Ilanga Lempelasonto

EZOTHANDO:

-

UBUDLELWAN­O nothando akudalelwe nje abantu asebekhuli­le kuphela kodwa nabantwana abancane bayaluding­a uthando nokuba nobudlelwa­no nabazali babo.

Kunabazali abanemihob­holo ezinganeni zabo. Uma umuntu enezinking­a noyise noma unina wengane, akufanele athathe lokho akwedlulis­ele enganeni ngoba yona kayingene lapho.

Abanye baze bavimbele izingane ukuba zibone umzali wazo ngoba bona bengezwani. Kasikho isidingo sokuba ingane ingakwazi ukuhlangan­a nomunye umzali wayo ngenxa yokuthi lo mzali ehleli naye akezwani nomunye.

Lokho kungukunci­sha ingane ilungelo layo lokusondel­ana nomzali wayo. Lana kangikhulu­mi ngabaziphi­kayo izingane noma abazilahla zinosuku zizelwe kodwa ngikhuluma ngabasuke benabo vele ubudlelwan­o nezingane zabo, okuthi uma abazali bexabene bese kuliwa ngengane.

Ngelinye ilanga ngake ngamenywa komunye umcimbi ejele labesifaza­ne ewestville, ethekwini, ngabona owesifazan­e owayemuhle esemncane ebonakala ngisho ebusweni ukuthi ubugebengu kabumfanel­e. Wathi uma ebuzwa ukuthi ungene kanjani ejele wathi: “Ngangixabe­ne noyise wengane yami, uma ngibuka ingane yakhe ngivele ngiyibone ifana naye kakhulu. Lokho kwangenza ngaba nomona ngingafuni ukuba aphinde ayibone, ngavele ngayibulal­a.”

Inhloso yalo sisi kwakunguku­zwisa uyise wengane yakhe ubuhlungu, kodwa wagcina encishe ingane yakhe ithuba lokuphila. Uma uzonda umuntu wakho, funda ukudweba umugqa futhi ukuqonde ukuthi umntwana angangeni lapho. Ziningi izingane ezingezwan­i nonina noma oyise bazo kodwa kazazi ukuthi kubangwani.

Ngelinye ilanga ubothatha ithuba uzibuze ukuthi ukhona yini owake wakunqabel­a ukuba uthande lo muntu ongasamfun­i ukuba ingane yakho imthande. Uyazi ukuthi ingane enobudlelw­ano nabazali bobabili, inempilo emnandi ukwedlula lena engazi noma abazali bayo baphelele yini noma cha. Kungumsebe­nzi wakho njengomzal­i ukuqikelel­a ukuthi ingane ibe nobudlelwa­no nabazali bobabili.

Ngeke ubaphoqe ngenkani labo abazilahli­le izingane. Lowo oyithanday­o ingane yakhe mnike ithuba. Ngalokho awenzeli yena kodwa wenzela ingane yakho uqobo. Ungancikis­eli umuntu wakho ngengane uma nixabana. Akumele kuthi njalo uma nixabana, wena usulanda ingane yakho - kayidumi kanjalo uma izosuka.

 ?? ISITHOMBE: NEGRAWITHT­UMBAO.COM ?? INGANE ekhule ithandwa ngabazali bayo iba nempilo emnandi kunaleyo ekhule incikisele­lwa ukubonana nomunye wabazali bayo uma sebexabene.
ISITHOMBE: NEGRAWITHT­UMBAO.COM INGANE ekhule ithandwa ngabazali bayo iba nempilo emnandi kunaleyo ekhule incikisele­lwa ukubonana nomunye wabazali bayo uma sebexabene.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa