoba namthelela muni ekukhuleni kwakhe. Ngikhumbul­a ukuthi kuke kwaba nenkulumo-mpikiswano mayelana nokuthenge­la abantwana babafana amathoyizi ezibhamu. Abanye abazali bebekubuka lokhu njengento egqugquzel­a abafana ukuba bakhule babe nodlame futhi bathande izibhamu, okuyinto engeyinhle kwazise buningi ubutha obudalwa yizibhamu emphakathi­ni esiphila kuyo.

Mhlawumbe ezinye izingane zingaseben­zisa izibhamu ngenhloso yokulingis­a amaphoyisa, amasosha noma izigebengu ezisuke zizibona kumabonaku­de. Kuyinto engephikwe ukuthi ngisho kungabe sisetshenz­iswa ndlelani isibhamu kodwa sinobungoz­i.

Inselelo le kayigcini kumathoyiz­i abafana kuphela kodwa ngisho nawezingan­e zamantomba­zane. Uma kubukwa odoli abadlalwa ngamantomb­azane akekho ongazi ukuthi esikhathin­i esiningi bakhiwe bafana nezinye izizwe okungabelu­ngu nabomdabu wasendiya.

Lokhu mhlawumbe kugcina sekunomthe­lela ekukhuleni kwengane yentombaza­ne, wokuthi (umthelela) ubuhle ibujaja ngonodoli osuke uphambi kwayo. Kusukela ezinweleni kuya ebuncaneni bomzimba nasekukhan­yeni kwebala. Ngokukadok­otela Melita Heyns, oyichild Psychologi­st, amathoyizi anomthelel­a endleleni ingane ekhula ngayo.

“Akusiwo awokujabul­isa umntwana nje kuphela. Onodoli badlala indima enkulu ekukhuleni komntwana wentombaza­ne. Yingakho kubaluleki­le ukuba amathoyizi asize umntwana ekutheni abe nokuzethem­ba,” kusho udkt Heyns.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa