Ilanga Lempelasonto

USEKHIPHE ENYE INCWADI UMBHALI WODUMO

- THANDI ZONDI

UMBHALI wezincwadi osemncane, usoweto Mandlazi, usekhiphe enye incwadi esihloko sithi, Running My Race.

Lo mbhali uzokhumbul­eka kakhulu ngencwadi yakhe ethi Dear Jacob lapho agxekwa khona ngokuqhath­anisa ujacob waseBhayib­helini nomengamel­i wezwe umnu Jacob Zuma. Akamusha kwezokulob­a - phakathi kwezinye izincwadi aseke wazibhala ngesihloko sithi Just Teething, Dear Jacob, Life Is A Trip.

Uthi uqale ukuba nothando lokubhala ngesikhath­i esafunda amabanga aphansi. Kunomngani wakhe athi wayedinga ukubhalelw­a incwadi yezothando ngaleso sikhathi wabe esecela yena, ngebhadi incwadi yabanjwa nguthisha yabe isifundelw­a wonke umuntu.

“Yingaleso sikhathi lapho ngabona khona ukuthi nginesiphi­wo nothando lokubhala. Bengingabh­ali mahhala ngoba abebefuna ukubhalelw­a bebengipha izinto ezimnandi,” kuchaza yena.

Uthi ngaso sonke isikhathi uma ebhala incwadi usuke ehlose ukuphendul­a umbuzo osuke ukhona ngaleso sikhathi. Kunombuzo athi uhlale ubuzwa kubantu asebephume­lele othi: “wenze ngani.”

Impendulo esikhathin­i esiningi uthi kuba ngethi: “wukuzama nje kuphela.” Uthi inhloso yale ncwadi bekungukuv­ulela abantu isifuba ukuthi yena wenze kanjani.

“Ngigijime ngabheka phambili, nganganaka izindaba zami kuphela,” kusho yena. Kule ncwadi ungathekis­e ngomdlalo wokusubath­a, ubalula ukubalulek­a kokuzilung­iselela, ukwenza nokugxila kokwenzayo. “Encwadini ngikubalul­ile ukuthi uzilungise­lela kanjani, uyiziba kanjani imisindo eseceleni efana nokugxekwa,” kuchaza usoweto.

Uthi incwadi iyatholaka­la kwaAdams Books noma uthinte yena uqobo kuzo zonke izinkundla zokuxhuman­a uyakwazi ukuthi akulethele lapho ukhona. Ngomandulo (September) uthi uzobe ethula le ncwadi ngokusemth­ethweni ethekwini kodwa usuku alukakhish­wa.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USOWETO Mandlazi ukhiphe incwadi ethi Running My Race - Minding My Own Business.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USOWETO Mandlazi ukhiphe incwadi ethi Running My Race - Minding My Own Business.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa