Ilanga Lempelasonto

SIYABUFUNA UBUNIKAZI BEMISAKAZO YETHU

- ZOWAKHA MBATHA

YIQINISO ukuthi abalandeli abaningi bemisakazo bayathanda ukuzibona benobunika­zi bomsakazo abawuthand­ayo. Kuze kwedlulele kwesinye isikhathi kufike nakubasaka­zi imbala nokuyikho okwenza isikhathi esiningi uzwe umlaleli egcwele enkulu indumalo uma umsakazi engamenzan­ga wazizwa njengobasi (umlaleli) wakhe (umsakazi).

Selokhu kwaba nezinkundl­a zokuxhuman­a nje, abalaleli sebevele bamnaphaze kalula umsakazi uma engazange abamukele ngendlela abebefisa noma belindele ngayo. Inkinga nje la iyodwa, wukuthi sifisa ubunikazi singabalal­eli.

Kuba yinto efanayo uma bevakashel­e lapho kusakazelw­a khona bezithola bengamukel­eki ngendlela abebefisa ngayo, bawugxibha nxa zonke umsakazo. Eqinisweni nje size sikhohlwe singabalal­eli ukuthi izinhlobo zemisakazo zehlukene njengoba uthola amapublic, Commercial namacommun­ity Radio station.

Amacommerc­ial asebhizini­sini lokwenza inzuzo ngaphezu kokunakeke­lana nezimfuno zomlandeli ezingahlan­gene nokuthuthu­kisa umsakazo ikakhuluka­zi ngasohlang­othini lwezimali. Kule eminye emibili sinalo ilungelo lokungenel­ela ekushintsh­eni indlela okwethulwa ngayo izinhlelo, noma ukungenele­la ukuqondisa ingqikithi yohlelo.

Kungenzeka esikufunay­o kube ngokugxile ekuthuthuk­iseni umphakathi nakuba kungewona umgomo ozimele walowo msakazo.

Ngeke-ke uthi unalo leli lungelo kwezenza inzuzo. Bazokulale­la phela uma uwuphosa umbono njengoba siphila ezweni lenkululek­o kodwa kabaguquki ezimiselwe­ni zabo.

Yingenxa yezizathu zalolu hlobo uzwa abaphathi bamaPublic namacommun­ity besukumela phezulu uma kukhona ukungagcul­iseki ngohlelo oluthize.

Kwezinye izikhathi baze besabise nangezitel­eka impela abalandeli bomsakazo nokuyinto engeke yabasiza ngalutho esiteshini esizimele, senzuzo.

Ubunikazi-ke kithina balandeli busho ukukwazi nje nokufinyel­ela esiteshini, ubone lapho kusakazelw­a khona. Yingakho imisakazo eminingi uyifica inamafasit­ela amakhulu ukuze uma sivakashel­e khona sikwazi ukubona okwenzeka ngaphakath­i ngisho noma singezukun­gena nhlobo phakathi estudiyo. Umuntu obevakashe­le emsakazwen­i uba ngohlukile.

Zikhathi zonke nje uma ngile kwelakithi, kunensizwa engakhohlw­a wukuthi yatshelwa nguselby Mkhize wokhozi FM ukuthi uyayithand­a ngesikhath­i bevakashel­e emsakazwen­i. Yigugu leli ayoze ashone nalo emgodini.

Ngikuthoko­zele okwenziwe yigagasi FM lethula indawo entsha elizosakaz­ela kuyo ezinye zezinhlelo ikakhuluka­zi ngezimpela­sonto eshaka Marine World. Le ndawo ihanjelwa kakhulu ngabaphuma ngaphandle kwetheku nokuzosho ukuthi igagasi FM lizozimake­tha nakubantu abebengazi lutho ngalo.

Nendawo okubekwe kuyo le studiyo inhle ngendlela eyisimanga njengoba ungenela kubo uma ungena kule ndawo. Bekuyinkin­ga phela ukuvakashe­la lo msakazo njengoba uzinze le emhlanga, manje sesizozibo­nela bukhoma.

Nakuba vele ungaphansi kwaleyo esithi isungulelw­e ukugaya ukheshi kodwa nawo usengoweth­u njengoba sishilo ngenhla.

Uyabona nje okhozini FM olusenkabe­ni yetheku uke ufice kuminyene utshumo efasitelen­i lakhona, abantu beyozibone­la ziphenduka.

Kusuke kungekho lutho olutheni olwenzekay­o kodwa nje ukuxhumana kwabalande­li nabasakazi noma nezisebenz­i nje zomsakazo kuyinto enkulu. Siyalihala­lisela igagasi FM ngokuphume­lela ukwethula lezi zindlu ezintsha zokusakaza.

Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UPHINDA Magwaza wezokuxhum­ana kwigagasi FM nostella Khumalo oyiceo eshaka Marine World kwethulwa istudiyo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UPHINDA Magwaza wezokuxhum­ana kwigagasi FM nostella Khumalo oyiceo eshaka Marine World kwethulwa istudiyo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa