EZOTHANDO:
UBUDLELWANO nothando akudalelwe nje abantu asebekhulile kuphela kodwa nabantwana abancane bayaludinga uthando nokuba nobudlelwano nabazali babo.
Kunabazali abanemihobholo ezinganeni zabo. Uma umuntu enezinkinga noyise noma unina wengane, akufanele athathe lokho akwedlulisele enganeni ngoba yona kayingene lapho.
Abanye baze bavimbele izingane ukuba zibone umzali wazo ngoba bona bengezwani. Kasikho isidingo sokuba ingane ingakwazi ukuhlangana nomunye umzali wayo ngenxa yokuthi lo mzali ehleli naye akezwani nomunye.
Lokho kungukuncisha ingane ilungelo layo lokusondelana nomzali wayo. Lana kangikhulumi ngabaziphikayo izingane noma abazilahla zinosuku zizelwe kodwa ngikhuluma ngabasuke benabo vele ubudlelwano nezingane zabo, okuthi uma abazali bexabene bese kuliwa ngengane.
Ngelinye ilanga ngake ngamenywa komunye umcimbi ejele labesifazane ewestville, ethekwini, ngabona owesifazane owayemuhle esemncane ebonakala ngisho ebusweni ukuthi ubugebengu kabumfanele. Wathi uma ebuzwa ukuthi ungene kanjani ejele wathi: “Ngangixabene noyise wengane yami, uma ngibuka ingane yakhe ngivele ngiyibone ifana naye kakhulu. Lokho kwangenza ngaba nomona ngingafuni ukuba aphinde ayibone, ngavele ngayibulala.”
Inhloso yalo sisi kwakungukuzwisa uyise wengane yakhe ubuhlungu, kodwa wagcina encishe ingane yakhe ithuba lokuphila. Uma uzonda umuntu wakho, funda ukudweba umugqa futhi ukuqonde ukuthi umntwana angangeni lapho. Ziningi izingane ezingezwani nonina noma oyise bazo kodwa kazazi ukuthi kubangwani.
Ngelinye ilanga ubothatha ithuba uzibuze ukuthi ukhona yini owake wakunqabela ukuba uthande lo muntu ongasamfuni ukuba ingane yakho imthande. Uyazi ukuthi ingane enobudlelwano nabazali bobabili, inempilo emnandi ukwedlula lena engazi noma abazali bayo baphelele yini noma cha. Kungumsebenzi wakho njengomzali ukuqikelela ukuthi ingane ibe nobudlelwano nabazali bobabili.
Ngeke ubaphoqe ngenkani labo abazilahlile izingane. Lowo oyithandayo ingane yakhe mnike ithuba. Ngalokho awenzeli yena kodwa wenzela ingane yakho uqobo. Ungancikiseli umuntu wakho ngengane uma nixabana. Akumele kuthi njalo uma nixabana, wena usulanda ingane yakho - kayidumi kanjalo uma izosuka.