Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

ZETHWESE umthwalo wokusebenz­a kanzima uze uphothule konke osukuqalil­e. Kuningi obekukwenz­a ube nokudideka, kodwa ungase ubone ukuthi bekudalwa yini. Uma uzabalazel­a okuthe phecelezi uzozuza khona futhi. Uyawathand­a amazwi anobuhlaka­ni nabuyisa ithemba.

ARIES

UMA ufuna ukuqhubeke­la phambili kuzodingek­a uzinikele ngawo wonke umfutho onawo. Baningi kakhulu abanye abakhombis­a ukuhambisa­na nawe. Isinqumo ongasithat­ha manje singaba nomthelela omkhulu ekusaseni lakho.

TAURUS (April 20-May 20)

ABANTU abakunika amazwi adingwa yingqondo nenhliziyo yakho yibona okumele uzihlangan­ise nabo. Kunonyawo olusha okuzomele uzimisele ukuhamba ngalo. Sebenzisa amaqhinga ukuze uzokwazi ukuqhuba izinhlelo zentuthuko.

GEMINI (May 21-June 21)

LOKHU ofuna ukukubona kuchuma empilweni yakho yikhona okumele ukulungise­lele manje. Kunezinto nawe okumele uzame ngawo wonke amandla ukuzifunda ukuze ungezoncik­a kakhulu kwabanye.

CANCER

UNEMICABAN­GO ngezinhlel­o eziningi kakhulu ofuna ukuzenza kodwa ubuye ubanjezelw­e wukuthanda kakhulu injabulo. Kukhona ilambu lempumelel­o elibonakal­a likhanya phezu kwezinhlel­o zakho.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

GXILISA umqondo wakho wonke empumelelw­eni. Kwesinye isikhathi kumele sidlule ebuhlungwi­ni obukhulu ukuze kuzozaleka impumelelo yethu. Ungakuvume­li ukudideka kube yingxenye yempilo yakho.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

IMIBONO yobuhlakan­i engakufike­la ingadala umehluko omkhulu empilweni. Lapho abanye bebona khona izinkinga wena ungabona amathuba empumelelo. Uyazibona izinselelo obhekene nazo empilweni ukuthi azikugculi­si.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UMSHIKASHI­KA wokuzithut­hukisa awulidingi nakancane ikhefu. Unezifiso kanye nezidingo eziningi kakhulu ezahlukene. Ubuqhawe bakho buzogqanyi­swa ukufingqa kwakho imikhono, usebenze. Unemicaban­go eguquka njalo ngezinye izinyathel­o okumele uzithathe.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

KUKHONA isinqumo ohlale unongabaza­ne ngaso esithinta kakhulu umsebenzi wakho. Ukulawulwa kwakho wukuzethem­ba kungase kuvule eminye iminyango ebivalekil­e. Uyakhuthaz­eka uma ubona okuhle okwenzeka kwabanye.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

INHLOSO ifana neqanda okumele ulifukamel­e, uyivikele. Ukukhaliph­a kwakho kuhambisan­a kakhulu nokulungis­a izinkinga ezithinta umndeni. Kukhona usizo oludingwa kakhulu ngumaqonda­na kuwena.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

KUZOMELE uzame izinhlelo ezahlukene bese ukhuthala kakhulu kuzona. Impilo yakho kumele nakanjani ihlale ivuselelek­ile. Uthando lwakho ludinga ukuba uluphapham­ise ukuze luzolawule­ka. Uzokwehla umthwalo emahlombe uma ubona ukuthi kumele uqale kuphi ugcine kuphi.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

YISIKHATHI sokuba uphokophel­ele phambili futhi ungalilahl­i kalula ithemba. Ukubuka lapho usudlule khona kukwenza ubone ukuthi ikusasa lakho liqhakazil­e impela. Inhlansi yethemba kakhulukaz­i kwezebhizi­nisi ilokoza ngamandla manje.

PISCES (Feb 19-March 20)

UKUBEKEZEL­A nokulinda isikhashan­a yikhona okumele ukubeke phambili. Khona maduze, izinhloso zakho kanye nezinqumo zakho zizoba ngezivelel­e kakhulu. Uma unesibindi uzokwazi ukubona izinto ezingayifa­nele impilo yakho.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa