ODABENI LWE-TWEET YESITESHI SOMSAKAZO IRADIO 702 LA KUQHATHANISWE KHONA IZINGANE ZABAMNYAMA NEMIDLWANE, NANSI IMIBONO YAKUFACEBOOK:
KAZI bekuyini inhloso yale tweet ebukela phansi abantwana ngalolu hlobo? Mbongeni Shezi
YISIPHUKUPHUKU kuphela esingathi kasikuboni okungasile kulo mbhalo. Ngigeza izandla, lafa elikamjokwana kandaba madoda! Siyabonga Zulu
NGIYAPHINDA futhi ngithi umuntu onsundu uyohlale eyisilwane phambi kwezinye izinhlanga.
Kusho ukuthi nguye umuntu wohlanga owaqalekiswa manje inhliziyo yakhe iyohlale ibuhlungu ngoba kwaqalekiswa ugehazi, ukhokho wabo, (II Kings 5:1-21), funda lapho uzothola kahle. Henry Cannabist Mngomezulu
THINA ndlu ensundu kusagcogconyelwa kithi nje noma singakuziba lokho kodwa kwenzeka mihla namalanga.
Phumlani Muthwenyongo Langa
KUNENTO ecikayo efana nehlaya eliphindwa njalo ngisho lingasa- hlekisi. Laba kabakhathali yini wukusibandlulula?
Bongani Cosurtwo Ndlovu
HHAWU madoda, injemnyana vs ingane emnyama pho? Cha ziyasizonda ezinye izinhlanga. Celi Lindoe
NGAZE ngazizwela lezi zingane ezincane sezifaniswa nezinja.
Poppy Mthombeni MASINGAGXEKWA bakwethu ngokuba ngabansundu, nathi sidaliwe kasizenzanga. Tshezi Nozukile NGIYETHEMBA ziwubonile lo mbhalo lezi zithutha ezilandela ummusi Maimane neda. Kholiwe Xaba
KHULA ubemdala lapha emqondweni wena ngane kaxaba, IDA ingenaphi la? Mzakes Nyanganduna