THANDI ZONDI
UZOQOPHA umlando usomahlaya osezenzele igama kulo mkhakha njengoba ebuye abonakale nasemicimbini emikhulu eminye okusuke kukhona kuyo nomengameli wezwe ujacob Zuma.
Uzobe eqopha okokuqala ngqa okwaziwa nge-one Man Show emahlayeni. Umondli Mzizi ungomunye wosomahlaya abavelele eningizimu Afrika kanti kulolu hlobo lomcimbi, usingaye usuke enesikhathi esiningi esiteji okungaze kufinyelele nakwihora nangaphezulu. Ngokujwayelekile osomahlaya baba sesiteji imizuzu ethi mayibe SIYAPHELA isikhathi kubabukeli abathanda ukuvotela osaziwayo ababathandayo emncintiswaneni wezindondo lapho kuzobe kuhlanganiswe khona cishe osaziwayo abasemikhakheni engaphezulu kweyishumi.
Lapha ngikhuluma ngomncintiswano obizwa NGEDSTV Mzansi Viewers Choice Awards ozoba ngomgqibelo zingama-26 kwephezulu, egoli.
Lokhu kuklonyeliswa ngezindondo kubhekiswe kosaziwayo baseningizimu Afrika kuphela.
Yize kwabanye kubonakala njengokuchema lokhu kodwa yiyona miklomelo yezindondo ebhekele osaziwayo abavelele emikhakheni eyahlukene baseNingizimu Afrika, abazokhethwa ngababukeli BEDSTV.
Kubonakala kuwumqondo omuhle impela lo ngoba phela kuzosinika amandla negunya lokukhetha umuntu esimthandayo ngokumvotela ngakho akekho ozophinde athi qhubekani ninomona.
Phela lapha uzobe unesiqiniseko sokuthi kuyacaca ukuthi abantu kabakuzwa njengoba wena ucabanga. Le miklomelo kayibheki endimeni eyodwa mihlanu nangaphezudlwana. Nakuba kuyaye kube khona abamvulelayo kodwa bayaye benze okujwayelekile.
Okamzizi umcimbi obizwa ngethe Step Father uzoba seplayhouse ngomgqibelo ozayo zinhlanu kuncwaba (5 August). Lo mcimbi uzohlukana izigaba ezimbili njengoba esokuqala sizoqala ngehora lesibili emini, esilandelayo sibe ngelesishiyagalombili kusihlwa. Uthi inhloso wukuvulela ithuba nalabo abangakwazi ukuba sedolobheni ebusuku.
Akamusha umondli kulo mkhakha njengoba eseke wahlabana nangezindondo okubalwa eyamasatma ngowezi-2010 kodwa ibheka umculo, ukulingisa, osomahlaya, abalobi, ezemidlalo nokunye okuningi.
Kungithokozisile ukufakwa komkhakha wosomahlaya kulo mncintiswano futhi nokubona kukhethwe labo abanohlonze ngempela.
Phela osomahlaya bayafana nabalobi ngoba bangabantu abenza umsebenzi omuhle neyefuture Leaders ngowezi-2014.
“Nginqume ukuqamba lo mcimbi ngaleli gama ngoba kuwudaba olujwayelekile nengikhuluma kakhulu ngalo. Abantu mabalindele ukubona into yamehlo. Yithuba kimi leli lokubonga kwabangesekile yonke le minyaka ngoba kabasajwayele ukungibona ngoba sengigxile kakhulu emicimbini ekhethekile yabamabhizinisi,” usho kanje.
Amathikithi atholakala ngo-r150 e- computicket kanti ILANGA lingabanye babaxhasi.
zowakha@ilanganews.co.za kodwa kababhekelelwa uma kunikezelwa ngezindondo.
Kuphinde kwaba yintokozo kakhulu ukubona uhla lwemikhakha yezokulingisa lufaka abantu abafana nontokozo Dlamini, Warren Masemola, Siyabonga Thwala, Sello Maake Kancube nothemba Ndaba; kwathi kwabesifazane kwafakwa uvatiswa Ndara, Thuso