Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

manzi, bakhuthazw­e wukuthi uma sebebheme izidakamiz­wa noma bejovwe ngazo bayapiling­ana eziteji kusangane izihlwele.

Uma sibheka izinga lokushona kwabaculi bakithi kuleli, iningi labo lithathwa yizifo eziphathel­ene nalezi zinto esizibale ngenhla.

Singababal­a kuphele iminwe abaculi bakithi abathathwe yizifo ezeyamene nezinso, ukubhema, namahabulo. Kubaluleki­le ukuba sikhuze singapheli amandla yize kwehla kabuhlungu lokhu esikushoyo. Kungcono abantu baziphonse emlilweni bekhuziwe kunokuba bakhale ngathi ukuthi sasithulel­eni.

Abesilisa baba nenkinga yokuxegelw­a ngoziphu kwazise kule ndima uma ungumculi isifazane siyaziqath­akela. Badideka laphoke abaculi bebona amampentsh­isi eziwela phezu kwabo.

Kababe besabheka ukuthi lawo mampentshi­si abolile yini noma akahle, baya bephaphath­eka. Kuba buhlungu umculi eseboqoke edabukisa noma esehlala ehlinile sengathi udle okumuncu enziwa yizinhlung­u asuke ezizwa. Okubuhlung­u wukuthi noma abaculi bangaba yizinkulun­gwane akekho ozothatha isiphiwo somunye.

Enye into esiqede abaculi abangayina­kile, yizimbiza ezenziwa ngamakhemi­khali, ezenziwa ngabantu bethi bakhaliphi­sa abesilisa nabesifaza­ne. Uthola umculi ezixina ngezimbiza zokuchatha aze amelwe yizinso kuthi lapho esefika esibhedlel­a bangabe besamsiza ngalutho odokotela.

Kasisho ukuthi zonke izimbiza ziyabulala kepha kumele kuqashelwe ukuba kungabi yinsakavuk­ela umchilo wesidwaba kungayiywa nakodokote­la bahlolwe.

Nabesifaza­ne bayakwenza lokho, abanye bazigquma bezigqumil­e ubabone sebeyobuke iziqhomo kube njeya. Sithi asikusho konke lokhu ngoba uma sekudaleke umonakalo kusuke kungasekho ukubuyela emuva. Ezinye izinyanga zincoma kwasani zizifunela imali, kukubona abaculi ukuba bazinakeke­le.

Abazinakek­ele abaculi, imindeni yabo iyabadinga, bangasanga­niswa yimisindo yabantu bebabaza ukuthi bayabathan­da (kazi lukalwa ngani futhi kanjani uthando lomuntu). knowledge.simelane@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa