USEKHIPHE ENYE INCWADI UMBHALI WODUMO
UMBHALI wezincwadi osemncane, usoweto Mandlazi, usekhiphe enye incwadi esihloko sithi, Running My Race.
Lo mbhali uzokhumbuleka kakhulu ngencwadi yakhe ethi Dear Jacob lapho agxekwa khona ngokuqhathanisa ujacob waseBhayibhelini nomengameli wezwe umnu Jacob Zuma. Akamusha kwezokuloba - phakathi kwezinye izincwadi aseke wazibhala ngesihloko sithi Just Teething, Dear Jacob, Life Is A Trip.
Uthi uqale ukuba nothando lokubhala ngesikhathi esafunda amabanga aphansi. Kunomngani wakhe athi wayedinga ukubhalelwa incwadi yezothando ngaleso sikhathi wabe esecela yena, ngebhadi incwadi yabanjwa nguthisha yabe isifundelwa wonke umuntu.
“Yingaleso sikhathi lapho ngabona khona ukuthi nginesiphiwo nothando lokubhala. Bengingabhali mahhala ngoba abebefuna ukubhalelwa bebengipha izinto ezimnandi,” kuchaza yena.
Uthi ngaso sonke isikhathi uma ebhala incwadi usuke ehlose ukuphendula umbuzo osuke ukhona ngaleso sikhathi. Kunombuzo athi uhlale ubuzwa kubantu asebephumelele othi: “wenze ngani.”
Impendulo esikhathini esiningi uthi kuba ngethi: “wukuzama nje kuphela.” Uthi inhloso yale ncwadi bekungukuvulela abantu isifuba ukuthi yena wenze kanjani.
“Ngigijime ngabheka phambili, nganganaka izindaba zami kuphela,” kusho yena. Kule ncwadi ungathekise ngomdlalo wokusubatha, ubalula ukubaluleka kokuzilungiselela, ukwenza nokugxila kokwenzayo. “Encwadini ngikubalulile ukuthi uzilungiselela kanjani, uyiziba kanjani imisindo eseceleni efana nokugxekwa,” kuchaza usoweto.
Uthi incwadi iyatholakala kwaAdams Books noma uthinte yena uqobo kuzo zonke izinkundla zokuxhumana uyakwazi ukuthi akulethele lapho ukhona. Ngomandulo (September) uthi uzobe ethula le ncwadi ngokusemthethweni ethekwini kodwa usuku alukakhishwa.