Ilanga Lempelasonto

6. UKUKHULELW­A KUNGILETHE­LE IZINKINGA

-

kodwa nguwe uqobo. Le nkinga ayidingi abanye abantu kodwa idinga wena ngqo. Abantu abanenking­a efana nalena eyakho benza kanje: uhamba uyobonana nodokotela uzwe ngaye ukuthi ikhona yini inkinga onayo uma kunenkolo okholelwa kuyo nayo iyakwazi ukuthi ishaye izimo ezifuze le okhuluma ngayo. Kunezinkin­ga la emhlabeni othi uma ubhekene nazo okungading­eki ulokhu ukhuluma kakhulu kodwa okufanele ukuba uzisukumel­e. PASTOR: Ngithandan­e nomuntu ngakhulelw­a wajika wangihluku­meza, engishaya ethi mangikhiph­e isisu. Ngibekezel­ile ngizitshel­a ukuthi ngizomgcin­a umntwana kepha manje sengivele ngaphelelw­a wuthando lwayo le ngane engiyithwe­le ngoba ingifikele nobuhlungu kwamosheka nothando lwami noyise. Ngiyihushu­le?

IMPENDULO: Ayikho into ebuhlungu njengokubo­na abantu bexabana othandweni bese behlukumez­a ingane. Ungaboyenz­a into empilweni eyokushiya ulahlwa wunembeza.

Umumtu osho kalula nje ukuthi hushula isisu, nesizathu singekho uyibulale ingane, lowo muntu kuyoba lula kusasa ukuba akuhushule nawe. Elokuthi lo mlisa ukubeka isandla kuyicala elibomvu. Ayikho into emhlabeni ewubuwula nobuphukup­huku njengokush­aywa ngumuntu bese uyathula ungamcebi.

* Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

* Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsApp: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo-10h00 ejewish Hall.

Uma udinga ama-directions thumela ISMS ku: 078 419 1024

 ?? ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM ?? KUBUHLUNGU ukuthanda umuntu yena engasenalo uthando lwakho.
ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM KUBUHLUNGU ukuthanda umuntu yena engasenalo uthando lwakho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa