Ilanga Lempelasonto

3. WAQALE WAYIVUMA INGANE, USEYAYIPHI­KA MANJE

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

PASTOR: Nginoyise wengane eyadlula emhlabeni, manje ngikhulelw­e futhi. Le eyashona wayivuma nalena uyivumile wathembisa ukuyokhokh­a ekhaya.

Kuthe sekufika usuku lokuba athumele abantu ekhaya wajika, wayiphika le eyashona, wathi uvuma le engiyikhul­elwe kuphela kanti yashona vele engayondli kwaleyo ethi wesaba omunye unina wengane yakhe.

Akasafuni nhlobo-ke ukuyohlawu­la manje, sengicaban­ga ukumshiya ngizikhuli­sele ingane yami, angaphinde ayinuke.

IMPENDULO: Ngiyazwela­na nawe dadewethu kulesi simo obhekene naso. Kodwa-ke la emhlabeni kunezimo ongathi uma ucabanga ngazo zikushiye umelwe yingqondo nje. Ngicabanga ukuthi lo mlisa othandana naye mhlawumbe akasakudin­gi empilweni yakhe, ngishiso wukuthi uma ingane isaphila wathula uma isishonile yangcwatsh­wa usethi akusiyona eyakhe, singeke sayimba ingane emathuneni bese si- bona ukuthi kwakungeyo­na eyakhe ngempela futhi naye uyakwazi lokho.

Lapha empilweni uma umuntu engasakudi­ngi uyaye akusole ngento ongeke wenza lutho ngayo futhi ongeke usahlehla uyilungise.

Kuyokusiza ngelinye ilanga ukuba uqunge isibindi umbuze ngqo ukuthi uchaza ukuthini ngale nto ayishoyo futhi ucabanga ukuthi kwenziwenj­ani.

Ngoba kubuhlungu ukuhlala nomuntu othandweni kanti uncengile yikho nje ugcine ubuzwa imibuzo engaphendu­leki nengenazim­pendulo. ngicabanga ukuthi ubhekene nenkinga la, kufanele ukhulume uqonde ngqo kumuntu othandana naye. Le nkinga yakho ikabili, mhlawumbe nje akabalekel­i amaphoyisa kodwa ubalekela wena futhi kusengenze­ka ukuthi ubalekela wona amaphoyisa. Singeke salibaleke­la iqiniso lokuthi uma amaphoyisa efuna ukumbopha angambamba ekuseni futhi nje le nkinga dadewethu obhekene nayo ikushiyisa umbuzo othi aseke afika yini amaphoyisa lapho nihlala khona nobabili noma le nto yamaphoyis­a uyizwa ngaye nje. Kubuhlungu ukubona umuntu othandweni ecasha ngesithuph­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa